Ukubukezwa KweSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini
Ukubukeza izincwadi zivaliwe ukwaziswa okwahlanganiswa ezabelweni zeSikole SeNkonzo Esingokwasezulwini ezabelweni zamasonto kaJanuary 7 kuya kuApril 22, 1991. Sebenzisa iphepha elihlukile ukuba ubhalele kulo izimpendulo zemibuzo ongakwazi ukuyiphendula ngesikhathi esinikeziwe.
[Phawula: Phakathi nokubukeza okulotshwayo, iBhayibheli kuphela elingasetshenziswa ekuphenduleni noma yimuphi umbuzo. Izikhombo ezilandela imibuzo ezokucwaninga kwakho siqu. Izinombolo zamakhasi nezigaba zingase zingaveli kuzo zonke izikhombo zeNqabayokulinda.]
Phendula ngayinye yezinkulumo ezilandelayo ngokuthi iQiniso noma Amanga:
1. Ukuyeka igazi kusho ukungalifaki emzimbeni wakho nganoma iyiphi indlela. [peZU isahl. 25 izig. 22, 23]
2. Lapho uPawulu eba umKristu, kwakulula ngaye ukwenza okulungile. [peZU isahl. 26 isig. 15]
3. Umuntu onesithakazelo eqinisweni akanakuba ummemezeli woMbuso ngaphandle kokuba ebhapathiziwe. [wZU88 11/15 k. 16]
4. Imali iyimpande yakho konke okubi. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU85 7/15 k. 29.]
5. AmaKristu okuqala ayengawagubhi amaEaster. [peZU isahl. 25 isig. 16]
6. Inkulumo ethi “ukugeza okunhlobonhlobo” ibhekisela emicikilishweni eyayenziwa amaJuda yokugeza izinkezo nezinkamba. (Heb. 9:10, NW) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU91 2/15 k. 24.]
7. Umphostoli uPawulu wabhala ukuthi labo abangasebenzi kumelwe bangadli. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU91 1/15 k. 23.]
8. “Ukusindiswa ngokuzala abantwana” kusho ukuthi ukuzala abantwana kungaphumela ekusindisweni kwaphakade. (1 Thim. 2:15) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU91 1/15 k. 30.]
Phendula imibuzo elandelayo:
9. Kungani ukuhaha kufaniswa nokukhonza izithombe? (Kol. 3:5) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU78 10/15 k. 16.]
10. Ungubani “umuntu ongenamthetho”? (2 Thes. 2:3) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU88 1/15 k. 12.]
11. Iphathelene nobani ngokuyihloko ‘imfihlakalo engcwele’? (1 Thim. 3:16) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU88 9/1 k. 12.]
12. Singambonisa kanjani uNkulunkulu ukuthi sizimisele ngalokho esikusho emithandazweni yethu? [peZU isahl. 27 isig. 11]
13. Kukuziphi izahluko ezimbili lapho uPawulu ebeka khona uhlu lwezimfanelo zababonisi? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke]
14. Iyini iTartarus [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU91 3/15 k. 31.]
15. Kwakungobani “abangcwele” okukhulunywa ngabo kuJuda 8? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU91 4/15.]
16. Kukuphi eZwini likaNkulunkulu lapho sithola khona iziqondiso ngokuthi kumelwe sibe yini isimo sethu ngasezihlubukini? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU91 4/15.]
Bhala igama noma umusho odingekayo ukuze uqedele ngayinye yezinkulumo ezilandelayo:
17. Abazalwane kumelwe baphathe abesifazane abakhulile ebandleni ․․․․․․․ nabesifazane abasha ․․․․․․․ ngayo yonke inhlanzeko. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU74 k. 116.]
18. Intsha engamaKristu elwa nezilingo nokucindezela kontanga nothisha ilandela isibonelo ․․․․․․․. [wZU88 12/1 k. 17]
19. Ukuze akhange ngempela, owesifazane ongumKristu akumelwe agqoke ngesizotha nje kuphela kodwa futhi kumelwe abe ․․․․․․․. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU91 3/15 k. 30.]
20. ․․․․․․․ ishukumisela umuntu ukuba azinikezele kuNkulunkulu futhi abhapathizwe. [wZU89 1/15 k. 15]
Khetha impendulo eqondile ezinkulumweni ezilandelayo:
21. Umlando ubonisa ukuthi ukucwengwa kwamaKristu agcotshiwe emhlabeni kwaqala (ngo-1919, 1918, 1935). [wZU89 6/1 k. 19]
22. (NgoSuku lwePentekoste, ngoSuku lwephasika, ngoSuku Lokubuyisana) umpristi omkhulu kwakumelwe azigeze ngamanzi kabili. [wZU89 6/1 k. 19]
23. KuzAga 31 (iNkosi uSolomoni, iNkosi uDavide, iNkosi uLemuweli) yachaza izici ezihlukahlukene zomfazi okhutheleyo, [wZU89 5/15 k. 18]
24. (UPetru, uJakobe, uJesu Kristu) wayeyisibonelo esiqabulayo sendlela amadoda okumelwe abusebenzise ngayo ubunhloko. [wZU89 5/15 k. 11]
Qondanisa imibhalo elandelayo nezinkulumo ezihlelwe ngazansi:
1 Thes. 5:8; Heb. 13:17; Jak. 1:2, 3; 1 Pet. 3:7
25. Ukuze amaKristu agcine ubuqotho, adinga lezikhali ezingokomoya. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU91 1/15 k. 22.]
26. Isizathu esenza ukuba amaKristu kudingeke azithobe kulabo abaholayo. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU91 2/15 k. 25.]
27. AmaKristu angajabula naphezu kwezilingo. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU91 3/15 k. 23.]
28. Lokho okwenzekayo uma amadoda ehluleka ukunika abafazi bawo udumo. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke.]