Basize Baqonde
1 Umphostoli uPetru wavuma ukuthi ezinye izinto ezishiwo eBhayibhelini “kunzima ukuziqonda.” (2 Pet. 3:16) Abaningi baye bazizwa ngaleyo ndlela ngencwadi yesAmbulo. Nokho, incazelo yayo iye yenziwa yakhanya bhá encwadini ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! Singabasiza kanjani abathakazelayo ukuba bayisebenzise ngokunenzuzo?
2 Uma nanixoxe ngesAmbulo 1:3 ekuhambeleni kokuqala, lomqondo ungase uvuselele isithakazelo:
◼“Esikhathini esidlule saxoxa ngendlela ukuqonda incwadi yesAmbulo okungaletha ngayo injabulo. Nokho, leyo njabulo ayizenzakaleli. Okungenani kunezinto ezimbili okudingeka sizenze: Kufanele sifunde iBhayibheli, futhi sikwenze esikufundayo.” Funda bese ukhulumela uJakobe 1:25. Vula ikhasi 8 isigaba 9, bese uchaza indlela ukuqonda incwadi yesAmbulo okungasisiza ngayo ukuba sifunde indlela esingazuza ngayo injabulo emhlabeni omusha oyipharadesi.
3 Uma nanixoxe ngoJohane 17:3 ekuhambeleni kwakho kokuqala, ungase ugcizelele isidingo sokungenisa ulwazi olwengeziwe lweBhayibheli ngokuba uthi:
◼“Esikhathini esidlule ngilapha, safunda kuJohane 17:3 ukuthi ukuba nolwazi ngoNkulunkulu kungaholela ekuphileni okumi phakade. Kodwa ungathanda yini ukuphila phakade emhlabeni onjengalona esiphila kuwo namuhla? [Lindela impendulo.] Abaningi abanakuthanda. Ngenxa yalesi sizathu, singajabula lapho sizwa lokho uNkulunkulu akuthembisile.” Vula ikhasi 303 isigaba 6, funda isAmbulo 21:4, bese uchaza ukuthi umhlaba uyoba njani lapho “izinto zangaphambili zidlulile.” Sikisela ukuphinde ubuye nizoqhuba ingxoxo.
4 Uma wasebenzisa umfanekiso osekhasini 302 ukuze ubonise ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyoqeda ukuhlupheka, ungaphinde uvule incwadi kulelo khasi bese uthi:
◼“Sakhuluma ngezibusiso eziboniswe lapha ezizojatshulelwa abantu ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu. Ucabanga ukuthi yini okufanele siyenze uma sifuna ukuphila ngaphansi kwalowo Mbuso? [Lindela impendulo.] Abanye abantu ezikhathini zeBhayibheli babeka isibonelo esihle okungaba kuhle ukusilingisa.” Funda izEnzo 17:11, ugcizelele isidingo ‘sokuhlola imiBhalo nsuku zonke.’ Chaza ukuthi oFakazi BakaJehova basiza abantu abaqotho emphakathini ukuba bafunde iZwi likaNkulunkulu futhi baliqonde kangcono.
5 Uma washiya ipheshana elithi “Ingabe Lelizwe Liyosinda?” kumninikhaya owayematasa kakhulu ukuba ningaxoxa, ungasebenzisa lendlela:
◼“Lapho ngikuhambele muva nje, wawumatasa kakhulu. Ngakushiyela ipheshana elaphakamisa umbuzo ngokuphathelene nokusinda kwezwe kulezi zikhathi ezinobudlwangudlwangu. Safunda isAmbulo 21:4, esicashunwe kulencwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! [Wufunde ekhasini 303 isigaba 6.] Lomfanekiso [osekhasini 302] ukunikeza umbono wokuthi kuyoba njani lapho ‘uNkulunkulu esula zonke izinyembezi emehlweni ethu.’ Lencwadi inikeza ubufakazi obuqinisekisayo bokuthi lesi sithembiso sizogcwaliseka esikhathini esiseduze esizayo. Uma ungathanda ukuyifunda, lena ingaba ngeyakho ngomnikelo ka-R10,50.”
6 Uma uthola isithakazelo, kamuva uyofuna ukuqondisa ukunakekela encwadini ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade bese uyisebenzisela ukuqala isifundo. Ngokuqinisekile uyothola injabulo enkulu ekusizeni ‘abangenalwazi baqonde.’—IHu. 119:130.