Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/93 k. 4
  • Izintshumayelo Ezilula Neziphumelelayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izintshumayelo Ezilula Neziphumelelayo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuxhuma Isingeniso Sethu Nalokho Esikuhambisayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Xhumanisa Amapheshana Nezinye Izincwadi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Ukusebenzisa Izincwajana Ezingangomagazini Ngokuphumelelayo Ngo-July
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Izimpindelo Ezilula Neziphumelelayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 2/93 k. 4

Izintshumayelo Ezilula Neziphumelelayo

1 UJesu wamemezela uMbuso kaNkulunkulu ngendlela elula neqondile. Wayazi ukuthi abanjengezimvu babeyosabela kahle lapho bezwa iqiniso. Wayazi futhi ukuthi abantu abafani ekucabangeni kwabo, izithakazelo zabo, nekhono labo lokusebenzisa ingqondo. Ngaleyondlela, wasebenzisa izinhlobonhlobo zezethulo, imibuzo, nemifanekiso okungeyona inkimbinkimbi ukuze avuse isithakazelo sezilaleli zakhe nokufinyelela izinhliziyo zazo. Singalingisa isibonelo sakhe futhi sizisebenzise kahle izintshumayelo ezilula neziphumelelayo.

2 Sebenzisa Incwadi Ethi Ukubonisana Ngokuphumelelayo: Isethulo so- kuqala ngaphansi kwesihloko esithi “Umsebenzi/Indawo Yokuhlala” ekhasini 14 lencwadi ethi Ukubonisana sifike ngesikhathi futhi kulula ukusisebenzisa.

Ungase uthi:

◼“Besixoxa nomakhelwane bakho ngalokho okungenziwa ukuze kuqinisekiswe ukuthi wonke umuntu uthola umsebenzi nendawo yokuhlala. Ingabe ukholelwa ukuthi kunengqondo ukulindela ukuba ohulumeni babantu bafeze lokhu? . . . Kodwa kunothile owaziyo ukuthi zingaxazululwa kanjani lezinkinga; lowo uMdali wesintu.” Funda u-Isaya 65:21-23. Khona-ke ungabuza umninikhaya ukuthi lokho kuzwakala kanjani kuye.

3 Isethulo esingaphansi kwesihloko esithi “Ukuphathwa Kabi/Ukuhlupheka” ekhasini 12 siyokhanga kwabaningi namuhla.

Ungase ubuze:

◼“Ingabe wake wazibuza: Ingabe uNkulunkulu unendaba ngempela ngokungabi nabulungisa nokuhlupheka abantu ababhekana nakho?” Lindela impendulo kumninikhaya bese ufunda umShumayeli 4:1 neHubo 72:12-14. Phendukela emifanekisweni esekhasini 150-3 encwadini ethi Ungaphila Phakade futhi ubonise kafushane indlela izimo zezwe namuhla ezigcwalisa ngayo isiprofetho seBhayibheli. Khona-ke vula emakhasini 161-2 ukuze ubonise lokho uNkulunkulu aye wakubikezela ngokwengeziwe ngesibusiso somuntu. Buza umninikhaya ukuthi yisiphi isici esimthakazelisa kakhulu.

4 Uma umninikhaya engenaso isithakazelo encwadini noma esenayo kakade, kungani ungahambisi omagazini ababili? Zama ngaso sonke isikhathi ukushiyela umninikhaya okuthile kokufunda njengencwajana engangomagazini noma ngisho nepheshana lamahhala.

Ngokwesibonelo, uma isipho sencwadi singamukelwa, ungase uthi:

◼“Lencwajana engangomagazini ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, ikuchaza ngokucacile lokho uNkulunkulu aye wathembisa ukukwenza ukuze anakekele izidingo zethu zansuku zonke futhi ibonisa indlela esingazuza ngayo.” Vula emakhasini 26 no-27 alencwajana, futhi ulethe ukunakekela esigabeni 21.

5 Uma unquma ukushiya ipheshana, elinjengelithi Ingabe Lelizwe Liyosinda?, indlela elandelayo ingasetshenziswa:

Ungase uthi:

◼“Kukhona usizi nokuhlupheka okuningi kakhulu ezweni namuhla. Lelipheshana libonisa ukuthi impi, ukuntuleka kokudla, nezinkinga zempilo konke kwaprofethwa eBhayibhelini. Kodwa uNkulunkulu uye wathembisa futhi ukulethela isintu ushintsho olumangalisayo.” Funda isigaba sokugcina ekhasini 5 lalelipheshana.

6 Isithakazelo sethu esiqotho kubantu, kuhlanganise nentshumayelo elula nephumelelayo efinyelela inhliziyo, kuyokhanga ngempela kwabanjengezimvu.—Joh. 10:16.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela