Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/93 k. 1
  • Ingabe Ungamkhonza UJehova Njengephayona?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ungamkhonza UJehova Njengephayona?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inkonzo Yamaphayona—Ingabe Ingakulungela?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Amaphayona Ayapha Futhi Athola Izibusiso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Kudingeka Abazalwane Abengeziwe Enkonzweni Yamaphayona
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Izibusiso Zenkonzo Yobuphayona
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 1/93 k. 1

Ingabe Ungamkhonza UJehova Njengephayona?

1 EMhlanganweni WesiGodi wamuva “Wabaphathi Bokukhanya,” isikhulumi sabuza: “Ingabe ungaba yiphayona? Ingabe uzoba yiphayona?” Saphawula ukuthi lemibuzo iyafaneleka ngoba iArmagedoni iseduze kakhulu, futhi lokhu kwenza umsebenzi wokushumayela uphuthume kakhulu kunanini ngaphambili.—1 Kor. 7:29a.

2 Akungatshazwa ukuthi ukuphayona kuwumsebenzi onzima. Kudinga ukuzikhuza nokuhlela okuhle. Nokho, umsebenzi wethu enkonzweni ‘awusilo ize.’ (1 Kor. 15:58) Ingabe okufanayo kungashiwo ngeminye imisebenzi esingase sikhethe ukuyiphishekela futhi edla isikhathi namandla ethu? Uthando ngoJehova lubangela ukuba amaKristu ashiseke enkonzweni yakhe, futhi intshiseko ngenkonzo kaJehova iye yaholela abaningi emsebenzini wamaphayona.—1 Joh. 5:3; IsAm. 4:11.

3 Izinceku eziningi zikaJehova ezisezintsha ezisanda kuqeda esikoleni esiphakeme zicabanga ngokungathi sína ngokuphayona. Lokhu kufaneleke kakhulu. Yimuphi omunye umsebenzi obungaba obaluleke ukudlula inkonzo yesikhathi esigcwele? (Math. 6:33) Izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kumelwe zishunyayelwe; lona umsebenzi kaJehova, futhi yeka ilungelo okuyilo ukugxila kuwo kusukela ebusheni kuqhubeke!—Math. 24:14.

4 Ingabe nina bazali niyazikhuthaza izingane zenu ukuba zingenele inkonzo yesikhathi esigcwele? Ingabe izingane zenu ziqonda kahle ukuthi nifuna ukuba zisebenzise yonke inhliziyo yazo, umphefumulo, ingqondo, namandla kulomsebenzi obalulekile? (Marku 12:30) Abamemezeli abaningi abasebasha bazilungiselela umsebenzi wamaphayona avamile ngokuhlanganyela njengamaphayona asizayo ngawo wonke amathuba phakathi neminyaka yabo yesikole. Ngokuqinisekile ukuzinikela okunjalo kuJehova kujabulisa inhliziyo yakhe!—IzAga 27:11.

5 Yebo, akubona bonke abanezimo ezibavumelayo ukuba bangenele inkonzo yamaphayona. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi ushadile noma awushadile, umusha noma usukhulile ngeminyaka, ingabe uke wakucabangela ngokungathi sína nangomthandazo ukukhonza uJehova njengesikhonzi sezindaba ezinhle esiyiphayona? (Kol. 3:23) Imibhangqwana eminingi eshadile esemisha isebenzela ukwandisa inkonzo yayo ukuze oyedwa noma bobabili bakwazi ukuphayona.

6 Uma ungekho esimweni sokuthatha ubuphayona obuvamile okwamanje, ingabe ungakhonza njengephayona elisizayo? Cishe abamemezeli abaningi ebandleni okulo bahlela ukwenza lokho phakathi no-April. Ingabe ungahlanganyela nabo? Nakuba zonke izinceku zikaJehova ezithembekile zithola izibusiso eziningi, izibusiso ezengeziwe zilindele labo abasesimweni sokusebenzisa isikhathi esengeziwe enkonzweni yoMbuso befuna abantu abanjengezimvu.—IzE. 20:35.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela