Indlela Yokushintsha Abantu Esibahambisele Omagazini Babe Yizifundo ZeBhayibheli
1. Uyini umgomo wethu lapho sihambisa omagazini?
1 NgeMigqibelo sivame ukuhambisa INqabayokulinda ne-Phaphama! enkonzweni. Kodwa lokhu kumane nje kuyisinyathelo sokuqala sokufinyelela umgomo wethu wokufundisa abantu abanhliziyo ziqotho iqiniso. Ngezansi kunokusikisela kwendlela yokuhambisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli lapho wenza impindelo futhi uqale isifundo seBhayibheli. Kungase kuvunyelaniswe nensimu yenu futhi ukubeke ngamazwi akho. Zizwe ukhululekile ukusebenzisa enye intshumayelo uma uyithola iphumelela.
2. Singawasebenzisa kanjani amakhasi esethulo sencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ukuze siqale isifundo seBhayibheli?
2 Sebenzisa Amakhasi Esethulo: Ungase usho okuthile okunjengalokhu lapho uphindela: “Omagazini engakushiyela bona baqokomisa iBhayibheli. Phawula ukuthi kungani ukufunda iBhayibheli kubaluleke kangaka.” Funda u-Isaya 48:17, 18; uJohane 17:3; noma omunye umbhalo ofanelekayo. Khona-ke, ngemva kokwethula incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli nokunika umninikhaya ikhophi, ungabe usuthi:
◼ “IBhayibheli lisinika ithemba langempela lesikhathi esizayo.” Bonisa umninikhaya amakhasi 4-5 bese uyabuza, “Yisiphi kulezi zithembiso ongathanda ukusibona sigcwaliseka?” Bonisa umninikhaya isahluko esixoxa ngesithembiso esingokomBhalo asikhethile, bese nixoxa kafushane ngesigaba esisodwa noma ezimbili uma evuma.
◼ Noma ungase uthi, “IBhayibheli liphendula imibuzo ebaluleke kakhulu ekuphileni.” Bonisa umninikhaya ikhasi 6, bese umbuza ukuthi wake wazibuza yini omunye wemibuzo esekugcineni kwekhasi. Vula ikhasi elinempendulo, bese nixoxa kafushane ngesigaba esisodwa noma ezimbili.
◼ Noma ungase umbonise ezinye zezihloko ezisekhasini lokuqukethwe yincwadi bese umbuza ukuthi isiphi isihloko asithandayo. Vula leso sahluko, umbonise kafushane ukuthi isifundo seBhayibheli siqhutshwa kanjani.
3. Singasiqala kanjani isifundo seBhayibheli ngemva kokuhambisa omagazini abakhuluma (a) ngezimo zezwe eziya ziba zimbi? (b) ngomkhaya? (c) ngokuthembeka kweBhayibheli?
3 Shiya Umbuzo Ekuhambeleni Kokuqala: Okunye ongakwenza ukubeka isisekelo sempindelo ekuhambeleni kokuqala. Lapho umninikhaya esebamukele omagazini, buza umbuzo bese uthembisa ukuwuphendula ngokuzayo. Zama ukwenza amalungiselelo aqinisekile okubuya, bese uqiniseka ukuthi uyaligcina ngempela izwi lakho. (Math. 5:37) Lapho uphindela, khumbuza umninikhaya ngombuzo, bese kafushane nifunda futhi nixoxe ngempendulo esencwadini ethi Okufundiswa IBhayibheli. Mnike ikhophi ukuze ahambisane nawe. Nazi izibonelo ezimbalwa:
3◼ Uma umagazini omhambisele wona ukhuluma ngezimo zezwe eziya ziba zimbi, ungase uthi, “Ngokuzayo singaxoxa ngempendulo yeBhayibheli yalo mbuzo, Iluphi ushintsho uNkulunkulu ayoluletha emhlabeni?” Sebenzisa amakhasi 4-5 lapho ubuya. Noma ungase ubuze lo mbuzo, “Ingabe izinhlekelele ziyintando kaNkulunkulu?” Lapho ubuya, bonisa umninikhaya izigaba 7-8 esahlukweni 1.
3◼ Uma umagazini omhambisele wona ukhuluma ngomkhaya, ngaphambi kokuba uhambe ungase ubuze lo mbuzo, “Yini ilungu ngalinye lomkhaya elingayenza ukuze ukuphila komkhaya kujabulise kakhudlwana?” Lapho ubuya, xoxani ngesigaba 4 esahlukweni 14.
3◼ Uma umhambisele umagazini okhuluma ngokwethembeka kweBhayibheli, ungase ubuze lo mbuzo ozowuphendula engxoxweni elandelayo, “Ingabe iBhayibheli linembile ngokwesayensi?” Lapho ubuya, xoxani ngesigaba 8 esahlukweni 2.
4. Yini okufanele siyenze uma umninikhaya engayamukeli incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli?
4 Lapho uphetha ingxoxo ngayinye, buza omunye umbuzo ozophendulwa ekuhambeleni okulandelayo. Uma isifundo sesiqhutshwa njalo, fundani incwadi ngokulandelana kwezahluko kusukela ekuqaleni kuya ekupheleni kwayo. Kuthiwani uma umninikhaya engayamukeli incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli? Usengaqhubeka umlethela omagazini futhi uxoxe naye ngemiBhalo. Njengoba uhlakulela isithakazelo sakhe, ngokuhamba kwesikhathi angase asamukele isifundo seBhayibheli.
5. Kungani kufanele silwele ukwenza okungaphezu nje kokushiyela abantu omagazini?
5 INqabayokulinda ne-Phaphama! ingashukumisa isifiso somuntu sokufunda lokho okufundiswa yiBhayibheli ngempela. Ngakho yenza umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli nalabo abamukela omagazini. Ngokwenza kanjalo, siyobe silalela umyalo kaJesu wokuba ‘senze abafundi, sibafundise.’—Math. 28:19, 20.