Ukufundisa Ngencwajana Ethi Izindaba Ezinhle
1. Ihlelwe kanjani incwajana ethi Izindaba Ezinhle?
1 Njengoba kwaphawulwa kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso yango-July, elinye ithuluzi elibalulekile ebhokisini lethu lamathuluzi, incwajana ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu! ImiBhalo ekhonjiwe ayicashuniwe ukuze umninikhaya ajabulele ukuyifunda ngokuqondile eBhayibhelini. Nakuba izincwadi zethu zeBhayibheli eziningi zenziwe ngendlela yokuba umfundi akwazi ukuzifundela, le ncwajana yenziwe ngendlela yokuba kube nomqhubi wesifundo. Ngakho-ke, lapho siyihambisa, kufanele sizame ukubonisa umninikhaya ukuthi isifundo seBhayibheli siqhutshwa kanjani ukuze abone ukuthi kujabulisa kanjani ukufunda izindaba ezinhle eBhayibhelini.—Math. 13:44.
2. Singayisebenzisa kanjani incwajana ethi Izindaba Ezinhle ekuhambeleni kokuqala?
2 Ekuhambeleni Kokuqala: Ungase uthi: “Ngilapha ngenxa yokuthi abantu bakhathazekile ngekusasa lesintu. Ucabanga ukuthi izimo ziyoke zibe ngcono? [Lindela impendulo.] IBhayibheli linezindaba ezinhle ezingasinika ithemba. Nansi eminye imibuzo ephendulwa iBhayibheli.” Nikeza umninikhaya incwajana, bese umcela ukuba akhethe umbuzo osekhasini elingemuva. Yibe usumbonisa ukuthi isifundo siqhutshwa kanjani usebenzisa isigaba sokuqala esifundweni asikhethile. Okunye ongakwenza ukubuza umninikhaya umbuzo ovusa isithakazelo osekelwe esifundweni osikhethe wena ube usumbonisa ukuthi le ncwajana ingamsiza kanjani ukuba athole impendulo eBhayibhelini. Abanye abamemezeli badlala i-video etholakala ku-jw.org evumelana naleso sifundo uma ikhona.
3. Chaza indlela esingasiqhuba ngayo isifundo seBhayibheli ngencwajana ethi Izindaba Ezinhle.
3 Indlela Yokuqhuba Isifundo: (1) Funda umbuzo onenombolo yesigaba obhalwe ngokugqamile ukuze usize umninikhaya agxile ephuzwini eliyinhloko. (2) Funda isigaba esilandelayo. (3) Funda imiBhalo ebhalwe ngomalukeke futhi usebenzise imibuzo ebuzwe ngobuhlakani ukuze umsize abone ukuthi imiBhalo iwuphendula kanjani umbuzo onenombolo yesigaba. (4) Uma sikhona esinye isigaba esingaphansi kombuzo ofanayo, phinda lokho okwenze endleleni 2 no-3. Uma kukhona i-video ehambisana nombuzo futhi ungakaze umdlalele yona, mdlalele njengoba niqhubeka nengxoxo. (5) Okokugcina, cela umninikhaya aphendule umbuzo onenombolo yesigaba ukuze uqiniseke ukuthi uyakuqonda yini enikufundayo.
4. Yini ezosisiza sisebenzise leli thuluzi eliwusizo ngekhono?
4 Jwayelana naleli thuluzi eliwusizo. Lisebenzise noma nini lapho kuvela ithuba. Njalo ngaphambi kokuqhuba isifundo, cabanga ngomfundi nangendlela enhle kakhulu ongabonisana ngayo naye usebenzisa imiBhalo esesifundweni. (IzAga 15:28; IzE. 17:2, 3) Njengoba ujwayela futhi uba nekhono, le ncwajana iyoba ithuluzi olithandayo olisebenzisela ukufundisa abantu iqiniso, kube kufanele!