Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngamapheshana Nezimemo
1 “Ngahlangana nowesifazane owanginikeza ipheshana leBhayibheli,” kubhala enye indoda ibhalela iNhlangano. “Lalifundeka kanje, ‘Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula.’ Ngaphambi kokuba ngilifunde ngangiphansi, kodwa kamuva ngavuseleleka kakhulu futhi ngaba nokuthula.” Lendoda yafuna ukwaziswa okwengeziwe futhi yabhala ikucela, ichaza: “Ngilindele incwadi ethi, ‘Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni’ evela kini ngesikhulu isifiso.”
2 Ngempela, abaningi manje abadumisa uJehova baye bavuswa isifiso sabo esingokomoya ngamapheshana nangesigijimi seBhayibheli esinyatheliswe ngemuva ezimemweni zethu. Ingabe niyawasebenzisa amapheshana nezimemo enkonzweni yenu? Abaningi bayakwenza. ENingizimu Afrika, kuye kwanyatheliswa amapheshana angaphezu kwezigidi ezingu-1,7 athi Ezweni Elisha Elinokuthula, kanye namakhophi ayizigidi ezingu-3,5 zamanye amapheshana amathathu athi, Isizathu Sokuba Uthembe IBhayibheli, Yini OFakazi BakaJehova Abayikholelwayo? nelithi Liyini Ithemba Ngabathandekayo Abafile? Izimemo ezingaphezu kuka-250 000 ziyathunyelwa futhi emabandleni eNingizimu Afrika unyaka ngamunye.
3 Akumelwe neze siwabhekele phansi amandla eZwi likaNkulunkulu njengoba echazwa kulezigijimi ezifushanisiwe. (Heb. 4:12; qhathanisa noZakariya 4:10; Jakobe 3:4, 5.) Omunye uFakazi wabhala: “Ngafunda amapheshana amaningi avela eWatch Tower Society, futhi ekugcineni ngafunda iqiniso.” Wachaza: “Kulelizwe eliphuthumayo, abantu ngokuvamile abafuni ukusebenzisa isikhathi esiningi befunda, kodwa amapheshana made ngokwanele nje ukuba abe nesigijimi esibalulekile kodwa awamade kakhulu ukuba angaxosha abantu ngaphambi kokuba bawabuke ngisho nokuwabuka.”
4 Ngenxa yezizathu ezihlukahlukene, abantu ngokuvamile bayangabaza ukuthatha izincwadi kithi. Kodwa abaningi bayakhululeka ukuthatha ipheshana nje kuphela. Omunye umbonisi wesifunda uchaza ukuthi unesikhwama sikapulasitiki esincane afaka kuso ngobunono lamapheshana, evumela umninikhaya ukuba azikhethele alithandayo. “Ipheshana lokuqala elikhethwayo,” ebhala, “elithi, Yini OFakazi BakaJehova Abayikholelwayo?”
EKUHAMBELENI KOKUQALA
5 Abanye abamemezeli bathola ukuthi ukuhambisa ipheshana noma isimemo kuyindlela ephumelelayo yokuqalisa izingxoxo. Ngokuhambisa elilodwa, umninikhaya ongabazayo ukuvula umnyango angase ayengelwe ukuba awuvule. Ukubonisa isimiso semihlangano sihlelwe esimemweni kungavula indlela eholela engxoxweni ngomsebenzi nenjongo yethu. Ingabe uyazisebenzisa izimemo? Abadala bayofuna ukuqiniseka ukuthi kukhona amaningi ngokwanele okusetshenziswa ibandla.
6 Uma umninikhaya ngokusobala ematasa noma ecindezelekile, ipheshana lingase nje libe yilokho okudingekayo. Omunye wesifazane waduduzwa kakhulu ipheshana elikhuluma ngethemba ngabafile kangangoba wabhalela iNhlangano ecela ukwaziswa okwengeziwe. Lapho kungekho muntu ekhaya, ipheshana lingase lishiyelwe umninikhaya lapho lingenakubonwa khona abadlula ngendlela.
EZIMPINDELWENI
7 Ebuyela lapho kwaboniswa isithakazelo khona esikhathini esidlule, umuntu angase athi: “Sawubona, [azisho igama]. Ngiyajabula ngempela ngokukuthola ukhona ekhaya. Lapho sihlangana okokuqala, ngahlatshwa umxhwele ngokuzinikeza kwakho isikhathi sokuba sixoxe ngeBhayibheli. Nginokunye ukwaziswa okwengeziwe engicabanga ukuthi kungase kukuthakazelise. Kutholakala kulelipheshana elithi, Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula. Uma usakhumbula, ngesikhathi esidlule sakhuluma ngesithembiso seBhayibheli sokuthula kweqiniso nokuhlala njalo ngesintu. Nokho, njengoba abaningi becabanga ngezulu kuphela lapho befunda lezithembiso, phawula ukuthi IHubo 37:29 libonisa ukuthi lezithembiso ziyokwenzeka lapha emhlabeni. [Funda umbhalo, ubonise umninikhaya lapho utholakala khona epheshananeni.] Ingabe lokho akuzwakali kuthakazelisa? [Xoxa ngezigaba eziningana.] Kunemibhalo eminingi ekhuthazayo kulelipheshana, futhi uyoyithola ijabulisa ngokulinganayo. Lapho ngibuya futhi ngokulandelayo, mhlawumbe singafunda eminye yayo ndawonye njengoba siye senza namuhla.”
8 Ngempela, amapheshana ethu nezimemo kuyizipho ezivela kuJehova. Sengathi singalusebenzisa ngobuciko lolusizo njengoba sifeza inkonzo ephumelelayo kube udumo kuye nesibusiso sethu esihlala phakade.—IzAga 22:29.