Yakha Ukholo EZwini LikaNkulunkulu
1 Uma kukhona isikhathi lapho kudingeka khona ukholo oluqinile, yimanje. Abantu abaningi abanalo nhlobo ukholo futhi abanalo ithemba ngekusasa. Abaholi benkolo nabezombangazwe baye bavusa amathemba angamanga kaningi kangangokuthi abantu abaningi bakubonisa obala ukuthi abanathemba. Ngempela, njengoba umphostoli uPawulu achaza, “Ukukholwa akusikho okwabo bonke.” (2 Thes. 3:2) Nokho, oFakazi BakaJehova banalo ukholo. Siqiniseka ngokugcwele ukuthi izithembiso ezitholakala eZwini LikaNkulunkulu zizogcwaliseka.
2 Ukholo oluqinile lwenza oFakazi BakaJehova bahluke kwabanye abantu. Lubangela imisebenzi emihle ezuzisa abanye kanye nathi, kuyilapho luletha udumo kuNkulunkulu. Ukholo olunjalo luwumphumela wokuvumela iZwi LikaNkulunkulu libe namandla ekuphileni kwethu. Ubuzalwane bomhlaba wonke bosuku lwanamuhla bamaKristu oqobo bubonisa inzuzo yokwakha ukholo eBhayibhelini njengeZwi LikaNkulunkulu eliphefumlelwe.—2 Thim. 3:16.
ISIZATHU SOKUBA SISIZE ABANYE BAKHE UKHOLO
3 Njengoba ukuphila kusengozini, sinesizathu esiqinile sokusiza abanye bakhe ukholo lwabo. Sinalokhu engqondweni, phakathi noMarch sizohambisa incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ngokokuqala ensimini. Injongo yalencwadi iwukuba abantu babone ukuthi iBhayibheli liyiZwi LikaNkulunkulu. Ixoxa ngokuningi kokumangalelwa okungamanga iZwi likaNkulunkulu elimangalelwa ngakho futhi iveze ukuba ngamanga kwako. Inikeza izimpendulo ezanelisayo emibuzweni eminingi, enjengokuthi: Ingabe iBhayibheli alivumelani nesayensi? Ingabe liyaziphikisa? Ingabe limane nje liyinganekwane nensumansumane? Ingabe izimangaliso okukhulunywa ngazo eBhayibhelini zenzeka ngempela? Ingabe isayensi yemivubukulo iye yakuphikisa ukunemba komlando weBhayibheli? Ngaphezu kwalokho, lencwadi inikeza ubufakazi obuningi obuhle bokuthi iBhayibheli liphefumlelwe. Futhi idonsela ukunakekela eziprofethweni zeBhayibheli ezingahluleki nasekuvumelaneni okumangalisayo kwalo lilonke.
4 Ukuhlakanipha kweBhayibheli okujulile nokusebenzisekayo namandla alo okushintsha abantu babe ngcono kumane kuyingxenye yobufakazi obubonisa ukuthi iBhayibheli liyiZwi LikaNkulunkulu. Sinomthwalo wemfanelo wokusiza abantu ukuba bafunde ngalobufakazi. Ukuze senze lokhu, kumelwe okokuqala sibafundise ukuba bakukholelwe lokho iBhayibheli elikushoyo.
5 Abaningi bethu basizwa kanjani ukuba bakhe ukholo eZwini LikaNkulunkulu? Ngokunokwenzeka kakhulu kwakungesifundo seBhayibheli sasekhaya othile asiqhubela sona ngesineke. Ngakho ukuhanjiswa kweBhayibheli noma kwencwadi akusona isigcino semizamo yethu yokwakha ukholo; kumane kuyisiqalo. Uma siye sazuza ngokufundelwa othile, sizofuna ukubuyela ngokushesha kulabo esihambise kubo izincwadi futhi sicele isifundo seBhayibheli sokubasiza bakhe ukholo.
INCWADI ENTSHA ISIZA EKWAKHENI UKHOLO
6 Uma eqhathanisa ubufakazi ngokwethembeka, akekho umuntu oqotho ongahluleka ukukwamukela ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu. Lencwadi entsha inikeza obuningi balobobufakazi ngendlela efinyeleleka kalula. Sifuna ukukhuthaza abanye ukuba bamukele iBhayibheli njengeZwi likaNkulunkulu futhi baphile ngeseluleko salo esiphefumlelwe. Labo abenza kanjalo bayowunanela ngenjabulo umthandazo womhubi owawusuka enhliziyweni: “Bheka ukuthi ngithanda kangaka iziyalezo zakho, Jehova; ngiphilise ngokomusa wakho. Amazwi akho onke ayiqiniso; zonke izahlulelo zakho ezilungileyo zimi kuze kube-phakade.”—IHu. 119:159, 160.
7 NgeZwi lakhe, iBhayibheli, uJehova unikeza isiqondiso ngothando kubo bonke abafuna indlela yakhe yokuvikela ‘osizini olukhulu.’ (Math. 24:21) Phakathi noMarch, singakhuthaza abanye ukuba bafunde futhi batadishe iZwi LikaNkulunkulu ngokuhambisa incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ngomnikelo ka-R2,50.