IZaziso
◼ Izincwadi ezizosetshenziswa ngo-February: Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise ngomnikelo ka-R3,50 noma ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! ngomnikelo ka-R10,50. Ngo-March: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ngomnikelo ka-R3,50. Ngo-April nango-May: Isikhokhelo sonyaka se-Nqabayokulinda somagazini abaphuma kabili ngenyanga abafika ngeposi ngo-R38,00. Isikhokhelo sonyaka somagazini abaphuma kanye ngenyanga noma sezinyanga eziyisithupha somagazini abaphuma kabili ngenyanga singu-R19,00. Izikhokhelo ze-club system u-R24,00 no-R12,00 ngokulandelana kwazo. Yenza umzamo okhethekile wokuhambisa omagazini lapho isipho senqatshwa.
◼ Unobhala nombonisi wenkonzo kufanele babukeze umsebenzi wawo wonke amaphayona avamile. Uma ekhona anobunzima bokufinyelela amahora afunekayo, abadala kufanele bahlele ukuba asizwe. Bukezani amaphuzu asezigabeni 12-20 zesenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-August 1986.
◼ Ukugujwa kweSikhumbuzo kuzoba ngoLwesibili, April 2, 1996. Nakuba inkulumo ingase isheshe iqale, sizani nikhumbule ukuthi ukudluliswa kwesinkwa newayini leSikhumbuzo akufanele kuqale lingakashoni ilanga. Buzani emithonjeni yendawo ukuthi endaweni yakini lishona nini ilanga. Akufanele kuqhutshwe noma imiphi imihlangano ngalolo suku ngaphandle kowenkonzo yasensimini. Uma ngokuvamile ibandla lakini liqhuba imihlangano ngoLwesibili, ningase nithande ukuyishintshela kolunye usuku lwesonto uma iHholo LoMbuso lizobe lingasetshenziswa.
◼ Abamemezeli abafisa ukukhonza njengamaphayona asizayo ngo-March, April, nango-May kufanele bahlele manje futhi bafake izicelo zabo kusenesikhathi. Lokhu kuyosiza abadala ukuba benze amalungiselelo adingekayo enkonzo yasensimini futhi kube khona omagazini nezinye izincwadi ezanele.
◼ U-April 20, 1996, uzoba uSuku lwethu Olukhethekile Lukamagazini. Esikhathini esidlule abaningi baye bakujabulela ukuhlanganyela emsebenzini woSuku Lukamagazini olukhethekile. Kungani ungaqali ukuhlela manje ukuze uhlanganyele ngokugcwele kulonyaka? Amabandla kufanele afake ama-oda akhethekile omagazini ngokushesha ngangokunokwenzeka.
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1996 e-odeni lawo lezincwadi lango-February. INcwadi Yonyaka Ka-1996 izotholakala ngesiFulentshi, isiGreki, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPutukezi, nesiZulu. Kuze kube yilapho sezitholakala lezi zincwadi futhi sezithunyelwe, ziyobhalwa kuma-invoice ebandla ngokuthi “Back Ordered.” INcwadi Yonyaka iyisitokwe esi-odwa ngokulinganisela futhi iyofakwa kuyi-akhawunti yezincwadi ngo-R5,60 iyinye. Amaphayona asenezinyanga eziyisithupha esohlwini angayithola eyamahhala ibandla eliyoyicelela isaphulelo. Amaphayona angathola ezengeziwe ngo-R3,70 iyinye.
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
OFakazi BakaJehova Nemfundo (ibandla neningi: R1,00; amaphayona: R0,70) —ngesiBhunu, ngesiChewa, ngesiFulentshi, ngesiGreki, ngesiJalimane, ngesiNgisi, ngesiNtaliyane, ngesiPutukezi, ngesiShona, ngeSipedi, ngesiSuthu, ngesiTsonga, ngesiTswana, ngesiVenda, ngesiXhosa, ngesiZulu
Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade (ibandla neningi: R3,50; amaphayona: R2,65) —ngesiBhunu, ngesiChewa, ngesiCroatia, ngesiDashi, ngesiFulentshi, ngesiGreki, ngesiHungary, ngesiJalimane, ngesiNgisi, ngesiNtaliyane, ngesiPolish, ngesiPutukezi, ngesiRashiya, ngesiSerbia, ngesiShayina, ngesiShona, ngeSipedi, ngesiSuthu, ngesiTsonga, ngesiTswana, ngesiVenda, ngesiXhosa, ngesiZulu
INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki (ibandla neningi: R5,60; amaphayona: R3,70)—ngesiSuthu, ngesiXhosa
Umqulu onyatheliswe kabusha we-Watchtower ka-1951 (ibandla, iningi, namaphayona: R22,00)—ngesiNgisi
◼ Izincwadi Ezintsha Ze-Braille Ezitholakalayo:
OFakazi BakaJehova Nemfundo (umqulu owodwa)—nge-Grade-two English
Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade (imiqulu emibili)—nge-Grade-two English