Izindlela Zokuthuthukisa Ukushumayela Kwethu NgoMbuso
1 Umsebenzi wethu wokushumayela uphuthuma kakhulu manje kunanini ngaphambili. Ukuthi abantu bazuza ukuphila noma bayafa kuyoxhomeka endleleni abasabela ngayo ezindabeni ezinhle. (1 Pet. 4:5, 6, 17; IsAm. 14:6, 7) Ngenxa yalesisizathu kufanele ngaso sonke isikhathi sifune izindlela zokuthuthukisa ukushumayela kwethu ngoMbuso. Yiziphi ezinye izindlela zokuthuthukisa?
2 Lungiselela Kahle: Usebenzisa INkonzo Yethu YoMbuso yangaleyonyanga, khetha intshumayelo onomuzwa wokuthi iyokhanga kubantu abaningi ensimini yenu. Kubalulekile ukuvumelanisa lokho okushoyo nezimo zendawo. Noma ungase ukhethe ukuzilungiselela intshumayelo yakho, usebenzisa imiqondo kanye nemiBhalo oye wayithola wena ngokwakho iphumelela. Uyodinga isingeniso esivusa isithakazelo. (Bheka incwadi ethi Ukubonisana, amakhasi 9-15.) Mhlawumbe uhlela ukubuza umbuzo owenza umuntu acabange noma ukucela umninikhaya aphawule ngezindaba ezithile ezisematheni endaweni. Lapho usunayo engqondweni intshumayelo yakho, yiprakthize nelungu lomkhaya noma omunye ummemezeli onganikeza ukusikisela kokuthi ungayithuthukisa kanjani.
3 Xoxa Nabantu: Injongo yethu iwukudlulisela isigijimi esibalulekile. Lokhu kungenziwa ngokuhilela isilaleli sethu engxoxweni ezuzisayo. Uma umninikhaya ephikisa noma eveza umbono othile, lalelisisa lokho akushoyo. Lokho akushoyo kuzokusiza ukuba unikeze impendulo engokomBhalo yethemba onalo. (1 Pet. 3:15) Uma umbono wakhe ungavumelani neBhayibheli, ngokuhlakanipha ungase uthi: “Abantu abaningi bazizwa njengawe. Nokho, lendaba ungayibheka nangalendlela.” Bese ufunda umbhalo ofanelekayo, uthole nokukhulumela kwakhe.
4 Yiba Nesimiso Esivumelana Nezimo: Ukulungiselela kahle ngeke kube nenzuzo uma ungeke ukwazi ukukhuluma nabantu. Kulezizinsuku kuvamile ukuthola nje abaninikhaya abambalwa lapho sibahambele. Uma kunjalo ensimini yenu, zama ukushintsha isimiso sakho ukuze ukwazi ukusebenza indlu nendlu lapho abantu abaningi besemakhaya. Ungase uthole ukuthi isikhathi esingcono kakhulu sokubahambela singezimpelasonto; abanye bangase batholakale phakathi nesonto kodwa ntambama kungakahlwi. Kwezinye izindawo abamemezeli bakuthola kuyinzuzo ukufakaza ngezinsuku zamaholide ezwe ngenxa yokuthi bathola abantu abengeziwe emakhaya. Ngokuvamile abantu basuke bephumule futhi bangase bakulungele kakhudlwana ukulalela ngalezozikhathi. Kungase kube kuhle ukuvumelanisa isingeniso sakho nesimo bese uhlanganisa lokho okushoyo nesihloko esingokomBhalo.
5 Hlaziya Ukuphumelela Kwentshumayelo Yakho: Ngemva kokuphuma endlini ngayinye, zibuze: ‘Ingabe ngiyifinyelele inhliziyo yomninikhaya? Ingabe ngikwazile ukumenza aveze umbono wakhe futhi ngakulalelisisa lokho akushoyo? Ingabe ngiphendule ngesu lokungacunuli? Uma ngicabangela izimo, ingabe ngisebenzise indlela engcono kakhulu?’ Kungase kusize ukuba njalo ngezikhathi ezithile usebenze nommemezeli onokuhlangenwe nakho noma iphayona bese uzilalelisisa kahle izintshumayelo zakhe ngenjongo yokuthuthukisa ukuphumelela kwakho siqu enkonzweni.
6 Uma unekhono emsebenzini wakho, uyokwazi ukuhlanganyela amaqiniso oMbuso ‘ayokusindisa wena nabakuzwayo.’—1 Thim. 4:16; IzAga 22:29.