Ukusebenza Insimu Esetshenzwa Njalo
1 Siyajabula ukwamukela imibiko yokuthi amabandla amaningi asebenza insimu yawo njalo. (Math. 24:14; 1 Thim. 2:3, 4) Nakuba lokhu kuyinselele yangempela, okuhlangenwe nakho kuye kwabonisa ukuthi kungahlangatshezwana nayo ngokuphumelelayo uma sikulungiselele kahle futhi sikuhlomele ukubhekana nezimo ezihlukahlukene eziphakamayo.
2 Izingeniso Eziphumelelayo Ziyisihluthulelo: Kubaluleke kakhulu ukuba okulungiselele ukusebenzisa isethulo esisodwa noma ezengeziwe ezicatshangelwe kahle. Kufanele zihlanganise izinkulumo eziqondile ezicacisa izizathu ezibalulekile zokuhambela kwethu njalo.
3 Incwadi ethi Ukubonisana inikeza izibonelo eziningi ezinhle zezingeniso ezifanelekayo esingazisebenzisa. Ekhasini 15 kunikezwe ezintathu ngaphansi kwesihloko esithi “Ensimini Esetshenzwa Njalo.” Bukeza lezo ongathanda ukuzisebenzisa ensimini yenu.
4 Abanye abamemezeli bayaphumelela ekusebenziseni izindaba ezisephephandabeni lendawo ukuze baqalise izingxoxo ensimini esetshenzwa njalo. Incwadi Ukubonisana inikeza izibonelo ezintathu zendlela lokhu okungenziwa ngayo. Cabangela isingeniso sesibili ngaphansi kwesihloko esithi “Ubugebengu/Ukuphepha” esisekhasini 12 kanye nezingeniso ezimbili zokuqala ngaphansi kwesihloko esithi “Izenzakalo Zangalesosikhathi” ezisekhasini 11.
5 Izingeniso Ozilungiselelayo: Zizwe ukhululekile ukwakha futhi usebenzise amazwi esingeniso afanelekayo ahlelwe afana nalezo ezinikezwe encwadini Ukubonisana. Zisho ngendlela yakho engokwemvelo, usebenzise amazwi akho. Ungaziprakthiza nommemezeli onokuhlangenwe nakho ngaphambi kokuba uzisebenzise ensimini.
6 Ngokwesibonelo, ungase usho okuthile okunjengalokhu:
◼ “Kusukela sakuvakashela ngesikhathi esidlule, [yisho isenzakalo samuva abantu bomphakathi abakhuluma ngaso]. Ngenxa yokuthi sonke siyathinteka ngandlela thile, abaningi bomakhelwane bethu baye bezwakalisa ukukhathazeka okukhulu. Mhlawumbe nawe uke wacabanga ngakho. [Yima kancane ulindele impendulo angase ayinikeze.] Uma sibheka izimo zezwe namuhla, ubungevumelane yini nalokho umprofethi uJeremiya akubhala esahlukweni 10, ivesi 23?” Ngemva kokufunda lombhalo, thola umbono womninikhaya, bese udonsela ukunakekela kwakhe embhalweni othile obonisa indlela uJehova azoxazulula ngayo inkinga enixoxa ngayo ngokukhethekile.
7 Noma ungase uthi:
◼ “Ngokungangabazeki uphawulile ezindabeni zanamuhla [phawula isenzakalo esithile]. Mhlawumbe uzovuma ukuthi lokhu kuyasithinta sonke. [Yima kancane ulindele impendulo angase ayinikeze.] Singathembela ekutheni iziphathimandla zisungule ikhambi lesikhashana; nokho, iBhayibheli libonisa indlela lenkinga ezoxazululwa ngayo phakade.” Donsela ukunakekela embhalweni othile ochaza lokho uNkulunkulu azokwenza.
8 “Kungani Nifika Kaningi Kangaka?” Izimpendulo ezifanelekile kumuntu ofuna ukuvimba ingxoxo zinikezwe encwadini Ukubonisana ekhasini 20 ngaphansi kwesihloko esithi “Kungani Nifika Kaningi Kangaka?” Ngisho nakuba kungabuzwanga, singanikeza ubufakazi obuhle uma sisebenzisa wonke amathuba afanelekile ukuba sisize abanye baqaphele ukuthi uthando ngoNkulunkulu nomakhelwane lusishukumisela ukuba sibuye kaningi ngangokunokwenzeka. Ingxoxo kaJesu ekuJohane 21:15-17 ingaba wusizo kakhulu kulokhu.
9 Kuze kube yilapho uJehova ethi kwanele, masiqhubeke sihlangabezana nenselele yokusebenza insimu esetshenzwa njalo. Sinalokhu kuzimisela, singaqiniseka ngesiqondiso sakhe, isivikelo, kanye nesibusiso kuze kube sekupheleni.—Math. 28:19, 20.