Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/90 k. 12
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngokuxoxa Nabantu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngokuxoxa Nabantu
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • SEBENZISA LOKHO ESINAKHO
  • LUNGISELELA KUSENGAPHAMBILI
  • Indlela Yokuthuthukisa Amakhono Okuxoxa
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngokuqonda
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Izethulo Eziphumelelayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Ingxoxo Eyakhayo
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
km 10/90 k. 12

Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngokuxoxa Nabantu

1 Ngokwesichazamazwi, ingxoxo “ukudluliselwa kwemizwelo, imiqondo, nemibono ngomlomo kusuka komunye kuya komunye.” Kodwa ungayiqalisa kanjani ingxoxo esekelwe eBhayibhelini lapho abantu ohlangana nabo kungenzeka ukuthi bamelene nenkolo noma bamatasa ngezindaba zabo siqu? UJesu wayebuza imibuzo ukuze ahilele izilaleli engxoxweni.—Joh. 4:9-15, 41, 42.

2 Kufanele sikhuleke ngobuqotho kuNkulunkulu ukuba asisize sithole abantu abanhliziyo-ziqotho futhi asivulele indlela yokuxoxa nabo. Ukufakaza kuba lula uma sibheka umninikhaya ngamunye njengongaba isikhonzi sikaJehova. Lesimo sengqondo siyosisiza ukuba sidlulisele iqiniso ngendlela efudumele, eqotho eyoheha abantu abathakazelayo.

SEBENZISA LOKHO ESINAKHO

3 Incwadi Ukubonisana inikeza izethulo eziningi ezinhle kakhulu emakhasini 9-15. Eziningi zazo zisebenzisa imibuzo ngokuphumelelayo. Lapho umninikhaya ephendula umbuzo, lalela ngenhlonipho bese uphendula ngendlela ezobonisa umninikhaya ukuthi siye sakucabangela lokho akushilo.—Kol. 4:6.

4 Njengoba kulindelekile, lapho ubuza umbuzo, awazi ukuthi umninikhaya uzophendula kanjani. Lungela ukushintsha ingxoxo yakho ngokufanele. Zama ukugcina ingxoxo iqhubeka ngokuveza ukwaziswa okwengeziwe okuvela eBhayibhelini okuphathelene nezinto anesithakazelo kuzo kanye nangokubuza eminye imibuzo ecatshangwe kahle.

LUNGISELELA KUSENGAPHAMBILI

5 Kungenzeka ukuthi kakade usujwayelene nomqondo ovamile wabantu abasensimini yenu. Uma kunjalo, khona-ke khetha izethulo encwadini Ukubonisana ezizophumelela ngokukhethekile ensimini yenu. Ukuvumelanisa esinye salezizethulo neSihloko Sengxoxo esisetshenziswayo kungase kube yilokho kanye okudingayo. Qalisa ingxoxo yakho ngezinto okholelwa ukuthi ezikhathalelwa umninikhaya, kafushane beka inkinga, bese umdonsela ekhambini eliseBhayibhelini. Lapho ephawula, kukhulumele kahle, hhayi ngokugxeka, lokho akushoyo. Isithakazelo sakho emiqondweni nasemizwelweni yakhe kufanele kumkhuthaze ukuba aqhubeke exoxa nawe. Zama ukuthola amaphuzu enivumelana ngawo futhi ukhulume ngawo. Gcina ingxoxo isesimweni esihle ngokugcizelela izibusiso zoMbuso njengekhambi leBhayibheli ezinkingeni zomuntu.

6 Bheka imibono engefani njengezihluthulelo zengxoxo eqhubekayo. Uma umninikhaya ezimisele ukuba kuboniswane, ungase ubuze, “Ingabe wake wacabanga ngakho ngalendlela?” Bese ubhekisela kulokho iZwi likaNkulunkulu elikushoyo ngendaba. Uma uthola ukuthi umqondo walomuntu awuhluzekile, ungamphoqeleli ukuba amukele lokho okushilo. Kunalokho, phetha ngamazwi obungane, ushiye indlela ivulekele ithuba lesikhathi esizayo lokushumayela izindaba ezinhle kuye.—IzAga 12:8, 18.

7 Abanye abantu bathambekele kakhulu ekuxoxeni lapho uhlangana nabo bengakulindele. Unganqikazi ukuqalisa ingxoxo nabantu ohlangana nabo emgwaqeni noma abasebenzayo noma abaphumulile egcekeni labo. Bangase basamukele isithakazelo sakho esiqotho emsebenzini wabo, futhi ungase ukwazi ukuholela ingxoxo engxoxweni yesithembiso seBhayibheli sokuthi umhlaba ngokushesha uzoba ipharadesi. Lapho uqalisa ingxoxo, zama ukuyenza ibe okuhlangenwe nakho okujabulisayo ngomninikhaya. Ngakolwakho uhlangothi, mshiye umuntu enesimo sengqondo esihle ngoNkulunkulu, iZwi lakhe, nezinceku zakhe. Ngalendlela, ngisho noma ungaphumeleli ekuqaleni ukufinyelela inhliziyo yakhe, angase abe ngobamukela ngokwengeziwe oFakazi ngesikhathi esizayo lapho bemhambela.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela