Ubabonisile Yini Ukuthi Isifundo SeBhayibheli Siqhutshwa Kanjani Ekuhambeleni Kokuqala?
Lapho becelwa ukuba baqhutshelwe isifundo seBhayibheli, abanye abaninikhaya bathi abanasithakazelo noma bathi bayalifunda iBhayibheli esontweni. Ngenxa yokuthi bacabanga ngesimo sabo sangaphambili kuphela lapho bezwa ngesifundo seBhayibheli, abazi ngempela ukuthi singajabulisa futhi sifundise kangakanani. Ngakho-ke, esikhundleni sokucela isifundo nje, kungani ungaziniki imizuzu embalwa ubonise umninikhaya ilungiselelo lokufunda iBhayibheli ekuhambeleni kokuqala? Ngamanye amazwi: Ungabatsheli nje ukuthi uyakwazi ukupheka bese uthembisa ukubuya uphethe ukudla; bazwise khona ngaleso sikhathi! Nansi indlela ongakwenza ngayo lokho ngemizuzu nje embalwa, esekelwe ekusikiseleni okusekhasini 5 le-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-March 2006:
“Ingabe ucabanga ukuthi luyoke lufike usuku ayogcwaliseka ngalo la mazwi? [Funda u-Isaya 33:24, bese ulindela impendulo.] Ake ngikubonise okuthile okuthakazelisayo ngale ndaba.” Nika umninikhaya incwadi Okufundiswa IBhayibheli, bese umcela abheke isigaba 22 ekhasini 36. Funda umbuzo ezansi ekhasini, bese ucela umninikhaya ukuba afune impendulo njengoba ufunda isigaba. Buza umbuzo futhi, bese ulalela impendulo yomninikhaya. Fundani omunye wemiBhalo ndawonye. Buza umbuzo ozophendulwa ngokuzayo, bese wenza amalungiselelo aqinisekile okubuya. Ususiqalile-ke isifundo seBhayibheli!