Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 11/15 kk. 10-12
  • Ikhono Lokulalela Ngothando

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ikhono Lokulalela Ngothando
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isihluthulelo Esibalulekile
  • Lalela Ngenjongo Yokuqonda Imizwa Yokhulumayo
  • Ukulalela Ngothando Kuyinselele
  • Yiba-yisilaleli Esihle
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Lingisa UMenzi Wabafundi Omkhulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Ingabe Uyisilaleli Esinozwela?
    I-Phaphama!—1994
  • Ingabe Uyomlalela UNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 11/15 kk. 10-12

Ikhono Lokulalela Ngothando

“NGIYABONGA ngokuzinika isikhathi sokungilalela.” Ukhona yini oke washo la mazwi kuwe muva nje? Yeka ukuthi kuhle kanjani ukunconyelwa ukulalela! Umuntu oyisilaleli esihle waziswa cishe yibo bonke abantu. Ngokulalelisisa, singabaqabula abantu abasosizini noma abacindezelwe izinkinga. Ukuba isilaleli esihle akusisizi yini futhi ukuba sibazise abantu? Ebandleni lobuKristu, ukulalela ngothando kuyisici esibalulekile ‘sokucabangelana ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle.’—Hebheru 10:24.

Nokho, abantu abaningi abazona izilaleli ezinhle. Bathanda ukunikeza iseluleko, balandise okuhlangenwe nakho kwabo, noma baveze umbono wabo esikhundleni sokulalela lokho abanye abafuna ukukusho. Ngempela ukulalela kuyikhono. Singakufunda kanjani ukulalela ngothando?

Isihluthulelo Esibalulekile

UJehova ‘unguMfundisi wethu Omkhulu.’ (Isaya 30:20) Angasifundisa okuningi mayelana nokulalela. Cabanga indlela uJehova asiza ngayo umprofethi u-Eliya. Ethuswe izinsongo zeNdlovukazi uJezebeli, u-Eliya wabalekela ehlane wabe esethi ufisa ukufa. Ingelosi kaNkulunkulu yakhuluma naye lapho. Njengoba umprofethi echaza ukuthi wayesabani, uJehova walalela wabe esebonisa amandla aKhe amakhulu. Waba yini umphumela? U-Eliya waqina idolo waphindela esabelweni sakhe. (1 AmaKhosi 19:2-15) Kungani uJehova ezinika isikhathi sokulalela izinto ezikhathaza izinceku zakhe? Kungoba uyazikhathalela. (1 Petru 5:7) Nasi isihluthulelo sokuba isilaleli esihle: Banake abanye, ubakhathalele ngeqiniso.

Lapho indoda ethile yaseBolivia iwela esonweni esingathí sina, yakwazisa ukukhathalelwa okunjalo eyakuboniswa omunye ekholwa naye. Le ndoda iyachaza: “Ngaleso sikhathi ngangizizwa ngingaselutho. Kwakungaba lula ukudikila emzamweni wokukhonza uJehova ukube kwakungengenxa yomzalwane othile owazinika isikhathi sokungilalela. Akandanga ngamazwi, kodwa ukwazi ukuthi wayefuna ukulalela kwangiqinisa ngempela. Ngangingadingi khambi; ngangikwazi okwakumelwe ngikwenze. Ngangidinga nje ukwazi ukuthi kunomuntu onesifiso sokuzwa ukuthi ngizizwa kanjani. Ukulalela kwakhe kwangisiza ukuba ngingagajwa umuzwa wokuba isehluleki.”

ISibonelo esikhulu somuntu owayenekhono lokulalela ngothando uJesu Kristu. Ngemva nje kokufa kwakhe, ababili kubafundi bakhe babeya emzini othile besuka eJerusalema, oqhele ngamakhilomitha angaba ngu-11. Akungabazeki ukuthi babedumele. Ngakho uJesu Kristu ovusiwe waqala ukuhambisana nabo. Wabaqhwanda ngemibuzo ecatshangelwe kahle, futhi abafundi bamphendula. Bamtshela ngamathemba ababenawo nangokudumala nokukhungatheka abase benakho. UJesu wabakhathalela, futhi ukulalela kwakhe ngothando kwabenza bamlalela. UJesu wabe ‘esebachazela izinto eziphathelene naye kuyo yonke imiBhalo.’—Luka 24:13-27.

Ukuqala ngokulalela kuyindlela yothando eyenza nabanye basilalele. Owesifazane othile waseBolivia uthi: “Abazali bami nabasemzini baqala ukuphikisana nendlela engangikhulisa ngayo izingane zami. Ayengicasula amazwi abo, kodwa ngangingenakho ukuzethemba njengomzali. Kusenjalo, kwafika omunye woFakazi BakaJehova. Wakhuluma nami ngezithembiso zikaNkulunkulu. Nokho, yindlela abuza ngayo umbono wami eyangitshela ukuthi lo muntu wayezimisele ukulalela. Ngamngenisa, futhi ngazithola sengimchazela inkinga yami. Wangilalela ngesineke. Wangibuza engangikufuna ngezingane zami nokuthi umyeni wami uzizwa kanjani ngako. Kwangikhulula ukuxoxa nomuntu owayezimisele ukuzama ukungiqonda. Lapho eqala ukungibonisa okwakushiwo iBhayibheli ngokuphila komkhaya, ngangazi ukuthi ngikhuluma nomuntu owayesikhathalela isimo sami.”

IBhayibheli lithi: “Uthando . . . aluzifuneli izinzuzo zalo siqu.” (1 Korinte 13:4, 5) Kusobala-ke ukuthi ukulalela ngothando kusho ukuthi sizibekele eceleni izithakazelo zethu. Lokhu kungase kusho ukucima ithelevishini, ukubeka iphephandaba phansi, noma ukuvala umakhalekhukhwini lapho abanye bekhuluma nathi ngendaba engathí sina. Ukulalela ngothando kusho ukuba nesithakazelo esijulile kulokho okucatshangwa omunye umuntu. Kudingeka sigweme ukuqala ezethu izindaba ngokusho izinto ezinjengokuthi, “Kungikhumbuza okwangehlela nini nini.” Nakuba ukuxoxa ngezinto ezinje kwamukeleka engxoxweni yobungane, kudingeka sizibekele eceleni izithakazelo zomuntu siqu lapho othile exoxa ngenkinga engathí sina. Ukuba nesithakazelo esiqotho kwabanye kungaboniswa nangenye futhi indlela.

Lalela Ngenjongo Yokuqonda Imizwa Yokhulumayo

Abangane bakaJobe bezwa izinkulumo zakhe ezingengaphansi kweshumi. Noma kunjalo, uJobe wathi: “O ukube benginothile ongilalele!” (Jobe 31:35) Kungani asho la mazwi? Ngoba ukulalela kwabo akumnikezanga induduzo. Babengenandaba noJobe bengafune nakuqonda imizwa yakhe. Ngokuqinisekile babengazwelani naye njengezilaleli ezinozwela. Kodwa umphostoli uPetru uyeluleka: “Nonke yibani nomqondo ofanayo, nibonisa ukuzwelana, ninothando lobuzalwane, ninobubele besisa, nithobekile engqondweni.” (1 Petru 3:8) Singalubonisa kanjani uzwela? Enye indlela ingokukhathalela imizwa yomunye umuntu nokuzama ukuyiqonda. Ukusho amazwi ozwela anjengokuthi “kumelwe ukuba kwakucasula lokho” noma “kumelwe ukuthi wazizwa ungaqondwa ngokufanele” kungenye yezindlela zokubonisa ukuthi siyamkhathalela. Enye indlela iwukubeka amazwi alo muntu ngawethu, ngaleyo ndlela sibonisa ukuthi siyakuqonda akushilo. Ukulalela ngothando akusho ukunaka amazwi kuphela kodwa nemizwelo ecindezelwe.

URoberta uyisikhonzi sesikhathi esigcwele esinguFakazi kaJehova esingumakadebona. Uyalandisa: “Ngaphelelwa umdlandla ngenkonzo yami ngesinye isikhathi. Ngakho ngacela ukukhuluma nombonisi ojikelezayo. Walalela ngempela wazama nokuqonda imizwa yami. Wabonakala eqonda ngisho nokuthi nganginovalo lokuthi hleze angithethise ngokuba nesimo sengqondo esinjalo. Lo mzalwane wangiqinisekisa ukuthi wayeyiqonda imizwa yami ngoba naye wayeke wafikelwa imizwa enjalo. Lokhu kwangisiza ngempela ukuba ngiqhubeke nenkonzo.”

Singakwazi yini ukulalela yize singavumelani nokushiwoyo? Singamtshela yini umuntu ukuthi siyakwazisa ukusitshela kwakhe indlela azizwa ngayo? Yebo. Kuthiwani uma indodana yakho esencane ilwe nothile esikoleni noma indodakazi yakho eyeve eshumini nambili ibuya ekhaya ikutshele ukuthi ithanda umfana othile? Akungcono yini ukuba umzali alalele futhi azame ukuqonda okucatshangwa yile ngane ngaphambi kokuchaza ngokuziphatha okufanele nokungafanele?

IzAga 20:5 zithi: “Inhloso enhliziyweni yomuntu injengamanzi ajulile, kodwa umuntu onokuqonda uyoyikhipha.” Uma umuntu ohlakaniphile futhi onokuhlangenwe nakho engathambekele ekunikezeni iseluleko engacelwanga, kungadingeka simumbe ukuze sizwe ukuthi weluleka ngelithini. Kwenzeka okufanayo nalapho silalele ngothando. Kudinga ukuqonda ukuze umumbe umuntu. Ukubuza imibuzo kuyasiza, kodwa kumelwe siqaphele ukuba imibuzo yethu ingagubhi izindaba zomuntu siqu. Kungase kusize ukusikisela ukuba lo muntu okhuluma naye aqale ngezindaba azizwa ekhululekile ukuxoxa ngazo. Ngokwesibonelo, inkosikazi efuna ukukhuluma ngezinkinga zomshado wayo ingase ikuthole kulula ukuqala ingxoxo ngokukhuluma ngendlela yona nomyeni wayo abahlangana ngayo babe sebeshada. Umuntu osepholile enkonzweni yobuKristu angase akuthole kulula ukuqala ngokuchaza indlela alithola ngayo iqiniso.

Ukulalela Ngothando Kuyinselele

Ukulalela lapho othile esicasukele kungaba inselele, ngoba ukuthambekela kwethu kwemvelo kuwukuba sizivikele. Singahlangabezana kanjani nale nselele? IzAga 15:1 zithi: “Impendulo, lapho imnene, iyakunqanda ukufutheka.” Ukumcela ngomusa lo muntu ukuba akhulume bese silalela ngesineke njengoba eveza okumthukuthelisile kungenye yezindlela zokuphendula ngobumnene.

Ngokuvamile izingxabano ezishisayo zihilela abantu ababili abalokhu bephindaphinda lokho asebekushilo. Ngamunye unomuzwa wokuthi lona omunye akalalele. Yeka ukuthi kungaba kuhle kanjani uma omunye wabo engathula abese elalela ngempela! Yebo, kubalulekile ukuzithiba futhi siveze imizwa yethu ngendlela enokuqonda nenothando. IBhayibheli liyasitshela: “Obamba izindebe zakhe wenza ngokuqonda.”—IzAga 10:19.

Umuntu akazalwa enekhono lokulalela ngothando. Nokho, singalifunda uma senza umzamo futhi sizithiba. Ngokuqinisekile liyikhono okuyinzuzo ukuba nalo. Ukulalela ngempela lapho abanye bekhuluma kubonisa ukuthi siyabathanda. Kuyanezela nasenjabulweni yethu. Ngakho-ke, yeka ukuthi kuwukuhlakanipha okungakanani ukuhlakulela ikhono lokulalela ngothando!

[Umbhalo waphansi]

a Igama lishintshiwe.

[Isithombe ekhasini 11]

Lapho silalele, kumelwe sizibekele eceleni izithakazelo zethu siqu

[Isithombe ekhasini 12]

Ukulalela lapho othile esicasukele kungaba inselele

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela