Ukuba Khona Emihlanganweni—Umthwalo Wemfanelo Ongathi Sína
1 Ukubheka ngokungathi sína kangakanani ukuba khona emihlanganweni? Lowo umbuzo ohlolayo, akunjalo? Akungabazeki ukuthi iningi lethu linomuzwa wokuthi siyayazisa imihlangano. Nokho, imibiko ibonisa ukuthi inani lababakhona emihlanganweni emabandleni amaningi liye lehla muva nje. Yini okungenzeka ukuthi iyimbangela? Ingabe abanye bethu bavumela umsebenzi wokuziphilisa, ukukhathala, umsebenzi wesikole, ukungazizwa kahle okuncane, noma isimo sezulu esithanda ukungabi sihle okuyizinto ezingabalulekile kuphazamise isibopho sethu sokuba khona njalo emihlanganweni? (Dut. 31:12) Njengoba lokhu kuyimfuneko engokomBhalo, ngamunye wethu kufanele awucabangele ngomthandazo lombuzo, Ngikubheka ngokungathi sína kangakanani ukuba khona emhlanganweni?
2 Abanye babazalwane bethu bahamba amahora amaningi emigwaqweni ewubhuqu futhi bawele imifula egcwele izingwenya ukuze babekhona emihlanganweni. Ebandleni lakini, kungenzeka ukuthi kunabantu abathembekile ‘abangaphuthi’ naphezu kwezinkinga zempilo ezingathi sína, ukukhubazeka okungokomzimba, imithwalo yemfanelo ecindezelayo emsebenzini wabo wokuziphilisa, noma izabelo eziningi zesikole. (Luka 2:37, qhathanisa ne-NW.) Kungani benza umzamo wokuba khona? Yingoba bayazi ukuthi abanakubhekana nezinselele zalelizwe eligcwele ukucindezela ngamandla abo siqu. Kumelwe bancike emandleni abawanikezwa uNkulunkulu.—2 Kor. 12:9, 10.
3 Namuhla silandela isibonelo esabekwa amaKristu akuqala, ayehlangana njalo ukuze athandaze, ahlanganyele okuhlangenwe nakho, futhi atadishe iZwi likaNkulunkulu. (IzE. 4:23-30; 11:4-18; Kol. 4:16) Sithola ukuyalwa ngesiprofetho seBhayibheli nemfundiso yalo, nangokuphathelene nokuziphatha kokwesaba uNkulunkulu nezimiso zokuziphatha kobuKristu, kanye neseluleko esifika ngesikhathi esimayelana nokuthuthukisa ukuphila kwethu manje ngokusebenzisa ngokucophelela izimiso ezingokomBhalo. (1 Thim. 4:8) Ngaphezu kwalokho, sikhunjuzwa ngethemba lethu lokuthi ngolunye usuku izinkinga nokuhlupheka kuyophela. Kubalulekile ukuba lelithemba ligcinwe liphila.—Heb. 6:19.
4 Umkhaya wakho ukubheka ngokungathi sína kangakanani ukuba khona emihlanganweni? Ingabe kuyingxenye yesimiso senu njengoba nje kunjalo ngesikhathi sokudla nomsebenzi wokuziphilisa? Ngobusuku bemihlangano, ingabe uzithola uzibuza uziphendula ngokuthi uye yini noma cha, noma ingabe ukuhlangana njalo nabazalwane bakho akuyona indaba yokuzikhethela emkhayeni wakho? Abamemezeli abaningi bakhumbula isibonelo sabazali babo abazinikezele ngesikhathi besakhula. Ngothando omunye umdala uyakhumbula, “uBaba wayeqikelela njalo ukuba umkhaya uye emihlanganweni. Uma othile egula, omunye wethu wayesala naye ekhaya, kodwa thina sonke sasiya emhlanganweni! ”
5 Emakhophini alandelayo e-Nkonzo Yethu YoMbuso, sizoxoxa ngokubaluleka komhlangano ngamunye webandla ngombono wokwakha ukwazisa ngalamalungiselelo angokomoya. Uma ningaba khona njalo emihlanganweni, siyaqiniseka ukuthi lezihloko zizonisiza ukuba niqaphele lokho okunilahlekelayo. Ziyohlanganisa izikhumbuzo eziwusizo ngalabo abaqhuba imihlangano, kanye nokusikisela sonke esingakusebenzisa lapho siyilungiselela futhi sihlanganyela kuyo. Kungani ningahlali phansi njengomkhaya futhi niwucabangele ngomthandazo umkhuba wenu wokuba khona emihlanganweni? Bese nenza noma ikuphi ukulungisa okudingekile. Ukuba khona njalo emihlanganweni kuyingxenye ebalulekile yemfundo yethu engokwasezulwini futhi kufanele kubhekwe ngokungathi sína ngempela.