Ukusiza Abanye Baqaphele Ukubaluleka Kwencwadi Ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu
1 “Izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla.” (Heb. 4:12) Njengoba izincwadi zethu ezisekelwe eBhayibhelini zisiza abantu ukuba bazuze emandleni eZwi likaNkulunkulu, sizisebenzisela ukuba zibenze babe nesithakazelo eBhayibhelini lapho sifakaza ngokwethukela noma lapho sihambela indlu ngendlu.
2 Isipho sencwadi sango-January incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ngomnikelo ka-R4,50. Besilokhu siyisebenzisa lencwadi kusukela ngo-1991 futhi sesijwayelene nokwaziswa okuhle ekuqukethe. Nokho, kuzoba okubalulekile ukuba ulungiselele intshumayelo yakho yesigijimi soMbuso ukuze iholele ephuzwini elithile elikulencwadi. Lokhu kungenziwa kanjani?
3 Indlela Yokulungiselela: Zisuka nje, khetha amazwi athile encwadini ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu lawo ngokunokwenzeka ayokhanga abantu abanhliziyo ziqotho ensimini yenu. Okulandelayo, cabanga ngesenzakalo samuva noma indaba ngokuvamile abantu abanesithakazelo kuyo ongase ukwazi ukuxoxa ngayo kafushane nomninikhaya ngaphambi kokuba udonsele ukunakekela kwakhe emazwini owakhethile asencwadini. Mhlawumbe kunombhalo okhonjiwe noma ocashuniwe ongase uwufunde, eBhayibhelini noma encwadini ngokuqondile, ukuze usekele lokho okushoyo. Zama ukumshiya nombuzo noma umqondo othile ongawusebenzisa njengesisekelo sempindelo.
4 Hambisa Ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu: Ungase ukwazi ukuqala ingxoxo ngokudonsela ukunakekela ephuzwini lezindaba elibonisa ukuhileleka kwenkolo ezindabeni zezwe noma elibonisa ithonya lenkolo ekuphileni kwabantu.
Khona-ke phakamisa umbuzo, onjengalona:
◼ “Ucabanga ukuthi uNkulunkulu uzibheka kanjani izimiso ezingokwenkolo ezithonya izindaba zezwe namuhla? [Lindela impendulo.] Ingabe bekungakumangaza ukuzwa ukuthi izimfundiso eziyisisekelo zazo zonke lezinkolo ziyafana nanokuthi zihluke kakhulu ezimfundisweni zeBhayibheli? ” Uma umninikhaya ezimisele ukulalela, mbonise ibhokisi lezihloko eziqukethwe yincwadi, bese uchaza kafushane ukuthi kungakhathaliseki ukuthi umuntu uyikholwa noma cha, amathonya anamandla angokwenkolo ayakuthinta ukuphila kwakhe. Mtshele ukuthi angazuza ekufundeni ukuthi kungani ukufuna kwesintu uNkulunkulu kuye kwaholela ezindleleni eziningi kangaka neziqhele kakhulu ekufundeni indlela yokubona inkolo efanele.
5 Lapho sisenkonzweni, othile angase azichaze ngokuthi uyilungu leqembu elikhulu lenkolo. Singalivuma ngomusa leliqiniso, bese mhlawumbe sithi: “Kuyathakazelisa ukuhlangana nabantu bezinkolo ezihlukahlukene. Ukufuna kwesintu uNkulunkulu kuye kwaba ngezindlela ezihlukahlukene. [Uma kufaneleka kuleliqophelo, kungabhekiselwa kuzEnzo 17:26, 27.] Awuvumi yini ukuthi ngokuvamile abantu balandela inkolo yabazali babo, kunokuba bazifunele ngokwabo uNkulunkulu? Ngamanye amazwi, bazalelwa enkolweni ethile. Yilelophuzu elivezwe esahlukweni sokuqala salencwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu. [Mbonise ikhasi 8, isigaba 12.] Ukufunda okwengeziwe ngezinye izinkolo kuletha ukukhanya futhi kuyafundisa. Lencwadi ichaza umsuka, imikhuba, kanye nezimfundiso zezinkolo ezinkulu zezwe.”
6 Ngezinye izikhathi kungase kufaneleke kakhulu ukuhambisa omagazini noma ipheshana. Sinazo zonke izizathu zokukushisekela ukukhuthaza abanye ukuba bafunde lencwadi ukuze bakuhlomele ukubona amandla eZwi likaNkulunkulu esebenza ekuphileni kwabo ngokusabela ekuqondiseni kwalo.