Ukuyethula Ngokuphumelelayo Incwadi Ethi Ungaphila Phakade
1 UJesu wayeyingcweti ekusebenziseni kwakhe izethulo. Wayazi ukuthi yini okufanele ayisho ukuze avuse isithakazelo. Ngesinye isikhathi waqala ingxoxo nowesifazane waseSamariya ngokumane nje amcele amanzi okuphuza. Lokhu ngokushesha kwadonsa ukunaka kwakhe ngenxa yokuthi “amaJuda ayengasebenzelani namaSamariya.” Ingxoxo eyalandela yasiza yena nabanye ukuba babe amakholwa. (Joh. 4:7-9, 41) Singafunda esibonelweni sakhe.
2 Lapho ulungiselela ukuhambisa incwadi ethi Ungaphila Phakade, zibuze, ‘Iziphi izinto ezibakhathaza ngokuqondile abantu ensimini yethu? Yini engakhanga oweve eshumini nambili, umuntu omdala, indoda, noma inkosikazi?’ Ungalungiselela isingeniso esingaphezu kwesisodwa bese uhlela ukusebenzisa leso esibonakala sifanelana kakhulu nesimo.
3 Njengoba ukuwohloka kokuphila komkhaya kukhathaza abantu abaningi, ungase uthi:
◼ “Izinkathazo zokuphila zansuku zonke ziye zayicindezela kakhulu imikhaya namuhla. Ingalutholaphi usizo? [Lindela impendulo.] IBhayibheli lingaba usizo lwangempela kithi. [Funda eyesi-2 Thimothewu 3:16, 17.] ImiBhalo inikeza iziqondiso ezizuzisayo ezingasiza imikhaya ukuba iphumelele. Phawula lokho okushiwo esigabeni 3 ekhasini 238 lalencwadi, ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni.” Funda isigaba 3, bese uhambisa incwadi.
4 Uma usebenzisa indaba esematheni endaweni, ungase uthi:
◼ “Ingabe uwuzwile umbiko wezindaba wokuthi [yisho lokho okukhathaza abantu bendawo]? Uye wacabangani ngakho? [Lindela impendulo.] Kukwenza uzibuze ukuthi engabe iyozala nkomoni ngalomhlaba, akunjalo? IBhayibheli lazibikezela lezozinto njengeziwubufakazi bokuthi siphila ezinsukwini zokugcina.” Yibe usucabangela ukwaziswa okusencwadini ethi Ungaphila Phakade, amakhasi 150-3.
5 Abaningi bayakhathazeka ngenkinga ekhulayo yobugebengu. Ungasebenzisa isingeniso sokuqala ngaphansi kwesihloko esithi “Ubugebengu/Ukuphepha” ekhasini 12 lencwadi ethi “Ukubonisana”:
◼ “Sixoxa nabantu ngendaba yokulondeka komuntu siqu. Kunobugebengu obuningi obusizungezile, futhi buyakuthinta ukuphila kwethu. Ucabanga ukuthi yini okungadingeka abantu abanjengami nawe bayenze ukuze bazizwe bephephile emgwaqweni ebusuku?” Ungafunda iHubo 37:10, 11 bese usho izibusiso uMbuso kaNkulunkulu oyoziletha, usebenzisa amakhasi 156-8 encwadi ethi Ungaphila Phakade.
6 Uma uthanda indlela elula, ungasebenzisa isingeniso esifana naleso esingesesibili ngaphansi kwesithi Ikusasa/Ukulondeka ekhasini 10 lencwadi ethi “Ukubonisana.”
◼ “Sikhuthaza omakhelwane bethu ukuba bacabangele ikusasa elihle iBhayibheli elisitshela ngalo. [Funda isAmbulo 21:3, 4.] Ingabe lokhu kuzwakala kunengqondo kuwe? [Lindela impendulo.] Isahluko 19 salencwadi siqokomisa ezinye izibusiso isintu esilalelayo esiyozithola ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu.” Hambisa incwadi ethi Ungaphila Phakade ngomnikelo ka-R10,50.
7 Ukulungiselela isingeniso esiphumelelayo kungakusiza ukuba ufinyelele labo abalambele ukulunga.—Math. 5:6.