Indlela Yokuqeqesha Abasanda Kuhlanganyela Ukuba Bashumayele
1. Wazizwa kanjani mhla uqala ukuya enkonzweni?
1 Usakhumbula yini mhla uqala ukuya enkonzweni yendlu ngendlu? Cishe wawethukile. Uma wawusebenza nomuntu owayekufundela iBhayibheli noma omunye ummemezeli, akungabazeki ukuthi walujabulela usizo lwakhe. Njengoba usunolwazi njengesikhonzi, ususesimweni sokusiza ekuqeqesheni abasanda kuhlanganyela ukuba bashumayele.
2. Yini abamemezeli abasha okufanele bayifunde?
2 Abamemezeli abasha kudingeka bafunde indlela yokuqala ingxoxo nomninikhaya, ukusebenzisa iBhayibheli lapho beshumayela, ukwenza izimpindelo nokuqala futhi baqhube izifundo zeBhayibheli. Kufanele bafunde nokuhlanganyela ezicini ezihlukahlukene zenkonzo, njengokufakaza emgwaqweni nokuhambela abantu ezindaweni zamabhizinisi. Ungabasiza ukuba bathuthuke kulezi zici ngokuba isibonelo nangalokho okusikiselayo.
3. Singabasiza kanjani abanye ngesibonelo sethu?
3 Fundisa Ngesibonelo: UJesu wabonisa abafundi bakhe indlela yokushumayela. (Luka 8:1; 1 Pet. 2:21) Uma uhlela ukusebenza nommemezeli omusha, lungiselela intshumayelo elula lowo mmemezeli angayilingisa, mhlawumbe usebenzisa isibonelo esitholakala kwenye yezincwadi zethu. Yibe usushumayela endlini yokuqala noma ezimbili ukuze lo mmemezeli ezwe ukuthi uthini. Lapho nidlulela endlini elandelayo, ungase umcele asho ukuthi intshumayelo yakho ibe yimpumelelo yini. Lokhu kuyomsiza ukuba abone ukubaluleka kokusebenza nabanye enkonzweni futhi kuyokwenza kube lula ukuba amukele ukusikisela kwakho lapho eseyiqedile intshumayelo yakhe.
4. Singamsiza kanjani ummemezeli omusha ngemva kokulalela intshumayelo yakhe?
4 Nikeza Amacebiso: UJesu wabuye wanikeza abalandeli bakhe iziyalezo zokushumayela. (Math. 10:5-14) Nawe ungamsiza ngendlela efanayo ummemezeli omusha. Uma kuyithuba lakhe lokukhuluma, mlalelisise. Uma seniphumile kuleyo ndlu, mncome ngokuqondile nangobuqotho, ngisho noma ubone izici ezithile ezidinga ukuthuthukiswa entshumayelweni yakhe. Ngaphambi kokuba usikisele okuthile, ungase ukhethe ukubona ukuthi uyathuthukisa yini kuleso sici endlini elandelayo. Kungenzeka ubenziwa uvalo. Khumbula nokuthi abamemezeli abanawo amakhono afanayo, futhi ngokuvamile kunezindlela ezingaphezu kweyodwa zokwenza okuthile.—1 Kor. 12:4-7.
5. Yini esingayisho uma sithatha isinyathelo sokusikisela okuthile?
5 Ngezinye izikhathi ummemezeli omusha uyocela ukusikisela kwakho. Kodwa uma engakwenzi lokho, thatha isinyathelo. Lokhu kungenziwa kanjani ngobuhlakani? Abanye abamemezeli abangomakadebona bavele babuze, “Ngingasikisela okuthile?” noma bathi, “Ucabanga ukuthi sihambe kanjani kuloya muzi?” Okunye ongase ukusho ukuthi, “Lapho ngisaqala ukuba ummemezeli, ngangikuthola kuyinselele uku- . . . , kodwa ngakuthola kuwusizo lokhu. . . . ” Ngezinye izikhathi kuyazuzisa ukuhlola incwadi Ukubonisana nindawonye. Ukuze angadikibali, nikeza icebiso esicini esisodwa kuphela sentshumayelo yakhe.
6. Uma kuziwa enkonzweni, ‘izinsimbi zilolana’ kanjani?
6 Izinsimbi Ziyalolana: UThimothewu, owayengumshumayeli ongumakadebona, wakhuthazwa uPawulu ukuba aqhubeke ezikhandla ekufundiseni nasekuthuthukeni. (1 Thim. 4:13, 15) Nakuba kungenzeka sekudlule iminyaka uya enkonzweni, akufanele uyeke ukuthuthukisa amakhono akho. Funda kubamemezeli oshumayela nabo, ngisho nalabo abasanda kuqala ukushumayela, futhi ukuphaphamele ukusiza abanye ngomusa, ikakhulukazi abasanda kuqala, ukuze babe izikhonzi ezinekhono zezindaba ezinhle.—IzAga 27:17.