Zilungiselele Intshumayelo Yakho Siqu Yokuhambisa Umagazini
1 Siyabazisa omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! ngenxa yezihloko zabo ezihambisana nesikhathi nezifundisayo, ezihlanganisa yonke into kusukela ezinkingeni zezwe kuye ‘ezintweni ezijulile zikaNkulunkulu.’ (1 Kor. 2:10) Ngo-October sizobe sihambisa izikhokhelo zabo bobabili omagazini. Sonke siyazikhumbula izinto eziningi ezintsha nezakhayo esizifunde kulabomagazini uJehova abasebenzisayo ekwambuleni iqiniso ngokuqhubekayo. (IzAga 4:18) Sifuna ukukushisekela ukubasakaza kabanzi ngangokunokwenzeka.
2 Hlaziya Insimu Yenu: Uhlobo olunjani lwabantu oluhlala endaweni yakini? Uma behlala bematasa, kungase kudingeke ulungiselele intshumayelo emfushane eshaya emhloleni. Uma ninensimu lapho abantu bengematasa kakhulu, ungase ukwazi ukusho okwengeziwe. Uma abaninikhaya abaningi besebenza phakathi nosuku, ungaphumelela kangcono uma ubahambela emizini yabo ntambama noma kusihlwa. Ungase uhlangane nabanye emini ngokufakaza emgwaqweni noma ngokusebenza izitolo. Abanye abamemezeli bathola imiphumela emihle ngokuxoxa nabantu ngokwethukela ezindaweni zokupaka izimoto nasemapaki asedolobheni.
3 Zijwayelanise Nomagazini: Funda umagazini ngamunye ngokushesha lapho uwuthola. Khetha izihloko onomuzwa wokuthi zingakhanga kubantu abasensimini yenu. Iziphi izihloko ezibathintayo? Funa iphuzu eliqondile ongase ulicaphune esihlokweni ohlela ukusiqokomisa. Cabanga ngombuzo ongawuphakamisa ukuze uvuse isithakazelo. Khetha umbhalo ofanelekayo ongawufundela umninikhaya uma ulithola ithuba lokwenza kanjalo. Cabanga ngalokho ongase ukusho ukuze ubeke isisekelo sempindelo.
4 Lungiselela Isingeniso Sakho: Khetha ngokucophelela amazwi ohlela ukuwasebenzisa ukuze uzethule futhi uqale ingxoxo. Abanye baye baphumelela lapho besebenzisa lamazwi esethulo: “Ngifunde isihloko esithakazelisayo kulomagazini, futhi ngithanda ukusihlanganyela nabanye.” Abaningi baqala ngombuzo osekelwe ephuzwini lengxoxo abahlela ukulisebenzisa. Ngokwesibonelo:
5 Uma uqokomisa isihloko esikhuluma ngokudlanga kobugebengu, ungabuza:
◼ Yini eyodingeka ukuze sikwazi ukulala ebusuku singesabi ukuphangwa noma ukulinyazwa?” Chaza ukuthi unokwaziswa okuthile okukhuluma ngekhambi lalenkinga. Leli khambi ngokushesha liyoqeda nazo zonke ezinye iziphithiphithi zezenhlalo. Mbonise okuthile okukumagazini okunikeza lelo themba. Lapho uphindela, ungadonsela ukunakekela komninikhaya esahlukweni 1 sencwadi ethi Ulwazi.
6 Lapho uhambisa umagazini okhuluma ngokuphila komkhaya, ungase usho lokhu:
◼ “Abazali abaningi bakuthola kuyinselele ngempela ukunakekela umkhaya kulezi zinsuku. Kuye kwabhalwa izincwadi eziningi ezikhuluma ngalesi sihloko, kodwa ngisho nochwepheshe imbala abavumelani. Ingabe ukhona onganikeza isiqondiso esinokwethenjelwa?” Hlanganyela naye ukukhulumela okuthile okukumagazini okubonisa iseluleko esihlakaniphile esitholakala eBhayibhelini. Lapho wenza impindelo, xoxani ngamaphuzu angakomBhalo aphathelene nokukhuliswa kwabantwana asencwadini ethi Ulwazi, emakhasini 145-8.
7 Lapho uhambisa umagazini okhuluma ngenkinga engokwenhlalo, ungase uthi:
◼ “Abantu abaningi bazizwa becindezelekile ngenxa yezikhathi ezinzima esiphila kuzo. Ucabanga ukuthi uNkulunkulu wayehlose ukuba siphile ngalendlela?” Mbonise isihloko esibonisa indlela yokubhekana nezinkinga zanamuhla noma esinikeza izizathu zokubheka phambili esikhathini esizayo esiyobe singenazo izinkathazo. Ekuhambeleni kwakho okulandelayo, xoxani ngomfanekiso kanye namazwi awuchazayo osemakhasini 4-5 encwadi ethi Ulwazi, bese umholela ngokuqondile esifundweni seBhayibheli sasekhaya.
8 Zivumelanise Nezimo Zomninikhaya: Uyohlangana nabantu abanezithakazelo kanye nezizinda ezingefani. Lungiselela intshumayelo eyisisekelo ongayivumelanisa nomninikhaya ngamunye. Cabanga ngendlela ongase wenze ngayo ingxoxo ifanelane nendoda, owesifazane, umuntu omdala, noma osemusha. Ayikho imithetho eqinile ngokuthi yini okumelwe uyisho. Sebenzisa noma yini ozizwa ukhululekile uma uyisho futhi ephumelelayo. Kodwa, yiba nomdlandla, ukhulume ngokusuka enhliziyweni, futhi ube isilaleli esihle. Labo ‘abathambekele ngokufanele’ bayobubona ubuqotho bakho futhi basabele kahle.—IzE. 13:48.
9 Sizanani: Ngokuchathazelana imibono, sifunda izindlela ezintsha zokukhuluma. Ukuprakthiza ndawonye izintshumayelo zethu kusenza sibe nokuhlangenwe nakho nesibindi. (IzAga 27:17) Uma ukuprakthiza lokho ozokusho, uyozizwa ukhululeke ngokwengeziwe lapho ufika emizini. Kubalulekile ukuba abazali babe nesikhathi sokusiza izingane zabo zilungiselele, balalele njengoba ziprakthiza izintshumayelo zazo, futhi banikeze ukusikisela kokuthuthukisa. Abasanda kuhlanganyela bangazuza ngokusebenza nabamemezeli asebenokuhlangenwe nakho okuthé xaxa.
10 Ukulungiselela intshumayelo yakho siqu yokuhambisa umagazini akufanele kube nzima. Kumane nje kudinga ukuba ube nokuthile okuqondile engqondweni ozokusho bese ukusho ngendlela ekhangayo. Ngokuzisungulela ozokusho nokucabanga kusengaphambili, ungakha intshumayelo enhle eyokwenza abantu basabele kahle.
11 Ukusakaza omagazini kungenye yezindlela eziyinhloko esisakaza ngazo isigijimi soMbuso emhlabeni wonke. Uma ungase ukwazi ukunikeza abantu abaqotho INqabayokulinda ne-Phaphama!, labomagazini bayozikhulumela. Khumbula njalo ukuba yinzuzo kwabo nendlela isigijimi sabo esingasindisa ngayo ukuphila. Lendlela ‘yokwenza okuhle nokuhlanganyela izinto nabanye’ iyona ejabulisa uJehova kakhulu.—Heb. 13:16.