Izingeniso Zokuvusa Isithakazelo
1 UJesu wayeyingcweti ekusebenziseni kwakhe izingeniso. Kungakhathaliseki ukuthi wayekhuluma eqenjini elikhulu noma kumuntu oyedwa, uJesu wayedonsa ukunakekela kwezilaleli zakhe ngokuzenza ukuba nazo siqu zihileleke. Wayebonisa izilaleli zakhe ukubaluleka kwendaba yakhe.—Math. 5:3-12; Joh. 4:7-30.
2 Ukulungiselela Kusengaphambili Kuyadingeka: Ukuze senze isigijimi sethu sithakazelise, sidinga ukuhlela izingeniso zethu ngendlela yokuba zimhilele umuntu, zihlobane nakukhathalelayo, futhi zibonise ukuthi isigijimi soMbuso sizomsiza yena siqu.
3 Ekulungiseleleni inkonzo, bukeza izinto ezikhathaza abantu ngalesosikhathi emphakathini. Ingabe izindaba ezithile zamuva ziye zadonsa ukunaka kwawo wonke umuntu? Yini ezothakazelisa umuntu osemusha? Osemdala? Emadodeni, emakhosikazini, noma abazali? Kunokusebenzisa isingeniso esifanayo endlini ngayinye, ngokuvamile kuphumelela ngokwengeziwe ukulungiselela izingeniso eziningana ezihlukahlukene futhi ukulungele ukuzishintshashintsha lapho ubona ukusabela kwabaninikhaya. Abanye abamemezeli baye baba nempumelelo enhle ekulungiseleleni nasekusebenziseni izingeniso ezihlukahlukene ezivela encwadini Ukubonisana isikhathi ngasinye lapho beya enkonzweni yendlu ngendlu. (rsZU kk. 9-15) Lokhu kugcina indlela yabo yokukhuluma iyintsha futhi ithakazelisa.
4 Phakathi nenyanga ka-August, ungase uthande ukusebenzisa intshumayelo efana nalena:
◼ “Sawubona. Besixoxa nabanye bomakhelwane ngokuphathelene nokuthi iziphi izimfanelo abangathanda ukuzibona kumuntu obusa abanye. Ingabe ngingabuza ukuthi iyiphi imfanelo eyodwa noma ezimbili ocabanga ukuthi ibaluleke kakhulu? [Lindela impendulo. Wabonge amaphuzu. Vumelana naye uma kufanelekile.] Ingabe bewazi ukuthi iBhayibheli lichaza izimfanelo zaLowo oye wavunyelwa ukuba abe umbusi wesintu? Lokhu kulapha kuIsaya 9:6, 7. [Funda.] Ucabanga ukuthi kuyoba njani ukuphila ngaphansi kombusi onjena?” Lindela impendulo bese udonsela ukunakekela kumaHubo 146:3, 4 kanye nokwaziswa okusencwadini Ukubonisana emakhasini 237-8 ngokuphathelene nemfanelo eqinisekisiwe yokubusa kukaJesu. Noma incwadi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke, isahluko 133, ingasetshenziswa ekuqhubekiseleni ingxoxo phambili.
5 Uma ukhuluma nabantu abathanda inkolo, intshumayelo elandelayo ingase isebenze kahle lapho uqokomisa incwadi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke.
Ngemva kokubingelela ngendlela yasendaweni, ungase uthi:
◼ “Yini uNkulunkulu ayilindele kithi njengamaKristu? IBhayibheli lisiqondisa ukuba silingise isibonelo esabekwa umuntu omkhulu kunabo bonke emhlabeni, uJesu Kristu. [Funda eyoku-1 Petru 2:21.] Wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathande omakhelwane babo, bazigcine behlanzekile ngokokuziphatha, futhi bathandazele ukuba uMbuso kaNkulunkulu ufike. Ukusindiswa kwethu kuxhomeke ekuqapheleni nasekulaleleni uJesu njengoMsindisi wethu. [Funda uJohane 14:6.] UJesu wayengeyena nje umuntu ovamile. Lencwadi imchaza njengomuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila. Njengoba sincike kuye ukuze sithole ukusindiswa, awunawo yini umuzwa wokuthi sidinga ukufunda okuningi ngangokunokwenzeka ngomsebenzi wakhe nangalokho akufundisa? Lencwadi iye yalungiselelwa ngokukhethekile ngenxa yaleyonjongo, futhi ngingakujabulela ukuba lena ibe ngeyakho.”
6 Ngokulingisa izindlela zikaJesu zokudonsa isithakazelo kanye nokuhilela izilalelli ezingxoxweni, sibonisa abantu abanhliziyo ziqotho ukubaluleka kwezinto ezingokomoya.