Izethulo Eziphumelelayo
1 Lapho sihlanganyela emsebenzini wendlu ngendlu, njalo sibhekana nombuzo othi: “Ngizoqala ngithini?” Abamemezeli abangomakadebona abathola imiphumela emihle enkonzweni yasensimini banikeza ukusikisela okuningi okuwusizo. Kuyini okunye kwalokhu?
2 Okokuqala, kubalulekile ukuba nesithakazelo esiqotho kubantu esikhuluma nabo. Isithakazelo esinjalo kumuntu siqu sibonakala kokubili emazwini nasezenzweni. Kubalulekile ukucabangela umbono womninikhaya. Buza imibuzo efanelekile futhi uyilalele ngokucophelela impendulo. Ngakho konke, kumelwe sizame ukusiza umninikhaya ukuba abone indlela angazuza ngayo yena siqu ngokucabangela isihloko esixoxa ngaso.
CABANGELA IMIBONO YABO
3 Lapho uJesu efakaza kowesifazane waseSamariya ngasemthonjeni oseduze naseSikhari, amanye amazwi akhe azwakala engajwayelekile kulowo wesifazane. Ayengavumelani nalokho ayekucabanga noma nendlela ayekhulekela ngayo. UJesu walalela ngokucophelela, futhi lapho ephendula, wacabangela lokho ayekushilo. Wayefuna ukumsiza. (Joh. 4:13,14,19-26) Ingabe siyazimisela ukulandela isibonelo sikaJesu kulesici njengoba sihlanganyela emsebenzini wokufakaza?
4 Uma abantu ensimini yakini besabela esethulweni sakho ngokuthi, “Nginenkolo yami,” yini ongayenza? Umbhali weBhayibheli wathi: “Inhliziyo yolungileyo iyacabanga ukuphendula.” (IzAga 15:28) Ingabe uyakwenza lokhu? Ingabe uye wakucabangela ukwaziswa okusemakhasini 18-19 encwadi ethi Ukubonisana ucabanga ngesimiso salombhalo? Ungase futhi usebenze nabamemezeli abaphumelelayo enkonzweni yasensimini ukuze ufunde indlela yokwenza izethulo zakho zibe eziphumelela ngokwengeziwe.
5 Ezindaweni lapho abantu abaningi besebenzisa ukuphikisa kokuthi banenkolo yabo, ungase ukuthole kuzuzisa ukuyilungela inkulumo yabo futhi uyiqale kuqala indaba. Ngokwesibonelo, ngemva kokubingelela, ungase uthi: “Unayo yini inkolo yakho? [Lalela impendulo.] Ngicabangile ukuthi ungaba nayo ngoba abantu abaningi kulendawo banayo. Nokho, isizathu sokuhambela kwami ekuseni namuhla siwuku- ...” Khona-ke qhubeka nesihloko ofisa ukuxoxa ngaso.
6 Uma abaninikhaya abaningi bethi, “Ngimatasatasa,” ungakhetha umbono owodwa noma eyengeziwe kuleyo evezwe emakhasini 19-20 encwadi ethi Ukubonisana futhi uyivumelanise nezidingo zensimu yakini. Imibono ehlukahlukene enjengalena ingasetshenziswa lapho ulindele ukuphikiswa okuzwiwa njalo.
UKUSEBENZISA IZETHULO EZISENCWADINI ETHI UKUBONISANA
7 Abaningi bathola impumelelo enhle ekusebenziseni izethulo ezisemakhasini 9-15 encwadi ethi Ukubonisana. Uzophawula ukuthi lezi zihlanganisa izindaba abantu ngokuvamile abakhathazeka ngazo, njengezenzakalo zangalesosikhathi, ukulondeka komuntu siqu, umsebenzi, izindawo zokuhlala, ukuphila komkhaya, nekusasa. Nokho phawula futhi ukuthi amazwi ezethulo ezisikiselwe encwadini ethi Ukubonisana amema umninikhaya ukuba aveze umbono wakhe. Ayamsiza ukuba abone ukubaluleka kwendaba okuxoxwa ngayo nokuthi iyamthinta yena siqu. Ukusetshenziswa okuphumelelayo kwalezethulo kungavimbela umninikhaya ukuba asebenzise ukuphikisa okuvamile kakhulu.
8 Zicabangele ngokucophelela izethulo okholelwa ukuthi ziyophumelela ensimini yenu. Funda ukusebenzisa izethulo ezisencwadini ethi Ukubonisana. Zuza kokuhlangenwe nakho kwabanye abamemezeli. Thandazela isibusiso sikaJehova emizamweni yakho. Ngomzamo omuhle nangesibusiso sikaJehova, kungenzeka ukuthi abantu abengeziwe ensimini yakini basabele kahle ezindabeni ezinhle zensindiso.