Ingabe Uzoba Umdumisi KaJehova KuloDecember?
1 Kudala, iNkosi uDavide yabhala amazwi alandelayo okudumisa iNkosi yayo yasezulwini, uJehova uNkulunkulu: “Ngiyakukuphakamisa wena-Nkulunkulu wami, Nkosi, ngilituse igama lakho phakade naphakade. Imihla yonke ngiyakukubonga, ngilidumise igama lakho phakade naphakade.” (IHu. 145:1, 2) UDavide wayenobuhlobo obuseduze ngokumangalisayo noJehova futhi lokhu kwambangela ukuba akhulume ngokwazisa ngoJehova. NjengoDavide wasendulo, asinazo yini nathi izizathu eziningi ezinhle zokumemeza ngenjabulo, sidumise uJehova ngenxa yakho konke asenzele khona?
2 Inyanga kaDecember izosinikeza amathuba amaningi okudumisa uJehova. Singakwenza lokhu ngokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela, kuyilapho siba khona eMihlanganweni yethu Yesigodi “Yolimi Oluhlanzekile,” nalapho sisemaholidini. Nakuba izwe likhululeka ngokweqile, thina njengabantu bakaJehova asifuni neze ukukhohlwa ukuthi sinikezele ukuphila kwethu kuJehova. Sifuna ukuqhubeka sidumisa uJehova. (IHu. 145:7, 10, 21) Ukuze sibe abadumisi bakaJehova abathembekile phakathi noDecember, kunamaphuzu ambalwa okumelwe siwakhumbule.
3 Hlelani ukuba nengxenye egcwele enkonzweni yasensimini njengomkhaya phakathi noDecember. Uma nihlela ukuya eholidini, sizani nidlulisele umbiko wenu wenkonzo yasensimini ngaphambi kokuba nihambe, ikakhulukazi uma nizobe ningakabuyi ngaphambi kukaJanuary 3, 1991. Nakuba uDecember kumelwe abe inyanga yethu enhle kakhulu enkonzweni yasensimini, njengoba abaningi beseholidini, lokhu akunjalo, ngoba abaningi babafowethu bamane nje bakhohlwe ukubika. Singawenza yini umzamo wokubambisana kulonyaka ukuze sisize bonke abamemezeli ukuba babe nengxenye ekudumiseni uJehova ensimini nokuthi babike ngesikhathi? Sifuna ukukhuthaza abaqhubi bezifundo zencwadi ukuba basize bonke abasemaqenjini abo, kungakhathaliseki ukuthi baya emaholidini noma cha, ukuba bafake umbiko kaDecember.
UKUHAMBISA INCWADI YEZINDABA ZEBHAYIBHELI
4 Phakathi nenyanga kaDecember sizobe sihambisa INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli ngomnikelo ka-R7,50. Sifuna ukukhuthaza ikakhulukazi abamemezeli abangena isikole ukuba benze umzamo okhethekile wokuhlanganyela ekuhambiseni lencwadi. Kuyodinga isibindi ukwenza kanjalo, kodwa uJehova uyoninikeza amandla adingekile. Funani amathuba okujwayelanisa intsha nabantu asebekhulile neNcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli.
5 Ungayiqalisa kanjani ingxoxo usebenzisa lencwadi? Ungase uthi: “Ingabe ucabanga ukuthi umhlaba uyoke ube indawo ejabulisayo nenokuthula okungahlalwa kuyo?” Phenya indaba 71 futhi ulandise amaphuzu asemqoka avela kuIsaya 11:6-9 noma isAmbulo 21:3, 4. Noma ungase uphakamise lombuzo: “Ingabe ukuthola kunzima ukuchaza iBhayibheli kubantwana bakho? Uma kunjalo, lencwadi ingakusiza. Ake ngikubonise ukuthi ingakusiza kanjani ukuba uchaze okushiwo uMthandazo weNkosi.” Bukeza amaphuzu asemqoka endaba 91.
6 Ungase uhlangane nabanye asebenayo kakade incwadi Yezindaba ZeBhayibheli. Kungani ungasikiseli ukuyifunda nabo njengomkhaya? Ungase futhi ufune ukubahambisela ezinye izinsiza-kufundisa zeBhayibheli ezihambisana nayo. Ingabe uye wakucabangela ukuhambisa incwadi Yezindaba ZeBhayibheli kubantu emgwaqweni? Abaningi baye benza kanjalo, futhi abanye baye baba nemiphumela emihle. Uma uya eholidini, kungani ungahambi namakhophi ambalwa futhi uwahambise endleleni emagalaji kaphethiloli, njll.? Khumbula ukuphatha amakhophi ezilimi ezikhulunywa abantu bakuleyondawo.
7 Ingabe nizoba phakathi kwezinkulungwane eziningi eziyodumisa uJehova ngokwethembeka phakathi noDecember? Hlelani manje ukwenza kanjalo njengomkhaya ukuze niqiniseke ukuthi nani ‘niyonikela kuNkulunkulu umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.’—Heb. 13:15.