Ukuqala Izifundo Ngencwajana Ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?
1 Imibiko evela emhlabeni wonke ibonisa ukuthi incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? iyithuluzi elinamandla lokufundisa abantu iqiniso. Isonto ngalinye kuqalwa izinkulungwane zezifundo zeBhayibheli ngale ncwajana. Uye waphumelela yini ekuqaleni nasekuqhubeni isifundo seBhayibheli ngencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?
2 Nakuba abantu abaningi bekuthola kulula ukuhambisa le ncwajana, abanye bakuthola kunzima ukwazi ukuthi yini okufanele bayisho ukuze baqale isifundo. Yiziphi izindlela abanye abaye bazithola ziphumelela ekuqaleni izifundo zeBhayibheli besebenzisa incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Ukusikisela okulandelayo kufanele kube usizo.
3 Cela Ukumbonisa Indlela Isifundo Esiqhutshwa Ngayo: Lapho simhambele okokuqala umninikhaya noma siphindela, kunokuba simane sisikisele isifundo seBhayibheli kuye, singabonisa ukuthi lesi sifundo seBhayibheli sizoqhutshwa kanjani. Lokhu kuyoqeda ukungaqondi nokukhathazeka abaninikhaya abaningi ababa nakho lapho bezwa igama elithi “ukufunda.” Uma sesiyifundile indlela yokubonisa ukuthi isifundo siqhutshwa kanjani, siyothola ukuthi ngesingeniso nje esilula, singavele nje siqale isifundo ngaso leso sikhathi.
4 Ukulungiselela Kuyisihluthulelo: Ukushisekela ukuqala izifundo zeBhayibheli kuhlobene ngokuqondile nendlela esisuke silungiselele ngayo. Ukulungiselela kusengaphambili kuyosisiza ukuba sinqobe noma ikuphi ukuba madolonzima esingase sibe nakho ekuhlanganyeleni emsebenzini wokuqhuba izifundo zeBhayibheli. Ngokuprakthiza intshumayelo yethu izikhathi eziningana, siyokwazi ukuyibeka ngendlela esangxoxo, sikwazi ukukhuluma ngendlela engokwemvelo nangamazwi ethu. Lokhu ngeke nje kusisize ukuba sikhululeke kodwa kuyokwenza nomninikhaya akhululeke.
5 Lapho uprakthiza, kuwusizo ukubona ukuthi intshumayelo yakho ithatha isikhathi esingakanani ukuze ukwazi ukutshela umninikhaya ukuthi kuzothatha isikhathi esingakanani ukumbonisa ukuthi isifundo siqhutshwa kanjani. Ngemva kokuzethula, omunye umzalwane uthi: “Ngize lapha ukuzokubonisa indlela esiqhuba ngayo isimiso sesifundo seBhayibheli samahhala. Kuthatha imizuzu ecishe ibe mihlanu ukukubonisa ukuthi siqhutshwa kanjani. Ungaba nayo yini imizuzu emihlanu?” Ukuthi isifundo siqhutshwa kanjani, kungaboniswa ngemizuzu emihlanu kuphela ngeSifundo 1 sencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Kuyiqiniso ukuthi imibhalo oyikhethile kuphela engase ifundwe ngesikhathi esincane kangaka, kodwa lapho uqeda isifundo sokuqala ngemizuzu embalwa, umninikhaya usuke esesitholile isifundo sakhe sokuqala. Khona-ke, mazise ukuthi lapho ubuya nizofunda iSifundo 2, uyothatha imizuzu engu-15 kuphela.
6 Intshumayelo elandelayo iye yaphumelela: “Ngingathanda ukukubonisa indlela okuqhutshwa ngayo isifundo seBhayibheli sasekhaya esilula, futhi esisheshayo, kusetshenziswa le ncwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Abaningi baye bathola ukuthi ngemizuzu nje engaba ngu-15 ngesonto, ngamasonto angu-16, bangathola izimpendulo ezanelisayo ezingokomBhalo zale mibuzo yeBhayibheli ebalulekile.” Mbonise kafushane ikhasi lokuphakathi. Vula iSifundo 1, bese uthi: “Uma ungasinikeza imizuzu emihlanu, singathanda ukukubonisa ukuthi kwenziwa kanjani lokhu. ISifundo 1 sinesihloko esithi ‘Indlela Ongathola Ngayo Ukuthi UNkulunkulu Ufunani.’” Yibe usufunda imibuzo emithathu, bese uchaza ukuthi zisho ukuthini izinombolo ezikubakaki. Funda isigaba 1, bese ubonisa umninikhaya ukuthi angayithola kanjani impendulo. Ungase ucele umninikhaya ukuba afunde isigaba 2. Yibe usuthi: “Ngokusekelwe kulokhu kwaziswa, ungawuphendula kanjani lo mbuzo? [Phinda ufunde umbuzo, bese unikeza umninikhaya ithuba lokuphendula.] Uzophawula ukuthi kunemibhalo ehlobene nesigaba ngasinye. Le mibhalo isikhomba empendulweni yeBhayibheli yale mibuzo. Ngokwesibonelo, ake sifunde eyesi-2 Thimothewu 3:16, 17 sibone ukuthi iyayisekela yini impendulo oyinikezile ngokuphathelene nomlobi weBhayibheli.” Ngemva kokufunda isigaba 3, nokuphendula umbuzo kanye nokufunda uJohane 17:3, bonisa umninikhaya ukuthi uzuze ulwazi olungakanani ngokubukeza iSifundo 1. Kuleli qophelo ungavula iSifundo 2 bese ufunda umbuzo wokugcina, othi, “Yiziphi izindlela ezimbili esingafunda ngazo ngoNkulunkulu?” Yibe usubuza: “Ungaba nini nemizuzu engu-15 esingafunda ngayo iSifundo 2 futhi sithole impendulo yalo mbuzo?”
7 Kubalulekile ukugcina ingxoxo ilula futhi utuse umninikhaya noma nini lapho kunokwenzeka khona. Lapho uhlela okunye ukuhambela, esikhundleni sokubuza ukuthi angathanda yini ukuqhubeka, mane nje umkhuthaze ukuba alandele inqubo efanayo ngesifundo esilandelayo. Mazise ukuthi ubheke phambili ekubuyeni. Abanye abamemezeli baye basikisela ukuqhuba isifundo ngocingo uma kunzima ukuhlela isikhathi. Ungakhuthaza nomfundi ukuba agcine incwajana endaweni elondekile, okuzoba lula ukuyithola kuyo lapho ubuya.
8 Zimisele: Nakuba isihluthulelo sokuphumelela kuwukulungiselela, kumelwe sizimisele ukulandelela. Ukuqhuba isifundo ngemizuzu embalwa kungaba yinselele, ngakho zimisele ukuprakthiza intshumayelo izikhathi eziningi ngangokunokwenzeka ukuze ushelele lapho ubonisa indlela isifundo esiqhutshwa ngayo. Zama ukubonisa wonke umuntu oxoxa naye endlini, ngokwethukela nasekufakazeni ngocingo, ukuthi isifundo siqhutshwa kanjani. Uma unobunzima bokuqala isifundo seBhayibheli, ungadumali. Ukuphumelela ukuqala izifundo zeBhayibheli kudinga ukuzimisela nesifiso esiqotho sokudlulisela iqiniso kwabanye.—Gal. 6:9.
9 Ngokusebenzisa lokhu kusikisela, nawe ungaba nelungelo lokusiza othile angene endleleni eya ekuphileni, ngokuba uqale futhi uqhube isifundo seBhayibheli ngencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?—Math. 7:14.