Ukushumayela Izindaba Ezinhle Ngokusebenzisa Amapheshana Ngokuphumelelayo
1 Phakathi nomhlangano wesigodi ka-1987 “Wokuthembela KuJehova,” kwakhululwa amapheshana amasha amane. Ayenezihloko ezithi Isizathu Sokuba Uthembe IBhayibheli, Yini OFakazi BakaJehova Abayikholelwayo, Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula, nesithi Liyini Ithemba Ngabathandekayo Abafileyo. Ingabe ubuwasebenzisa ngokuphumelelayo lamapheshana ensimini?
2 Abamemezeli abaningi bashiya amapheshana eminyango lapho kungekho muntu ekhaya. Futhi bawanikeza abantu abamatasa kakhulu ukuba bangalalela ngesikhathi bebahambele. Abanye bathola ukuthi uma besebenzisa ipheshana ukuba bazethule emnyango, kuyasiza ukuba kuvuse isithakazelo somninikhaya. Abanye bakhetha ukuwahambisa njengesipho samahhala emakhaya lapho kungahanjiswanga zincwadi khona kodwa kunesithakazelo esibonisiwe.
ISIKHATHI NENDLELA YOKUWASEBENZISA
3 Ngokuvumelana nezimo nangokuphaphamela amathuba, ungathola amathuba amaningi okuhambisa amapheshana. Ngokwesibonelo, amapheshana angaba usizo lapho sifakaza ezihlotsheni. Ungawasebenzisa amapheshana lapho useholidini, lapho uthenga nalapho uhamba, esikoleni, noma lapho usebenza khona. Ingabe lamapheshana uwagcina lapho ungawathola kalula khona, mhlawumbe ekhukhwini lebhantshi noma lehembe lakho, esikhwameni semali, noma esikhwameni? Ukuhlala unamapheshana ngaso sonke isikhathi kungase kukukhuthaze ukuba ufakaze ngokwethukela. Kungani ungabheki amathuba okuhambisa amapheshana?
4 Kungakhathaliseki ukuthi isimo siyini, ungawasebenzisa lamapheshana ukunikeza ubufakazi obuphumelelayo. Nakuba isigijimi asiqukethe sisifushane, lokho akushoyo kuyakholisa kakhulu futhi kusekelwe ingxoxo engokombhalo ecacile. Lamapheshana anemifanekiso enemibala emihle futhi angaba amathuluzi awusizo ekufezeni okuhle okuningi enkonzweni. Kuphaphamele ukuwahambisa kubantu yonke indawo.
ENKONZWENI YASENSIMINI
5 Ingabe uye wazisebenzisa ngokunenzuzo izihloko ezishukumisa ingqondo zalamapheshana ukuze uhlakulele isithakazelo esigijimini soMbuso lapho usebenza indlu ngendlu? Abanye abamemezeli baqokomisa isihloko sepheshana zisuka nje esethulweni sabo. Kungani ungasizami lesingeniso? Ungase uthi: “Sawubona. Ngiyajabula ukukuthola ekhaya. Ngiye ngahlanganyela ngokuzithandela ekuhambiseni isigijimi esibaluleke kakhulu. Sitholakala kulelipheshana elithi Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula. Leli ngelakho. Ungalithola ngesihle. [Linikeze umninikhaya, futhi umqaphelise isembozo.] Ngeke uthande yini ukuphila endaweni enokuthula kanjalo?” Khona-ke uma izimo zivuma, qhubeka nesihloko sengxoxo, futhi uxhume nesipho senyanga.
6 Ungase ukuthole kuyinzuzo ukusho ukuthi isigijimi sakho sivela eBhayibhelini, kuye ngokuthi uhlala kuphi. Ipheshana elithi Isizathu Sokuba Uthembe IBhayibheli lingaba eliphumelela kakhulu endaweni yakini. Ngokwesibonelo, ungase uthi: “Sishiya isigijimi seBhayibheli samahhala komakhelwane bethu namuhla. Nansi eyakho ikhophi. [Linikeze umninikhaya.] Phawula ukuthi isihloko siphathelene neBhayibheli. Ingabe ucabanga ukuthi abantu baye balahlekelwa ukwethembela kwabo eBhayibhelini namuhla? [Lindela impendulo.] Lelipheshana lizokusiza ukuba ubone ukuthi kungani singakwethemba lokho iBhayibheli elikushoyo.” Qhubeka neSihloko Sengxoxo, ubonisa izibusiso uNkulunkulu azigcinele umhlaba.
7 Ukuhambisa amapheshana eBhayibheli kuyindlela evivinywe isikhathi nephumelelayo yokushumayela “izindaba ezinhle.” (Math. 24:14, NW) Anendima ebalulekile enkonzweni yethu yasobala nalabo sifaza ngokwethukela. Masiwasebenzise ngokuphumelelayo amapheshana ethu amahle ekunikezeni ubufakazi obuhle futhi kanjalo sisize abanye ukuba bafunde ngoMbuso kaNkulunkulu.