Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/96 k. 4
  • Isambulo—Isihluthulelo Senjabulo Yeqiniso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isambulo—Isihluthulelo Senjabulo Yeqiniso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukumemezela ‘Amazwi Esiprofetho’
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Basize Baqonde
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle Ngomuzwa Wokuphuthuma
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Izintshumayelo Ezithola Ukusabela
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
km 2/96 k. 4

Isambulo—Isihluthulelo Senjabulo Yeqiniso

1 Amazwi omphostoli uJohane kusAmbulo 1:3 ayizindaba ezinhle kithi ngoba asitshela ukuthi singayithola kanjani injabulo. Wabhala: “Uyajabula lowo ofunda ngokuzwakalayo nalabo abezwa amazwi alesisiprofetho, futhi abagcina izinto ezilotshwe kuso.” Incwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! iye yasiza abaningi ukuba bathole injabulo enkulu. Sinesizathu esihle sokuyinikeza abanye.

2 Ungase ukwazi ukuqala ingxoxo ngalombuzo:

◼“Ucabanga ukuthi incwadi yeBhayibheli yesAmbulo yayenzelwe ukuba iqondakale, noma ingabe kwakufanele ihlale iyimfihlakalo? [Lindela impendulo.] Abaningi banombono ofana nowakho. Phawula lokho iBhayibheli elikushoyo kusAmbulo 1:3. [Funda.] Ngakho isAmbulo singaqondakala, futhi ulwazi esiluqukethe lungasilethela injabulo. Kungenzeka kanjani lokhu?” Bukeza amaphuzu asesigabeni 2 esisekhasini 6, bese uthi: “Lencwadi inengxoxo echaza ivesi nevesi lencwadi yesAmbulo. Ngeke kube ukuchitha isikhathi sakho ukuyifunda. Ngingakujabulela ukukushiyela lencwadi ngomnikelo ka-R10,50.”

3 Njengoba abaningi bekhathalela ukuthola izidingo zezinto ezibonakalayo, lokhu kungase kwakhe isithakazelo:

◼“Ucabanga ukuthi isiphi isidingo sethu esikhulu? [Lindela impendulo.] Baningi abaqinisekayo ukuthi sidinga izinto ezibonakalayo eziningi.” Vula ikhasi 73 bese ubukeza amaphuzu ayinhloko asebhokisini elinesihloko esithi “Izinto Ezibonakalayo Ziqhathaniswa Nenhlakanipho.” Qhubeka uthi: “Lokhu kubonisa ukuthi izinto ezibonakalayo zigcizelelwa ngokweqile; kufanele sikhathalele kakhulu izidingo zethu ezingokomoya. Esikudingayo ngempela ulwazi lweqiniso. Kodwa ulwazi olumayelana nani?” Funda uJohane 17:3, bese uchaza indlela ulwazi ngoNkulunkulu olungaholela ngayo ekuphileni okumi phakade. Sikisela ukushiya incwadi bese ubuya uzombonisa indlela eyembula ngayo ukwaziswa okumangalisayo okuphathelene nenjongo kaNkulunkulu yokwanelisa zonke izidingo zesintu.

4 Njengoba abaningi bekhathazekile ngokuhlupheka okusemhlabeni, ungase uzame lokhu:

◼“Wonke umuntu engixoxa naye ukhathazekile ngesikhathi esizayo. Abanye abaholi bezwe banomuzwa wokuthi sisonqenqemeni lwenkathi entsha yokuthula. Uzizwa kanjani ngalokho? [Lindela impendulo.] Naphezu kwayo yonke imizamo yomuntu, ubudlova nokuhlupheka kuyaqhubeka kwanda emhlabeni wonke. IBhayibheli lembula okuwukuphela kwekhambi elihlala njalo lalezi zinkinga. [Funda eyesi-2 Petru 3:13. Vula umfanekiso osekhasini 302, bese uchaza indlela uMbuso kaNkulunkulu wasezulwini oyoletha ngayo ukuthula nokulondeka okuhlala njalo kulomhlaba.] Lencwadi izokusiza ukuba ubone indlela ongaba ngayo ingxenye yalomphakathi omusha wabantu abayojabulela ukuphila okuphakade ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu.”

5 Uma uthola othile omatasa futhi kufanele ufushanise, ungase usho lokhu:

◼“Njengoba unesikhathi esincane, ngingathanda ukukushiyela leli pheshana [noma umagazini onalesi sihloko] elinesihloko esithi [khetha ipheshana noma isihloko esifanelekile]. Ngiyakukhuthaza ukuba ulifunde. Esikhathini esizayo lapho ngidlula, ngingathanda ukwazi ukuthi uzizwa kanjani ngalo.”

6 Lapho uhambisa incwadi, unganqikazi ukusho umnikelo osikiselwe. Izincwadi zethu azibizi kakhulu uma ziqhathaniswa nalezo ezitholakala kwezentengiselwano. Lapho abantu beyikhokhela incwadi yabo kunezela enjabulweni abazoba nayo ngokubona incazelo yeziprofetho ezimangalisayo zesAmbulo.—IzAga 3:13.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela