Ukubuyela Ukuze Wakhe Ukwazisa
1 Izimpindelo ezizuzisayo zishukumisa futhi zithuthukise ngokuqhubekayo ukukhula komninikhaya ukuba abe umuntu okholwayo. Yikuphi okunye ukusikisela okuwusizo esingakukhumbula lapho sibuyela kulabo abaye babonisa isithakazelo?
2 Okokuqala, lungiselela kahle. Lokhu kuqala ekuhambeleni kokuqala. Kanjani? Ngokugcina umbhalo oqondile wesithakazelo esibonisiwe. Bhala igama lomninikhaya, indaba okuxoxwe ngayo, indlela asabele ngayo, kanye nanoma ikuphi okuhanjisiwe. Khona-ke bukeza umbhalo wakho wendlu ngendlu ngaphambi kokuba uphindele, bese ukucabangela ngomthandazo lokho ozokusho.
3 Manje usumi ngomumo. Yini ongayisho? Uma umninikhaya wamshiya nombuzo ekuhambeleni kokuqala, ungabe-ke sewakhela kuleyondaba lapho uphindela. Ngokwesibonelo, ekuhambeleni kokuqala, ngemva kokudonsela ukunakekela komninikhaya ekhasini 8, isigaba 12 encwadini ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu, ungabuza umbuzo othi, “Kungani Kufanele Uhlole Inkolo Yakho? ”
Lapho uphindela, ngemva kokuzethula, ungase uthi:
◼ “Lapho sikhuluma esikhathini esidlule, sabuza ukuthi kungani kufanele sifune ukuhlola inkolo yethu. Ingabe uke wakucabangisisa lokho? [Lindela impendulo.] Ingabe ucabanga ukuthi uNkulunkulu uyazivumela zonke izinkolo? [Lindela impendulo.] ” Cabangela imifanekiso esemakhasini 11 no-13 encwadini ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu. Ngemva kokukhulumela lemifanekiso, ungase uthande nokukhulumela ukwaziswa okusebhokisini elisekhasini 14. Phawula ukuthi nakuba sifuna ukuhlonipha izinkolelo zomunye umuntu, ngesikhathi esifanayo, sifuna ukuqiniseka ukuthi sikhulekela uNkulunkulu ngendlela ayivumelayo. Ukuze uvule indlela yenye impindelo, ungaphakamisa omunye wemibuzo esekhasini 17 noma-18 bese usikisela ukubuya ukuze uzophendula lowombuzo.
4 Uma ekuhambeleni kwakho kokuqala naxoxa ngezindlela zokubona inkolo yeqiniso futhi washiya incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu, umbuzo omuhle ongasekela kuwo impindelo yakho ungaba ukuthi: “Zaba khona kanjani izinkolo eziningi kangaka?” Lapho uphindela, ungase ukhulume ngamaphuzu athile asesahlukweni 2 saleyoncwadi.
5 Nakhu ofanele ukuqaphele. Qaphela imibuzo oyibuzayo lapho uphindela. Ukubuza ukuthi “Uyifundile incwadi engakushiyela yona?” noma ukuthi “Usangikhumbula?” noma “Usakhumbula ukuthi saxoxa ngani esikhathini esidlule ngilapha?” kuvame ukuba kubeke umninikhaya esimweni esibucayi. Ngokuvamile imibuzo enjalo ayiyivezi imiphumela emihle. Ngakolunye uhlangothi, yiba nobungane, uvumelane nezimo, futhi ufushanise. Lezimfanelo ziyothuthukisa isigijimi.
6 Lezi kanye nezinye izindlela zokuqalisa ingxoxo zingasetshenziselwa ukuhlakulela ukwazisa ezinhliziyweni zabantu abanesithakazelo. Kungani ungazibekeli umgomo wakho siqu wokwenza okungenani impindelo eyodwa isonto ngalinye? Sebenzisa ukusikisela okuwusizo okunikezwe ngenhla, bese uxoxa nabamemezeli abanokuhlangenwe nakho abayokusiza. Injabulo yakho iyokwanda lapho wakhela esithakazelweni sokuqala ngokwenza izimpindelo eziphumelelayo.