Lingisa UMenzi Wabafundi Omkhulu
“Nakani indlela enilalela ngayo.”—LUKA 8:18.
1, 2. Kungani kufanele uyinake indlela uJesu ayesebenzelana ngayo nabantu phakathi nenkonzo yakhe?
UJESU KRISTU wayefeza indima yakhe njengoMfundisi noMenzi Wabafundi Omkhulu lapho etshela abalandeli bakhe: “Nakani indlela enilalela ngayo.” (Luka 8:16-18) Leso simiso siyasebenza enkonzweni yakho njengomKristu. Uma uyinaka imfundo engokomoya, uyoyisebenzisa futhi ube ummemezeli woMbuso ophumelelayo. Yiqiniso, awukwazi ukuzwa izwi likaJesu namuhla, kodwa ungafunda ngalokho akusho nakwenza, njengoba kwembulwe emiBhalweni. Isitshelani ngendlela uJesu asebenzelana ngayo nabantu phakathi nenkonzo yakhe?
2 UJesu wayengumshumayeli wezindaba ezinhle omuhle kakhulu futhi engumfundisi weqiniso lemiBhalo ovelele. (Luka 8:1; Johane 8:28) Umsebenzi wokwenza abafundi uhilela kokubili ukushumayela nokufundisa. Noma kunjalo, amanye amaKristu aphumelelayo ekushumayeleni akuthola kunzima ukufundisa abantu ngokuphumelelayo. Ukushumayela kuhilela ukumemezela isigijimi, kanti ukufundisa abantu ngoJehova nezinjongo zakhe ngokuvamile kudinga ukuba umenzi wabafundi akhe ubuhlobo nabo. (Mathewu 28:19, 20) Lokhu kungenziwa ngokulingisa uJesu Kristu, uMfundisi noMenzi Wabafundi Omkhulu.—Johane 13:13.
3. Ukulingisa uJesu kungaba naliphi ithonya emizamweni yakho yokwenza abafundi?
3 Uma ulingisa izindlela zokufundisa zikaJesu, uyobe ulalela isiyalo somphostoli uPawulu: “Qhubekani nihamba ngokuhlakanipha ngakulabo abangaphandle, nizithengela ithuba. Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa, ayoliswe ngosawoti, ukuze nazi ukuthi kufanele nimphendule kanjani umuntu ngamunye.” (Kolose 4:5, 6) Ukulingisa uJesu emsebenzini wokwenza abafundi kudinga umzamo, kodwa kuyokwenza ukufundisa kwakho kuphumelele ngoba kuyokusiza ukuba ‘uphendule umuntu ngamunye’ ngokwesidingo sakhe.
UJesu Wayebakhuthaza Abanye Ukuba Bakhulume
4. Kungani singase sithi uJesu wayeyisilaleli esihle?
4 Kusukela esemncane, uJesu wayebalalela abantu futhi ebakhuthaza ukuba baveze imibono yabo. Ngokwesibonelo, lapho eneminyaka engu-12 abazali bakhe bamthola ephakathi kwabafundisi ethempelini, “ebalalele futhi ebabuza.” (Luka 2:46) UJesu akazange aye ethempelini ngenjongo yokuyohlazisa abafundisi ngolwazi lwakhe. Waya khona ukuze ayolalela, nakuba abuza nemibuzo. Ukuba kwakhe isilaleli esihle kungenzeka kungenye yezimfanelo ezamenza wathandwa uNkulunkulu nabantu.—Luka 2:52.
5, 6. Sazi kanjani ukuthi uJesu wayebalalela labo ayebafundisa?
5 Ngemva kokubhapathizwa nokugcotshwa kwakhe njengoMesiya, uJesu waqhubeka ekuthanda ukulalela abantu. Wayengagxili kakhulu kulokho ayekufundisa kangangokuba akhohlwe yilabo ababeze ukuzomlalela. Ngokuvamile, wayehlaba ikhefu, abuze ukuthi bacabangani futhi alalele izimpendulo zabo. (Mathewu 16:13-15) Ngokwesibonelo, ngemva kokufa komfowabo kaMarta, uLazaru, uJesu wathi kuye: “Wonke umuntu ophilayo abonise ukholo kimi akasoze afa.” Wabe esembuza: “Uyakukholelwa lokhu?” Ngokuqinisekile, uJesu walalela lapho uMarta ephendula: “Yebo, Nkosi; ngiyakholelwa ukuthi wena unguKristu iNdodana kaNkulunkulu.” (Johane 11:26, 27) Yeka indlela okumelwe ukuba kwamjabulisa ngayo ukuzwa uMarta ezwakalisa ukholo lwakhe ngaleyo ndlela!
6 Lapho abafundi abaningi beyeka ukumlandela, uJesu waba nesithakazelo sokuzwa umbono wabaphostoli bakhe. Ngakho wabuza: “Nifuna ukuhamba yini nani?” USimoni Petru waphendula: “Nkosi, ubani esizoya kuye? Nguwe onamazwi okuphila okuphakade; siye sakholwa futhi sesiyazi ukuthi ungoNgcwele kaNkulunkulu.” (Johane 6:66-69) Yeka indlela okumelwe ukuba lawo mazwi amthokozisa ngayo uJesu! Ngokuqinisekile amazwi afanayo okholo omfundi weBhayibheli ayokuthokozisa nawe.
UJesu Wayelalela Ngenhlonipho
7. Kungani amaSamariya amaningi akholwa uJesu?
7 Esinye isizathu esenza uJesu waba umenzi wabafundi ophumelelayo ukuthi wayebakhathalela abantu futhi ebalalela ngenhlonipho. Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi uJesu wafakaza kowesifazane ongumSamariya ngasemthonjeni kaJakobe eSikhari. Kuleyo ngxoxo, akuzange kube uJesu yedwa okhulumayo; wamlalela lona wesifazane lapho ekhuluma. Ngenkathi emlalele, uJesu waphawula ukuthi wayenesithakazelo ekukhulekeleni futhi wamtshela ukuthi uNkulunkulu ufuna abantu abayomkhulekela ngomoya nangeqiniso. UJesu wabonisa ukumhlonipha nokumkhathalela lona wesifazane, okwenza ukuba atshele abanye ngoJesu, futhi “abaningi kulawo maSamariya aphuma kulowo muzi bakholwa nguye ngenxa yezwi lowesifazane.”—Johane 4:5-29, 39-42.
8. Ukuthanda kwabantu ukuveza imibono yabo kungakusiza kanjani ukuba uqale izingxoxo enkonzweni?
8 Ngokuvamile abantu bayakujabulela ukuveza imibono yabo. Ngokwesibonelo, izakhamuzi zase-Athene yasendulo zazikujabulela ukuveza imibono yazo nokuzwa izinto ezintsha. Lokhu kwaholela enkulumweni yomphostoli uPawulu eyaphumelela ayinikeza e-Areyophagu kulowo muzi. (IzEnzo 17:18-34) Lapho uqala ingxoxo nomninikhaya enkonzweni yakho namuhla, ungase uthi, “Ngikuvakashele ngoba ngithanda ukuzwa umbono wakho ngokuqondene [yisho isihloko esithile].” Lalela umbono womninikhaya, uphawule noma ubuze ngawo. Yibe usumbonisa ngomusa okushiwo iBhayibheli ngaleyo ndaba.
UJesu Wayekwazi Ayezokusho
9. Yini uJesu ayenza ngaphambi ‘kokukhanyisela’ uKleyophase nomngane wakhe “imiBhalo ngokugcwele”?
9 UJesu wayengaphelelwa amazwi. Ngaphandle kokuba isilaleli esihle, ngokuvamile wayekwazi lokho abantu ababekucabanga, futhi ekwazi kahle ayezokusho. (Mathewu 9:4; 12:22-30; Luka 9:46, 47) Ngokwesibonelo: Ngemva nje kokuvuswa kukaJesu, abafundi bakhe ababili babehamba beya e-Emawuse besuka eJerusalema. Ukulandisa kweVangeli kuthi: “Njengoba bekhuluma futhi bexoxa, uJesu ngokwakhe wasondela wahambisana nabo; kodwa amehlo abo avinjwa ukuba babone ukuthi ungubani. Wathi kubo: ‘Zindaba zini lezi eniphikisana ngazo phakathi kwenu njengoba nihambisana na?’ Bema ubuso babo budabukile. Lowo okuthiwa uKleyophase waphendula wathi kuye: ‘Ingabe uhlala wedwa njengomfokazi eJerusalema okwenza ukuba ungazazi izinto ezenzeke kulo kulezi zinsuku?’ Wathi kubo: ‘Zinto zini?’” UMfundisi Omkhulu walalela njengoba babechaza ukuthi uJesu umNazaretha ubefundisa abantu, enza izimangaliso futhi wabulawa. Manje abanye bathi usevusiwe kwabafileyo. UJesu wavumela uKleyophase nomngane wakhe ukuba basho abakucabangayo. Wabe esechaza okwakudingeka bakwazi, ‘ebakhanyisela imiBhalo ngokugcwele.’—Luka 24:13-27, 32.
10. Ungase uwuthole kanjani umbono ongokwenkolo womuntu ohlangana naye enkonzweni?
10 Kungenzeka awazi lutho ngombono ongokwenkolo womninikhaya. Ukuze uthole akukholelwayo, ungase uthi uyakujabulela ukuzwa ukuthi abantu bacabangani ngomthandazo. Ungabe usubuza, “Ucabanga ukuthi ukhona ngempela olalela imithandazo?” Impendulo yakhe ingase iveze okuningi ngombono wakhe nangesizinda sakhe senkolo. Uma eyithanda inkolo, ungase ukwazi ukuthola okwengeziwe ngombono wakhe ngokumbuza, “Ucabanga ukuthi uNkulunkulu uyilalela yonke imithandazo, noma kungenzeka ikhona angayamukeli?” Imibuzo enjalo ingaholela engxoxweni ekhululekile. Lapho kufaneleka ukuxoxa ngomBhalo, uyothanda ukukwenza ngobuhlakani, ungahlaseli izinkolelo zakhe. Uma ekujabulela ukukulalela, angase athande ukuba uphinde ubuye. Kodwa ake sithi umninikhaya ubuza umbuzo ohlulekayo ukuwuphendula. Ungase uyocwaninga bese ubuyela usukulungele ukumnikeza ‘isizathu sethemba elikuwe, wenze kanjalo ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.’—1 Petru 3:15.
UJesu Wayefundisa Abafanelekayo
11. Yini eyokusiza ukuba uthole labo abafanelekela ukufundiswa?
11 Umuntu ophelele uJesu wayenokuqonda okwakumenza akwazi ukubona labo ababekufanelekela ukufundiswa. Kuyinselele kakhudlwana kithi ukuthola labo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade.’ (IzEnzo 13:48) Kwakunjalo nakubaphostoli uJesu athi kubo: “Kunoma yimuphi umuzi noma umzana eningena kuwo, funani ukuthi ubani ofanelekayo kuwo.” (Mathewu 10:11) Njengabaphostoli bakaJesu, kumelwe ufune abantu abazimisele ukulalela nokufundiswa iqiniso lemiBhalo. Ungabathola abafanelekayo ngokulalelisisa bonke abantu okhuluma nabo, uphawule isimo sengqondo somuntu ngamunye.
12. Ungaqhubeka kanjani usiza umuntu othakazelayo?
12 Ngemva kokuhlukana nomuntu obonise isithakazelo esithile esigijimini soMbuso, kuyoba kuhle ukuqhubeka ucabanga ngezidingo zakhe ezingokomoya. Uma ubhala phansi okuphawulile lapho uxoxa nothile ngezindaba ezinhle, lokhu kuyokusiza ukuba uqhubeke umsiza ngokomoya. Lapho uphindela kuye, kudingeka umlalelisise uma ufuna ukwazi okwengeziwe ngezinkolelo, isimo sengqondo noma izimo zakhe.
13. Yini engase ikusize ukuba uthole indlela umuntu azizwa ngayo ngeBhayibheli?
13 Ungabakhuthaza kanjani abantu ukuba bakutshele indlela abazizwa ngayo ngeZwi likaNkulunkulu? Kwezinye izindawo, kuyaphumelela ukubuza, “Ingabe ukuthola kunzima ukuqonda iBhayibheli?” Ngokuvamile impendulo yalowo mbuzo yembula isimo sengqondo lo muntu anaso ngezinto ezingokomoya. Enye indlela iwukufunda umBhalo bese ubuza, “Kuzwakala kanjani kuwe lokhu?” NjengoJesu, ungase ufeze lukhulu enkonzweni yakho ngokubuza imibuzo efanelekayo. Nokho, kunezinto okufanele sizinake.
UJesu Wayesebenzisa Imibuzo Ngokuphumelelayo
14. Ungasibonisa kanjani isithakazelo emibonweni yabantu ngaphandle kokubahloma imibuzo?
14 Yiba nesithakazelo sokuzwa imibono yabanye ngaphandle kokubenza bazizwe benamahloni. Lingisa indlela kaJesu. Wayengabahlomi imibuzo ngendlela ecunulayo, kodwa wayesebenzisa imibuzo eyenza abantu bacabange. UJesu wayebuye abe nesineke sokulalela okwakwenza abantu abaqotho bazizwe beqabulekile futhi bekhululekile. (Mathewu 11:28) Zonke izinhlobo zabantu zazizizwa zikhululekile ukumtshela izinto ezizikhathazayo. (Marku 1:40; 5:35, 36; 10:13, 17, 46, 47) Uma ufuna abantu bakhululeke ukukutshela lokho abakucabangayo ngeBhayibheli nangezimfundiso zalo, kumelwe ugweme ukubahloma imibuzo.
15, 16. Ungabahilela kanjani abantu engxoxweni ephathelene nenkolo?
15 Ngaphezu kokusebenzisa imibuzo ngokuphumelelayo, ungabakhuthaza ukuba bakhulume ngokusho okuthile okuthakazelisayo bese ulalela impendulo yabo. Ngokwesibonelo, uJesu watshela uNikhodemu: “Ngaphandle kokuba umuntu aphinde azalwe, akanakuwubona umbuso kaNkulunkulu.” (Johane 3:3) Lawo mazwi amthakazelisa kakhulu uNikhodemu, ngakho wakhululeka ukuphendula nokulalela uJesu. (Johane 3:4-20) Nawe ungase ukwazi ukuhilela abantu engxoxweni ngendlela efanayo.
16 Namuhla, ukuvela kwezinkolo eziningi kuyindaba esematheni ezindaweni ezinjenge-Afrika, iLatin America neMpumalanga Yurophu. Ngokuvamile, ezindaweni ezinjengalezi ungaqala ingxoxo ngokuthi: “Abanye abantu bayakhathazeka ngokuba khona kwezinkolo eziningi kangaka. Kodwa nginethemba lokuthi maduze abantu bazo zonke izizwe bazoba munye ekukhulekeleni kweqiniso. Wena ungathanda yini ukubona lokho kwenzeka?” Ngokusho okuthile okumangazayo ngethemba lakho, ungase ukwazi ukwenza abantu baveze imibono yabo. Kulula ukuphendula umbuzo ongase ube nezimpendulo ezimbili. (Mathewu 17:25) Ngemva kokuba umninikhaya ephendule umbuzo wakho, nawe ungawuphendula usebenzisa umBhalo owodwa noma emibili. (Isaya 11:9; Zefaniya 3:9) Ngokulalelisisa nangokuphawula impendulo yomuntu, ungase ukwazi ukunquma enizoxoxa ngakho esikhathini esizayo.
UJesu Wayebalalela Abantwana
17. Yini ebonisa ukuthi uJesu wayenesithakazelo kubantwana?
17 UJesu wayengagcini ngokuba nesithakazelo kubantu abadala, kodwa wayenesithakazelo nakubantwana. Wayeyazi imidlalo eyayidlalwa abantwana nezinto ababezisho. Ngezinye izikhathi wayethi mabeze kuye. (Luka 7:31, 32; 18:15-17) Ezixukwini ezazimlalela kwakuba nabantwana abaningi. Lapho abafana bememeza bedumisa uMesiya, uJesu wakuphawula lokho futhi wabonisa ukuthi imiBhalo yayikubikezele. (Mathewu 14:21; 15:38; 21:15, 16) Namuhla, abantwana abaningi baba abafundi bakaJesu. Ngakho, ungabasiza kanjani?
18, 19. Ungamsiza kanjani umntanakho ngokomoya?
18 Ukuze usize umntanakho ngokomoya, kumelwe umlalele. Kudingeka wazi imibono yakhe okungenzeka ayivumelani nokucabanga kukaJehova. Kungakhathaliseki ukuthi umntanakho uthini, kuwukuhlakanipha ukuqala ngokumncoma. Ngemva kwalokho, ungasebenzisa imiBhalo efanelekayo ukuze umsize aqonde umbono kaJehova ngezinto.
19 Imibuzo iyasiza. Kodwa abantwana abakuthandi ukulokhu behlonywa ngemibuzo njengoba nje nabantu abadala bengakuthandi. Kunokuthwesa umntanakho umthwalo wokuphendula inqwaba yemibuzo enzima, kungani ungamxoxeli kafushane ngawe? Kuye ngendaba enixoxa ngayo, ungase umtshele ukuthi wawucabanga ngendlela ethile bese uchaza nesizathu salokho. Yibe usubuza, “Ucabanga ngaleyo ndlela yini nawe?” Impendulo yomntanakho ingase iholele engxoxweni engokomBhalo ewusizo nekhuthazayo.
Qhubeka Ulingisa UMenzi Wabafundi Omkhulu
20, 21. Kungani kufanele ube isilaleli esihle emsebenzini wakho wokwenza abafundi?
20 Kungakhathaliseki ukuthi uxoxa nomntanakho noma nomunye umuntu ngendaba ethile, ukulalelisisa kubalulekile. Empeleni, kubonisa uthando. Ngokulalela, ubonisa ukuthobeka, futhi kubonisa ukuthi uyamhlonipha futhi umkhathalela ngothando umuntu okhulumayo. Yebo, ukulalela kudinga ukuba unake okushiwo yilowo muntu.
21 Njengoba uhlanganyela enkonzweni yobuKristu, qhubeka ubalalelisisa abaninikhaya. Uma ukulalelisisa abakushoyo, cishe uyothola ukuthi iziphi izici zeqiniso leBhayibheli eziyobakhanga ngokukhethekile. Yibe usuzama ukubasiza ngokusebenzisa izindlela ezihlukahlukene zikaJesu zokufundisa. Njengoba wenza kanjalo, uyothola injabulo nokwaneliseka ngoba ulingisa uMenzi Wabafundi Omkhulu.
Ungaphendula Kanjani?
• UJesu wabakhuthaza kanjani abanye ukuba baveze abakucabangayo?
• Kungani uJesu ayebalalela labo ayebafundisa?
• Ungayisebenzisa kanjani imibuzo enkonzweni yakho?
• Yini ongayenza ukuze usize abantwana ngokomoya?
[Isithombe ekhasini 28]
Lapho ushumayela, qiniseka ukuthi uyalalela
[Isithombe ekhasini 30]
Silingisa uJesu lapho sisiza abantwana ngokomoya