Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/96 k. 3
  • Ngingamenza Kanjani Ukuba Alalele?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingamenza Kanjani Ukuba Alalele?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ikhono Lokulalela Ngothando
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngokuxoxa Nabantu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • ULidiya—Umkhulekeli KaNkulunkulu Owayengenisa Izihambi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Isibonelo Esihle—ULidiya
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
km 2/96 k. 3

Ngingamenza Kanjani Ukuba Alalele?

1 Emzini waseFilipi, “owesifazane othile ogama lakhe linguLidiya, umthengisi wokunsomi . . . wayelalele, futhi uJehova wayivula kakhulu inhliziyo yakhe ukuba anake izinto ezazikhulunywa uPawulu.” (IzE. 16:14) Lokhu kulandisa kusifundisani? Ukuthi okwenza umuntu afunde iqiniso ukulalela. Impumelelo yethu ekuhlanganyeleni isigijimi soMbuso nabanye kuxhomeke kakhulu ekuzimiseleni komninikhaya ukulalela. Lapho sesimenze walalela, kulula kakhulu ukunikeza isigijimi sethu. Kodwa ukwenza othile alalele kungaba yinselele. Yini esingayenza?

2 Ngaphambi kokuba sihlanganyele enkonzweni, kufanele siqaphele indlela esibukeka ngayo kanye nezinto esizozisebenzisa. Ngani? Abantu bathambekele kakhulu ekulaleleni othile obonakala enesithunzi. Ingabe sigqoke kahle kodwa ngesizotha? Nakuba ukugqoka ngokunganaki kungase kuthandeke ezweni, siyabugwema ubudlabha obunjalo ngoba siyizikhonzi ezimelela uMbuso kaNkulunkulu. Ukubukeka kwethu okuhlanzekile kunezela ubufakazi obuhle esigijimini soMbuso esisishumayelayo.

3 Yiba Nobungane Futhi Uhloniphe: Naphezu kwezimo zengqondo ezishintshayo zanamuhla, abantu abaningi basalihlonipha iBhayibheli futhi bayosabela kahle engxoxweni yenhlonipho neyobungane emayelana nokuqukethwe iBhayibheli. Ukumoyizela ngobungane, nokuqotho kungenza umninikhaya akhululeke futhi kuvule ithuba lengxoxo enhle. Ubuqotho bethu nemikhuba emihle kufanele nakho kubonakale ekukhulumeni nasekuziphatheni kwethu, okuhlanganisa nokulalela kwethu ngenhlonipho lokho umninikhaya akushoyo.

4 Injongo yethu iwukuhlanganyela ithemba leBhayibheli nabanye. Sinalokhu engqondweni, kufanele siqikelele ukuthi ingxoxo yethu iyakhanga, ayiphikisi noma ibekele inselele. Asikho isidingo sokuchitha isikhathi siphikisana nomuntu obonakala ngokucacile ukuthi uyaphikisa. (2 Thim. 2:23-25) Singakhetha ezintshumayelweni eziningi ezikhuthazayo nezihambisana nesikhathi esilungiselelwe zona kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso nasencwadini ethi Ukubonisana. Yiqiniso, kudingeka sizilungiselele kahle ukuze sikwazi ukukhuluma ngendlela efudumele neyanelisayo.—1 Pet. 3:15.

5 Ngemva kokuhambela kwethu, bambalwa abaninikhaya abakukhumbula ngokuqondile lokho esakusho. Kodwa, cishe bonke bayakwazi ukuyikhumbula indlela esakhuluma ngayo. Akufanele neze siweye amandla emfanelo yobuhle nomusa. Ngokuqinisekile baningi abantu abanjengezimvu ensimini yethu abayolilalela iqiniso njengoba nje kwenza uLidiya ekhulwini lokuqala. Ukuqaphelisisa ukubukeka kwethu nendlela esikhuluma ngayo kungabakhuthaza abaqotho ukuba balalele iZwi likaNkulunkulu futhi balamukele.—Marku 4:20.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela