Imihlangano Yenkonzo Ka-January
Isonto Eliqala Ngo-January 4
INgoma 23
10 imiz:Izaziso zebandla kanye neZaziso ezifanelekayo ezivela kuNkonzo Yethu YoMbuso.
20 imiz:“Shumayela Indlela KaNkulunkulu Eholela Ekuthuleni Nokulondeka.” Ukuhlanganiswa kwesihloko ngemibuzo nezimpendulo. Khuthaza abamemezeli ukuba basebenzise isipho sencwadi esisikiselwe enkonzweni yasensimini. Ngemva kokuxoxa ngesigaba 7, yiba nommemezeli olungiselele kahle ebonisa indlela isifundo seBhayibheli esingaqaliswa ngayo kungaba ngokuhambela kokuqala noma empindelweni, esebenzisa ipheshana elithi Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula. Ummemezeli: “Sawubona. Namuhla sixoxa nabantu ngesimo sokuphila. Ingabe wanelisekile ngalokho okubona kwenzeka ekuphileni kwabantu abaningi namuhla?” Umninikhaya: “Akunjalo ngempela.” Ummemezeli: “Ingabe ucabanga ukuthi isimo sizoba ngcono?” Umninikhaya: “Angazi.” Ummemezeli uhambisa ipheshana abese ethi: “Abanye bacabanga ukuthi lokhu okwenzekayo kuwukugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli nokuthi ukuphela kwezwe kusedu-ze. Wena ucabangani?” Umninikhaya: “Angazi. Ngicabanga ukuthi kungenzeka kunjalo.” Khona-ke ummemezeli ubhekisela epheshaneni futhi uyachaza ukuthi ukuphela kwezwe akusho ukuphela kwamazulu nomhlaba okungokoqobo. Ummemezeli ulungiselela okunye ukuhambela ukuze bacabangele ubufakazi beBhayibheli bokuthi ukuphela kwesimiso samanje kuseduze.
15 imiz:Izidingo zebandla, noma inkulumo enesihloko esithi Londoloza Umbono Ofanele Wezokuzijabulisa, esekelwe kuPhaphama! ka-November 8, 1992, amakhasi 3-10.
INgoma 139 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 11
INgoma 162
10 imiz:Izaziso zebandla. Khumbuza abazalwane ngamalungiselelo enkonzo yasensimini alempelasonto ezayo.
20 imiz:Thumela Izingane Zakho Esikoleni Zinemicabango KaNkulunkulu Ezinhliziyweni Zazo. Inkulumo enikezwa ngumdala. Siphila ezweni elithambekele ekuzameni ukusifaka endleleni yalo yokwenza izinto. Futhi lokhu kunjalo ngokukhethekile ngentsha yethu. Abazali kudingeka basheshe basabele ezidingweni nasezinkingeni zayo. (IzAga 20:5) Gcizelela imithetho nothando lukaNkulunkulu kanye nothando lwabazali ngezingane zabo. Umboniso: Umkhaya uxoxa ngendlela yokusebenzisa incwajana ethi Isikole. Enye ingane iya esikoleni okokuqala, kuyilapho ezinye izingane ezimbili bezisesikoleni iminyaka ethile embalwa. Khetha iphuzu elizosebenza ezimweni zengane ngayinye. Yenza ukuba izingane zizikhulumele ngamazwi azo kumzali odlala indima kathisha. Qiniseka ukuthi izingane ziyaziqonda izimiso ezihilelekile. Umdala ukhumbuza abazali ukuthi izingane zabo kufanele zikhululwe emfundweni yezenkolo nasemikhosini yezenkolo yansuku zonke (kuhlanganise nokufunda ingxenye ethile eBhayibhelini nokwenza umthandazo). Ubaba noma umama kufanele aphelezele ingane (izingane) ukuba ayobonana nothisha-nhloko, ephethe incwadi ecela ukuba ingane ikhululwe kulezinto. Kwezinye izikole othisha ngokucabangela baye babekela eceleni ikilasi lapho izingane zoFakazi zingahlangana khona phakathi nezikhathi zemfundo yezenkolo. Izikole ezithile ziye zanikeza ngisho nemvume yokuba umzali anakekele izingane zoFakazi futhi azifundise izifundo zeBhayibheli. Lapho lelilungiselelo lenziwa, abadala kufanele baliqondise ngokucophelela futhi baqikelele ukuthi lokhu kunakekelwa abamemezeli abanekhono. Umzalwane osingethe lengxenye ukhuthaza ukuba kuqhutshwe isifundo seBhayibheli somkhaya futhi ugcizelela isidingo sokuba abazali babe nobuhlobo obuseduze nezingane zabo.
15 imiz:Ukugwema Izinkinga Zokumpontshelwa Igazi—Isikhathi Sokuvuselela Ama-Advance Medical Directive Ethu. Umdala osingethe lengxenye waba amakhadi amasha kubamemezeli ababhapathiziwe futhi acabangele ngokucophelela incwadi ka-October 15, 1992, echaza ukusetshenziswa kwalamakhadi. Lapho ulungiselela, bukeza kahle incwadi yeNhlangano ka-January 1, 1990. Labo abasayina njengofakazi kufanele bambone ngokoqobo umnikazi wekhadi elisayina. Khuthaza bonke ukuba bagcwalise amakhadi abo ngokugcwele ngaphambi kokuba bahambe eHholo LoMbuso. Abamemezeli ababhapathiziwe akufanele bahambe ekhaya bengaliphethe ikhadi labo i-Advance Medical Directive/Release. Izingane ezincane ezingakabhapathizwa ezinomzali onguFakazi kufanele ziyiphathe ngaso sonke isikhathi i-Identity Card. Ukuhlola kwamuva komunye umhlangano webandla kwabonisa ukuthi oyedwa kubamemezeli abayisihlanu wayengaliphethe ikhadi lakhe, futhi zazingekho izingane ezaziphethe ama-Identity Card azo. Ekuphetheni, funda izAga 22:3 bese ubonisa indlela ezisebenza ngayo.
INgoma 151 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 18
INgoma 130
10 imiz:Izaziso zebandla neZindaba EzingokwaseZulwini. Funda umbiko wezimali nokubonga kweNhlangano iminikelo. Tusa ibandla ngokusekela ngokwethembeka ngokwezimali umsebenzi webandla kanye noweNhlangano womhlaba wonke.
20 imiz:“Ukusebenzisa Amathuluzi Abalulekile Ngokuhlakanipha.” Ngemva kokuba usihlalo enze isingeniso esifushane, kuzoba nemiboniso emibili esekelwe ekwazisweni okuvezwe esigabeni sesibili kuya kwesesihlanu. Ekuphetheni komboniso wokuqala umninikhaya wamukela isipho. Ummemezeli uthembisa ukubuya azophendula umbuzo othi, Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka? Ekuphetheni komboniso wesibili, kuqaliswa isifundo seBhayibheli sasekhaya. Khuthaza bonke ukuba bahilele abaninikhaya engxoxweni engokomBhalo lapho besebenza enkonzweni yasensimini kulempelasonto.
15 imiz:Isizathu Sokuba AmaKristu Agweme Igazi. Inkulumo enikezwa ngumdala esekelwe encazelweni nasezihlokwaneni ezintathu zokuqala ngaphansi kwesithi “Igazi” encwadini Ukubonisana, amakhasi 71-2.
INgoma 177 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 25
INgoma 128
5 imiz:Izaziso zebandla. Khumbuza bonke ukuba basheshe ukubika inkonzo yabo yasensimini ekupheleni kwenyanga.
10 imiz:“Ilungelo Elihle Lenkonzo.” Ingxoxo ehlanganyelwa nezilaleli. Uma isikhathi sivuma, xoxa nommemezeli onomzila kamagazini ongaguquguquki. Wawuqalisa kanjani? Uye wamsiza kanjani ukuba ahlakulele isithakazelo noma abone ngokucacile izinga lesithakazelo kumninikhaya? Khuthaza ibandla ukuba libe nengxenye egcwele emsebenzini kamagazini, libukeze okunye kokusikisela okwanikezwa kuNkonzo Yethu YoMbuso ka-October 1992, ikhasi 11.
15 imiz:“Ingabe Ungamkhonza UJehova Njengephayona?” Ingxoxo ehlanganyelwa nezilaleli. Xoxa nomuntu osemusha oyiphayona elivamile noma ummemezeli owayeyiphayona lapho esemusha. Qokomisa indlela abazali nabanye abangakhuthaza ngayo intsha ukuba ifinyelele umgomo wayo wokuphayona. Nxusa bonke ngomusa ukuba bacabangele ngokungathi sína amathuba abo okuhlanganyela enkonzweni yesikhathi esigcwele. Hlela manje ukuba ungenele ubuphayona obusizayo ngo-April.
15 imiz:“Yakhela Esithakazelweni Ngokwenza Izimpindelo Eziphumelelayo.” Inkulumo emfushane elandelwa umboniso wengxoxo evezwe esigabeni sesithathu. Uma isikhathi sivuma, izici ezithile eziyinhloko zentshumayelo, njengesethulo noma ukudlulela embhalweni, zingase ziphindwe.
INgoma 160 nomthandazo wokuphetha.