Yini Engingayisho Ukuze Ngivuse Isithakazelo Esengeziwe?
1 Ingxenye eyinhloko yenjongo yethu yokushumayela izindaba ezinhle iwukwenza abafundi, hhayi nje ukuhambisa izincwadi. Khona-ke, ngemva kokuthola isithakazelo, sidinga ukuhlakulela nokunakekela izimbewu esizitshalile, senze ingxenye yethu yokuhlakulela indawo enempilo lapho uJehova angasiza khona lomuntu ukuba akhule ngokomoya. (1 Kor. 3:6) Yini ongayisho ngokulandelayo ngemva kwezintshumayelo zokuqala ezihlelwe ngenhla? Nakhu okunye ukusikisela kwezimo ezahlukahlukene ongase ubhekane nazo.
2 Ukuhlakulela Isithakazelo Esitholakele: “Lapho sixoxa kafushane esikhathini esedlule, wawumatasa kakhulu, kodwa wazinika isikhathi sokuzwakalisa ukukhathazeka kwakho ngekusasa. Njengoba ungase ukhumbule, safunda eBhayibhelini kusAmbulo 1:3 ukuthi ‘isikhathi siseduze.’ Lokho kulithinta ngokuqondile ikusasa lethu sonke. Phawula lokho lencwadi ekushoyo ngokuphathelene nalombhalo. [Funda isigaba 11 ekhasini 17 lencwadi Umvuthwandaba WesAmbulo.] Lencwadi ibukeza zonke iziprofetho ezisencwadini yeBhayibheli yesAmbulo futhi ibonisa indlela esingazuza ngayo thina ngabanye. Ingabe ungathanda ukufunda okwengeziwe?”
3 Ukusebenzisa INcwadi Umvuthwandaba WesAmbulo Ekuqaliseni Isifundo SeBhayibheli: “Kuyajabulisa ukuphinde ngikubone. Kunelinye iphuzu engifuna ukulihlanganyela nawe elitholakala encwadini engakushiyela yona, futhi likhuthaza kakhulu. IBhayibheli likhuluma ‘ngencwadi yokuphila’ ngokuphathelene nalabo abayophila phakade. Ingabe ungathanda ukwazi ukuthi yimaphi amagama akuleyoncwadi?” Vula ikhasi 298 lencwadi Umvuthwandaba WesAmbulo. Funda isigaba 11, bese ubuza imibuzo yalesosigaba. Ngemva kokucabangela izigaba ezimbalwa, sikisela ukubuya bese nizoqhubeka nengxoxo.
4 Ukusebenzisa Enye Incwadi Ekuqaliseni Isifundo SeBhayibheli: “Ngiyajabula ukukuthola usekhaya namuhla. Esikhathini esagcina ngaso ukuxoxa, safunda nawe isithembiso seBhayibheli esikusAmbulo 1:3. [Phinda uwufunde.] Phawula ukuthi injabulo okukhulunywa ngayo ayizizeli nje ngokuzenzakalelayo. Kudingeka izinto ezimbili: Kumelwe sifunde lokho iBhayibheli elikushoyo bese sigcina, noma senze, lokho okulotshiwe. Lencwajana ethi ‘Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha’ izokwenza ukufunda kwakho incwadi engakushiyela yona kube okujabulisa ngokwengeziwe ngoba ichaza ngendlela elula ukuthi ziyini ngempela izimfuneko zikaNkulunkulu. Ekhasini 30 kunohlu lwemibuzo engu-12 ebuzwa abantu abaningi. Yimuphi kuyo ongathanda ukuphendulelwa wona?” Ngemva kwempendulo yomninikhaya, ungavula indawo encwajaneni lapho lombuzo uphendulwa khona bese uqalisa isifundo seBhayibheli.
5 Sebenzisa Imifanekiso Ukuze Uvuse Isithakazelo: Incwadi Umvuthwandaba WesAmbulo inemifanekiso eminingi ecacile. Ingaqokonyiswa ukuze kuvuswe isithakazelo. Ngokwesibonelo, lapho senza impindelo, singavula ikhasi 7. Sibhekisele esithombeni sikaJohane esesiqhingini sasePhatmose. IsAmbulo 1:3 siqokomisa ukuthi isambulo kuJohane sasiyisigijimi esijabulisayo. Lokhu kungenzeka kanjani njengoba isAmbulo sichaza izilo ezesabekayo kanye nembubhiso? Cabangela izigaba 1 no-2 ezisekhasini 6 lalencwadi. Imifanekiso esekhasini lokuqala nelokugcina ingaqokonyiswa, kanye nemifanekiso ebonisa umhlaba oyiPharadesi emakhasini 302, 308, no-309.
6 Lapho senza izimpindelo, kufanele sakhele phezu kwesisekelo esasibeka phakathi nokuhambela kokuqala. Ukunakekelisisa lesici senkonzo yethu kuyoletha izibusiso ezicebile ezivela kuJehova kokubili kithi nakulabo abasilalelayo.—1 Thim. 4:16.