Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/92 k. 4
  • Izintshumayelo Ezithola Ukusabela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izintshumayelo Ezithola Ukusabela
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle Ngomuzwa Wokuphuthuma
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Ukumemezela ‘Amazwi Esiprofetho’
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Isambulo—Isihluthulelo Senjabulo Yeqiniso
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Yini Engingayisho Ukuze Ngivuse Isithakazelo Esengeziwe?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
km 3/92 k. 4

Izintshumayelo Ezithola Ukusabela

1 Izintshumayelo ezithola ukusabela okuhle yilezo ezibonisa ngokucacile ukuthi indaba okuxoxwa ngayo imthinta kanjani umninikhaya, ukuthi ingokuthile akudingayo noma angakusebenzisa. Kuyo yonke ingxoxo yakho, siza umninikhaya ukuba aqaphele ukuthi, “Lokhu kuhilela mina.” Lapho silungiselela intshumayelo, kufanele sizibuze: ‘Yiziphi izindaba abazikhathalela kakhulu abantu ensimini yakithi? Ziyini izidingo zabo? Ngingasibeka kanjani isigijimi ukuze ngibonise ukuthi uJehova uyacabanga ngezidingo zabo?’ Lapha ngezansi kunezinto ezimbalwa ezibathakazelisa kakhulu abantu namuhla. Ingabe ungasebenzisa enye yazo noma okuthile okufanayo entshumayelweni yakho? Phawula futhi nendlela amaphuzu asencwadini Umvuthwandaba WesAmbulo angahlanganiswa ngayo nengxoxo.

2 Ukukhathazeka Ngokungabikho Kwenjabulo: “Sixoxa nabantu abakhathazekayo ngempela ngezinga lokuphila emphakathini wakithi. Nakuba abantu bengaba nazo izidingo zezinto ezibonakalayo, abaningi abajabuli ngempela ngalokho abanakho ekuphileni. Ingabe ucabanga ukuthi kungenzeka ukuba nokuphila okujabulisayo ngempela? [Lindela impendulo.] Esinye sezihluthulelo zenjabulo sitholakala eBhayibhelini kusAmbulo 1:3. [Funda.] Ukuqonda lokho isAmbulo esikushoyo ngekusasa kungakulethela injabulo. Phawula nje esinye seziprofetho zaso.” Funda isAmbulo 21:3, 4 bese uvula umfanekiso osekhasini 302 lencwadi Umvuthwandaba WesAmbulo.

3 Ukukhathazeka Ngekusasa: “Sizama ukuhlanganyela nomakhelwane bethu umbono oqondile ngekusasa. Ingabe leyo indlela ozama ukubheka ngayo ukuphila? [Lindela impendulo.] NgokweBhayibheli, sinesizathu sokuba nethemba uma senza lokho elikushoyo kusAmbulo 1:3.”

4 Ukukhathazeka Ngokulondoloza Impilo Enhle: “Omakhelwane bethu abaningi bayakukhathalela ukulondoloza impilo enhle. Nokho, naphezu kwezinyathelo zokuphepha esizithathayo sisalokhu sigula. Ingabe ubungathanda ukuphila ezweni lapho wonke umuntu eyojabulela ukuphila okuphelele nobungqabavu? Nakuba lokhu kungase kubonakale kungakholeki, incwadi yeBhayibheli yesAmbulo ikhuluma ngesikhathi esinjalo futhi isitshela ukuthi siseduze.” Funda isAmbulo 21:3, 4. Khona-ke ungavula umfanekiso osemakhasini 308-9 wencwadi Umvuthwandaba WesAmbulo, ubonise indlela abantu abayohlanganyela ngayo emalungiselelweni okuphila phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane.

5 Ukukhathazeka Ngokungcola Kanye Nendawo Ezungezile: “Lapho sikhuluma nomakhelwane bethu, siye sathola ukuthi abaningi bakhathazekile ngendlela umoya wethu, amanzi, kanye nokudla okungcoliswa ngayo. Ingabe ucabanga ukuthi ohulumeni bayoke bakwazi ukukuqeda lokhu? [Lindela impendulo.] Kuyakhuthaza ukuphawula lokho iBhayibheli elithi kuyokwenzeka kulabo ababhubhisa umhlaba.” Funda isAmbulo 11:18b. Veza ukuthi ngaphandle kokususa labo ababhubhisa umhlaba, kuyinjongo kaNkulunkulu ukuba abathobekileyo benze lomhlaba ube ipharadesi, njengoba kuboniswa kumaHubo 37:10, 11 noma uIsaya 65:21, 22.

6 Kulabo Abathambekele Enkolweni: “Sibuza omakhelwane bethu umbuzo: Ingabe ucabanga ukuthi incwadi yesAmbulo yayenzelwe ukuba iqondwe, noma ingabe kwakufanele ihlale iyimfihlakalo? [Lindela impendulo.] Abaningi banombono ofana nowakho. Phawula lokho iBhayibheli ngokwalo elikushoyo kusAmbulo 1:3.”

7 Njengoba uzama ngobuqotho ukufinyelela inhliziyo yezilaleli zakho, labo abalambele iqiniso nokulunga bayosabela.—Math. 5:3, 6.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela