Hlakulela Isithakazelo Encwadini Ethi Ungaphila Phakade
1 Lapho sibahambela emakhaya abo, ngokuvamile sithola ukuthi abantu bagxile ‘eminakweni yalesisikhathi.’ (Marku 4:19) Sibhekana nenselele yokuvusa isithakazelo sabo ngentshumayelo eyenza bacabange. Ekuqaleni, abantu abaningi bangase bangabi naso isithakazelo kulokho esikushoyo. Uma singase sisho okuthile okuthinta ukuphila kwabo, singakwazi ukubenza babe nesithakazelo esigijimini soMbuso. Isihluthulelo sokuqala ingxoxo siwukukhetha amaphuzu akhangayo okungaxoxwa ngawo asencwadini ethi Ungaphila Phakade. Yini ongayisho?
2 Ungase usebenzise lendlela:
◼ “Ukube ubunamandla, iyiphi inkinga ekhathazayo osukwini lwethu obungayilungisa? [Lindela impendulo, futhi uma kufaneleka, vuma ukuthi abantu abaningi bazizwa ngaleyondlela.] Kuze kube manje, abaholi bezwe babonakala benentuthuko encane ekutholeni amakhambi ezinkinga eziningi ezikhungathekisayo zansuku zonke. Kodwa ukhona uMuntu ongakwazi futhi ozoziqeda zonke izinkinga ezihlupha isintu. Ngicela uphawule lokho okushiwo kumaHubo 145:16. [Funda umbhalo, bese ubhekisela emifanekisweni esemakhasini 11-13.] Isigaba 14 ekhasini 14 siphakamisa umbuzo esisanda kuxoxa ngawo futhi siyaqhubeka sibuza: ‘Kodwa lokhu kuyokwenzeka nini?’” Chaza ukuthi lencwadi izophendula lowombuzo bese uhambisa incwadi.
3 Noma ungasho okuthile okunjengalokhu:
◼ “Cishe uyawazi umuzwa wokudangala obangelwa ukulahlekelwa othandekayo ngokufa. Cishe kwakwenza wazizwa udabukile futhi kungekho ongakwenza. Kungenzeka ukuthi wake wacabanga ngalemibuzo: [Funda imibuzo esesigabeni 1 ekhasini 76.] Bekungenakukududuza yini ukuthola izimpendulo zalemibuzo? Kungase kukukhuthaze ukwazi ukuthi iBhayibheli linikeza ithemba eliqinisekile ngalabo abafile. [Funda uJohane 5:28, 29.] Lencwadi isisiza ukuba siqonde isimo sabafile nanokuthi liyini ithemba lesikhathi esizayo.” Kafushane bhekisela ezahlukweni 8 no-20. Nikeza umninikhaya ithuba lokuba ayibuke lencwadi.
4 Cishe uyowathola amathuba okufakaza ngokwethukela. Uma kunjalo, ungase usho ngamazwi akho okuthile okufana nalokhu:
◼ “Kulezizinsuku umhlaba ugcwele izinkinga, futhi akungabazeki ukuthi nawe ziyakuthinta. Kuyadabukisa ukusho ukuthi kubonakala sengathi abantu abangenacala yibona abahlupheka kakhulu. Ucabanga ukuthi uNkulunkulu uyoke akuqede yini konke ukuhlupheka? [Lindela impendulo.] Ake ngikubonise lokho uNkulunkulu athembisa ukukwenzela labo abamkhonzayo. [Funda iHubo 37:40 bese uvula incwadi ethi Ungaphila Phakade ekhasini 99.] Lencwadi ichaza ukuthi kungani uNkulunkulu evumele ububi nanokuthi uzobuqeda kanjani.”
5 Uma ungummemezeli osemusha, ungasebenzisa intshumayelo esekelwe emifanekisweni esemakhasini 156-8. Ungaqala ngokubuza:
◼ “Ungathanda yini ukuphila ezweni elinjena? [Lindela impendulo.] Ngamunye walemifanekiso emihle usekelwe esithembisweni esishiwo eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. [Mbonise izikhombo zemiBhalo.] Lencwadi ingakusiza ukuba ufunde okwengeziwe ngesithembiso sikaNkulunkulu sokwenza wonke umhlaba ube ipharadesi. Inokwaziswa okusindisa ukuphila futhi iyasifanelekela isikhathi osisebenzisela ukuyifunda.”—Joh. 17:3.
6 UJehova uyowubusisa umsebenzi wethu uma senza umzamo oqotho wokuqondisa abantu abanjengezimvu emanzini eqiniso. Khona-ke ngo-September masenze konke okusemandleni ukuba sihlakulele isithakazelo encwadini ethi Ungaphila Phakade.