Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/92 k. 12
  • Yenza Isethulo Esishukumisayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yenza Isethulo Esishukumisayo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izethulo Eziphumelelayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Ingabe Uyayisebenzisa Incwadi Ethi Ukubonisana?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Ukusebenza Insimu Esetshenzwa Njalo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Izintshumayelo Ezilula Neziphumelelayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
km 10/92 k. 12

Yenza Isethulo Esishukumisayo

1 Kokubili INqabayokulinda nePhaphama! kuwusizo ekutshaleni imbewu yeqiniso ezingqondweni nasezinhliziyweni zabafundi. Ngakho-ke, sifuna ukwenza izindlela eziphumelelayo zokuhambisa labomagazini emakhaya abantu abangazuza kulamagugu angokomoya abawaqukethe.

2 Abanini-khaya bangashukunyiselwa kanjani ukuba bamukele futhi bafunde omagazini bethu? Okuningi kuxhomeke endleleni esibethula ngayo. Ukusikisela okuhle kakhulu kokulungiselela izethulo eziphumelelayo kutholakala encwadini ethi Ukubonisana, amakhasi 9-15.

3 Lapho uhambisa INqabayokulinda kaOctober 1, ungase uzame ukusebenzisa ukusikisela kwesithathu ngaphansi kwesihloko esithi “Izenzakalo Zangalesosikhathi” ekhasini 11 lencwadi Ukubonisana.

Ngemva kokuzethula, ungase uthi:

◼ “Uma ubungakhetha, iyiphi ezinkingeni eziningi ezibhekene nomhlaba manje obungathanda ukuba ilungiswe kuqala?” Lalela impendulo yomnini-khaya, futhi ubonise ukwazisa ngokukhathalela kwakhe. Khona-ke ungase uqhubeke, uthi: “Cabangela lokho iBhayibheli elikunikezayo njengekhambi lezinkinga ezinjalo. [Funda uIsaya 9:6, 7.] Ngakho ikhambi langempela lazo zonke izinkinga zesintu lixhomeke ekubuseni kokulunga kukaMesiya, uJesu Kristu.” Khona-ke phendukela ekhasini 8 futhi uqondise ukunakekela ezigabeni ezintathu zokugcina zesihloko esithi “UMesiya—Ithemba Langempela?”

4 Ezinye izethulo ezimbili ongazisebenzisa neNqabayokulinda kaOctober 1 zitholakala ekhasini 14 lencwadi ethi Ukubonisana, ngaphansi kwesihloko esithi “Umsebenzi/Indawo Yokuhlala.” Ungaveza lemibono nalemibuzo ngamazwi akho siqu noma uphinde lokho okushiwo encwadini ethi Ukubonisana. Ngemva kokubonisa ukwazisa ngokusabela komuntu, qhubeka nokuhlanganyela naye inkulumo ethakazelisayo esesigabeni sokuqala ekhasini 4 ngaphansi kwesihlokwana esithi “Ingabe Alikho Ikhambi?” Khona-ke ngokufunda uIsaya 65:21-23, veza izibusiso ukubusa kukaMesiya okuyoziletha.

5 Uma usebenzisa iPhaphama kaOctober 8 enesihloko esithi “Ungakwazi Ukunqoba Imizwelo Ephambene,” ungase uzame isingeniso sesithathu ngaphansi kwesihloko esithi “Ukuphila/Injabulo” esisemakhasini 12-13 encwadi ethi Ukubonisana. Ngemva kokuhlanganisa iHubo 1:1, 2, ungase ulethe ukunakekela ephuzwini elifanele elikumagazini iPhaphama!

6 Ngokunokwenzeka uyohlangabezana nabanini-khaya abathi banezincwadi zabo siqu ezingokwenkolo. Ungase uchaze ukuthi nathi sinazo izincwadi esizisebenzisa ngokwethu siqu (njengeNkonzo Yethu YoMbuso); nokho, omagazini bethu bafundwa izigidi zabantu ezingebona oFakazi BakaJehova.

7 Kweyoku-1 Korinte 3:6 uPawulu wathi: “Mina ngatshala, uApholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa.” Uma sifuna ukuba uJehova akhulise imbewu yeqiniso ezinhliziyweni zabantu abathakazelayo, kumelwe sikunakekele ukutshala lembewu ngokuphumelelayo ngokusebenzisa izethulo ezishukumisayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela