IMihlangano Yenkonzo Ngo-January
Isonto Eliqala Ngo-January 3
INgoma 101
10 imiz: Izaziso zebandla neZindaba EzingokwaseZulwini. Qokomisa kafushane amaphuzu athile akomagazini bamuva ayokhanga kubantu abasensimini yebandla.
15 imiz: Liyini Ikusasa Lomhlaba? Isekelwe encwadini ethi Ukubonisana, amakhasi 364-69. (5 imiz.) Inkulumo ehlanganisa amaphuzu angaphansi kwesihlokwana esiqala emakhasini 364, ihlanganise lokho kwaziswa kuze kube sesigabeni sokuqala ekhasini 366. (7 imiz.) Ummemezeli osanda kuhlanganyela kanye nommemezeli ovuthiwe futhi onokuhlangenwe nakho baxoxa ngokwaziswa okusemakhasini 366-68. Izihlobo zezwe zommemezeli osanda kuhlanganyela ziye zaphikisa ngokuthi iBhayibheli libonisa ukuthi umhlaba uzobhujiswa. Ummemezeli osanda kuhlanganyela ucela usizo lommemezeli onokuhlangenwe nakho okwengeziwe ekuqondeni imibhalo yeBhayibheli ngokuphathelene nomhlaba. (3 imiz.) Ekuphetheni, xoxani ngombuzo osekhasini 369 othi “Luhlobo luni lwabantu uNkulunkulu ayolunika ukuphila okungapheli emhlabeni?” Khuthaza bonke ukuba bazikhandle ukuze bafanelekele lelolungelo elihle kangaka.
20 imiz: “Ukusiza Abanye Baqaphele Ukubaluleka Kwencwadi Ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu.” Xoxa ngalesihloko nebandla. Yiba nemiboniso emifushane ngemva kwesigaba 3 no-4.
INgoma 116 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 10
INgoma 147
10 imiz: Izaziso zebandla kanye neZaziso ezifanelekayo eziku-Nkonzo Yethu YoMbuso.
20 imiz: “Ukubuyela Ukuze Wakhe Ukwazisa.” Ingxoxo nezilaleli. Yenza umboniso wempindelo eyenziwa kothile owamukela incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu, usebenzisa ukusikisela okusezigabeni 3 no-4.
15 imiz: Lungiselela Izingane Zakho Unyaka Omusha Wesikole. Inkulumo enikezwa umdala esekelwe encwajaneni elingana nomagazini ethi Isikole, amakhasi 3, 30, no-31. Siza abazali baqaphele isidingo sokulungiselela abantwana babo izinselele abayobhekana nazo esikoleni. Bonisa indlela okubaluleke ngayo ngabazali ukujwayelana nothisha babantwana babo. Kubikwa ukuthi abanye abazali abasiboni isidingo sokucela ukuba izingane zabo zingahlanganyeli emakilasini ezifundo ezingokwenkolo, lapho lelilungiselelo lingokomthetho. Ngokuphathelene nalokhu, kubalulekile ukuvakashela umphati-sikole futhi uhambe uphethe isicelo esibhalwe phansi sokungahlanganyeli. Yiba nomboniso omfushane, olungiselelwe kahle womzali exoxa nothisha ngekhasi 3 lencwajana engangomagazini ethi Isikole. Umzali uphetha ngokunikeza uthisha ikhophi yencwajana engangomagazini ethi Isikole.
INgoma 154 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 17
INgoma 167
10 imiz: Izaziso zebandla kanye nombiko wezimali. Hlanganisa nokubonga iminikelo. Zwakalisa ukwazisa ngokusekela kwabamemezeli ngokwezimali imisebenzi yeNhlangano kanye neyebandla.
20 imiz: “Ukusebenza Insimu Esetshenzwa Njalo.” Ihlanganiswe umbonisi wenkonzo ngemibuzo nezimpendulo. Emabandleni anensimu esetshenzwa njalo, yiba nomboniso wesinye sezingeniso ezisencwadini Ukubonisana okubhekiselwe kuzo esigabeni 4 no-5 kanye nesinye isingeniso esifanelekayo esithathwe esigabeni 6 no-7 noma esilungiselelwe ngokukhethekile insimu yebandla. Emabandleni angayihlanganisi njalo insimu yawo, emibonisweni kungasetshenziswa ezinye izingeniso ezifanelekayo ezisencwadini Ukubonisana. Imiboniso kufanele ilungiselelwe kahle.
15 imiz: Ingabe Ukulungele Ukubhekana Nesimo Sezokwelapha Esibekela Ukholo Inselele? Inkulumo eshukumisayo enikezwa umdala onekhono yokusiza abazalwane baqaphele inzuzo evikelayo yekhadi i-Advance Medical Directive/Release, esebenzisa amaphuzu asezigabeni 1-3 esenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-June 1992. Khipha amakhadi amasha ukuba anikezwe abamemezeli ababhapathiziwe kuphela, bese nicabangela incwadi ka-October 15, 1992 yesiqondiso ngokuphathelene nendlela yokuwagcwalisa. Tshela abazalwane ukuba BANGAWAGCWALISI amakhadi ngalolosuku kodwa ukuba baye nawo emakhaya, ngomthandazo bacabangele isidingo sabo, bese bewagcwalisa. Kodwa BANGAWASAYINI amakhadi ngalesosikhathi. Beze namakhadi asegcwalisiwe eSifundweni Sencwadi Sebandla esilandelayo, lapho abadala beyosiza khona ekuboneni ukuthi amakhadi asayiniwe, anofakazi, futhi abhalwe nezinsuku. Umqhubi weSifundo Sencwadi Sebandla uyosebenzisa uhlu oluhambisana nesikhathi ukuze aqiniseke ukuthi bonke abaseqenjini lakhe bayanakekelwa. (Abazali ababhapathiziwe bangasizwa ekugcwaliseni ama-Identity Card ezingane zabo.) Noma ubani ongekho kulesosifundo sencwadi usengasizwa abaqhubi/abadala eMhlanganweni Wenkonzo olandelayo kuze kube yilapho wonke amakhadi abamemezeli ababhapathiziwe esegcwaliswe kahle futhi asayinwa. Abadala kufanele babe nohlu lwanoma obani abasasele futhi bazame ukugcwalisa wonke amakhadi ngokushesha ngangokunokwenzeka.
INgoma 176 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 24
INgoma 178
5 imiz: Izaziso zebandla. Khuthaza bonke ukuba bahlanganyele enkonzweni yasensimini kulelisonto. Yenza isaziso ngamalungiselelo ebandla enkonzo yasensimini. Khumbuza labo abangakawagcwalisi amakhadi abo e-Advance Medical Directive/Release ukuba bakwenze lokho namuhla ngokuya kumqhubi weSifundo Sencwadi Sebandla noma omunye wabadala.
15 imiz: Umsebenzi Wasensimini Webandla. Umbonisi wenkonzo nomunye umdala babukeza umsebenzi webandla wezinyanga ezine ezidlule. Ingxenye eyodwa kwezintathu (September-December) yonyaka wenkonzo isidlulile. Ibandla liqhuba kanjani? Nikeza ukutusa okuqotho ezicini ibandla elenza kahle kuzo. Yisho nezici ibandla okufanele lizithuthukise, bese unikeza ukusikisela okuwusizo. Hlanganisa nokuhlangenwe nakho okukodwa noma okubili okufushane kwasensimini kwezinyanga ezine zokuqala zonyaka wenkonzo. Phetha ngamazwi amahle akhayo. UJesu wayethola injabulo ekufezeni inkonzo yakhe. Nathi siyothola injabulo enkulu ekuzigcineni simatasa emsebenzini uJehova asinikeze wona.—Joh. 4:34; 1 Kor. 15:58.
25 imiz: Ingxoxo ngesihloko esithi “Ukuhaha Kungase Kubulale” esiku-Nqabayokulinda ka-July 15, 1985, amakhasi 24-8. Njengoba kunezimo zomnotho ezinzima ezweni, kunogibe lokuhileleka ezinhlelweni zokuceba ngokushesha, kanye nokuhilela abazalwane bethu abangamaKristu. Bhekisela ezibonelweni okukhulunywe ngazo ekhasini 27 no-28 ngokuphathelene nokuthengisa ngokukhuphulana, ukufaka imali eqenjini likamasikhuphulane, imishuwalense kamasikhuphulane. Nakuba eziningi zalezindlela zingaba semthethweni, kufanele sizibuze: Ingabe siqala ibhizinisi ngethemba lokuthi abazalwane bethu abasethembayo bayoba amakhasimende ethu ayinhloko? Ingabe sinikeza inkonzo edingekayo noma umkhiqizo ngokusebenza ngokuzikhandla, noma ingabe senza imali ngokushesha silimaza abazalwane bethu? (Bheka INqabayokulinda ka-August 1, 1993, ikhasi 12, isigaba 11.) Nxusa abazalwane ngemibhalo ekhonjiwe ukuba baqaphele bangaweli kulolugibe lobuqili lokuhahela imali.
INgoma 179 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 31
INgoma 186
5 imiz: Izaziso zebandla. Khuthaza bonke ukuba basheshe baqale inkonzo yasensimini ngokuhlanganyela kuyo kulempelasonto. Unganikeza ukusikisela okuwusizo kokuhambisa omagazini bamuva.
10 imiz: Hambisa Incwadi Ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni Endlini Ngendlu. Inkulumo emfushane enikezwa ngentshiseko ekhuluma ngokuba yinzuzo kwalencwadi ekusizeni abantu bazi futhi bakhulekele uJehova. Bonisa indlela ummemezeli angasebenzisa ngayo ukusikisela okukule-Nkonzo Yethu YoMbuso ukuze alungiselele ukuhambisa lencwadi enkonzweni yasensimini.
20 imiz: “Ukuba Khona Emihlanganweni—Umthwalo Wemfanelo Ongathi Sína.” Sihlanganiswe ngemibuzo nezimpendulo. Ngokuphathelene nesigaba 2, xoxa nabamemezeli abaye banqoba izithiyo ukuze babekhona njalo emihlanganweni.
10 imiz: Izidingo zebandla. Noma inkulumo enikezwa umdala ngesithi “Yiba Nombono Ofanele Ngesihe SikaNkulunkulu,” esiku-Nqabayokulinda, ka-October 1, 1993, amakhasi 22-5.
INgoma 188 nomthandazo wokuphetha.