Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/91 k. 7
  • Izaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
km 4/91 k. 7

Izaziso

● Isipho sencwadi ngoApril nangoMay: Isikhokhelo seNqabayokulinda ngomnikelo ka-R16,00 kweziphuma kabili ngenyanga. Izikhokhelo zonyaka kweziphuma kanye ngenyanga nezikhokhelo zezinyanga eziyisithupha kweziphuma kabili ngenyanga ziwu-R8,00. NgoJune: Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ngomnikelo ka-R3,75. NgoJuly nangoAugust: Noma iyiphi yezincwajana ezilandelayo ezinamakhasi angu-32 ngomnikelo wamasenti angu-75 iyinye: Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade, “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” nethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!

● Lapho kungenzeka khona, abadala kufanele baqinise amalungiselelo okuba amabandla ahlanganyele ekufakazeni kwakusihlwa, ikakhulukazi phakathi noApril, ukuze kusizwe wonke amaphayona asizayo.

● Kusukela ngo-1989 besilokhu sikhipha uhlelo oselulungisiwe lwencwadi ethi Ukubonisana NgemiBhalo. Unyaka wokushicilelwa kwayo ovela ekhasini 2 ngu-1989.

● Kusukela ngoJanuary 1, 1991, ulimi lwesiEstonian luye lwenezelwa ohlwini lwethu lomagazini beNqabayokulinda abaphuma kabili ngenyanga abathunyelwa ngeposi.

● INhlangano ihlela imihlangano yesigodi eminingi eyoqhutshwa phakathi nenyanga kaSeptember/no-October 1991. Niyokwaziswa nganoma yiziphi izinguquko lapho izindawo seziqinisekisiwe. Umhlangano waseThekwini manje usuyokuba ngo-October 11-13, 1991.

● Amabandla kufanele aqale uku-oda imiqulu yeWatchtower neAwake! yango-1990. Lemiqulu izotholakala ngesiGreki, isiNgisi, isiNtaliyane, nesiPutukezi. Ama-oda akufanele athunyelwe nemali uma ibandla lenu line-akhawunti yezincwadi eNhlanganweni. Lesikweleti siyofakwa kuakhawunti yebandla yezincwadi. Kuze kube yilapho lemiqulu isitholakele futhi yathunyelwa, iyovela ngokuthi “Kusazothunyelwa” kumainvoice ebandla. Amabandla anesikweleti kuma-akhawunti awo ezincwadi kufanele athumele imali kanye nama-oda awo. Imiqulu iyisitokwe esi-odwa ngokulinganisela futhi iyofakwa kuakhawunti ngo-R15,50 umunye ibandla, umphakathi, kanye namaphayona.

● Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation? (Encane) —ngesiPutukezi

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela