Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukubonisa Umninikhaya Indlela Yokuqhuba Isifundo SeBhayibheli Ngencwadi Ethi Okufundiswa IBhayibheli
Okwenza Kubaluleke: Abantu abaningi bangase bangaqondi ukuthi sisho ukuthini lapho sicela izifundo zeBhayibheli zamahhala zasekhaya. Bangase bacabange ukuthi kufanele bajoyine iqembu elifundayo noma bafunde ngeposi. Kunokumane ucele isifundo, kungani ungambonisi indlela isifundo esiqhutshwa ngayo? Ngemizuzu embalwa nje, ngisho noma usemnyango, ungakwazi ukubonisa umuntu ukuthi kulula futhi kuzuzisa kanjani ukutadisha iBhayibheli.
Zama Lokhu Phakathi Nenyanga:
Thandaza kuJehova umcele abusise imizamo yakho yokuqala isifundo seBhayibheli.—Fil. 2:13.
Zama ukubonisa umninikhaya indlela yokuqhuba isifundo seBhayibheli ngencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli noma ubonise othile i-video ethi Siqhutshwa Kanjani Isifundo SeBhayibheli? okungenani kanye lapho usenkonzweni.