Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/91 k. 3
  • Ukuvuna Ngokomzamo Wethu Ngabanye

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuvuna Ngokomzamo Wethu Ngabanye
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • LINGISA ABATHEMBEKILE
  • UKUSEBENZISA LOKHO ESIKUFUNDAYO
  • ZUZA ESIFUNDWENI SOMUNTU SIQU
  • HLANGANYELA EMIHLANGANWENI
  • HLWANYELA KAKHULU ENSIMINI
  • Ingabe Uyazuza?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • Imihlangano Iyayizuzisa Intsha
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • Mikhaya, Dumisani UNkulunkulu Njengengxenye Yebandla Lakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • U-April—Isikhathi ‘Sokusebenza Kanzima Nesokuzikhandla’
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
km 4/91 k. 3

Ukuvuna Ngokomzamo Wethu Ngabanye

1 UJehova uNkulunkulu uye wabonakalisa uthando lwakhe ngesintu ngezindlela eziningi. UJesu waqokomisa uthando lukaNkulunkulu olungenakuqhathaniswa, ephawula esixukwini esasihlangene ukuthi uNkulunkulu “uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile.” (Math. 5:43-48) Kwesinye isenzakalo, uJesu wachaza ukubonakalisa kukaYise uthando okuvelele kakhulu—ukudela iNdodana yakhe ezelwe yodwa, leyo uNkulunkulu ayinikela ukuze sisindiswe. (Joh. 3:16) UJesu wanxusa izilaleli zakhe ukuba zisabele ngokwazisa othandweni lukaJehova. Ingabe sizama ukukwenza lokho?

2 Ukuze sibonakalise ukwazisa okugcwele futhi sithole izinzuzo ezihlala njalo othandweni lukaJehova, kumelwe sifinyelele ekumazini. (Joh. 17:3) Sidinga iseluleko nesiqondiso sokuthi singamkhonza kanjani ngendlela eyamukelekayo. UJehova uye wabonakalisa ukukhathalela kwakhe kothando ngokusinikeza iZwi lakhe eliphefumlelwe, iBhayibheli, nangokumisa inhlangano yakhe emangalisayo, esithola ngayo iseluleko nokufundiswa. (Math. 24:45-47; 2 Thim. 3:16, 17) Njengabantu bakaJehova abazinikezele, siye safundiswa ngendlela yakhe. Kodwa ingabe ngomzamo wethu womuntu siqu siyakubonakalisa ukuthi sinokwazisa ngothando lukaJehova? Ingabe siyasilalela iseluleko sakhe ukuze simjabulise futhi ngaleyondlela sizizuzise thina ngokwethu? (Isaya 48:17; Jak. 1:22) Umphostoli uPawulu wabhala kweyoku-1 Korinte 3:8: “Otshalayo noniselayo bakunye, kepha yilowo nalowo uyakwamukeliswa owakhe umvuzo ngokomsebenzi wakhe.”

3 Yebo, kumelwe sisebenzele ekwenzeni lokho uJehova afuna ukuba sikwenze. Akuwona wonke umuntu othuthuka ngokomoya ngezinga elifanayo. Kunezici eziningi ezingaba nethonya entuthukweni yethu, futhi kungaba okungahlakaniphile ukwenza ukuqhathanisa okudumazayo. Nokho, okubaluleke kakhulu umzamo womuntu ngamunye esiwenzayo. Yini esingayenza ukuze sisondele ngokwengeziwe enhlanganweni? Ingabe zikhona izindawo esingathuthukisa kuzo ekwamukeleni imithwalo yethu yemfanelo yomuntu siqu njengamaKristu? Yimuphi umzamo odingekile ukuze sinikeze ukusekela okungcono emisebenzini yebandla? Ingabe akhona amaphuzu okudingeka siwasebenzise njengeziyalezo inhlangano esinikeza zona?—1 Thim. 4:16.

LINGISA ABATHEMBEKILE

4 Sekungamashumi amaningi eminyaka izindaba ezinhle zoMbuso zishunyayelwa abazalwane nodade abathembekile. Laba abathembekile, njengoPawulu, bafanele ukulingiswa. (1 Kor. 11:1) Baye basabela othandweni lukaNkulunkulu futhi bavuna izinzuzo eziningi ngenxa yomsebenzi wabo wokuzikhandla nemizamo yabo yomuntu siqu yokulandela iseluleko seBhayibheli. Bakha umgogodla oqinile wezisebenzi ezikhuthele ebandleni, bengawudebeseli umthwalo wabo wemfanelo womuntu siqu. Singazibona izithelo zokukhandleka kwabo komuntu ngamunye.—Roma 1:13; 2 Kor. 3:1-3.

5 Manje, amashumi ezinkulungwane abasanda kuhlanganyela athuthelekela enhlanganweni unyaka ngamunye. (Isaya 60:8) Nabo bazimisele ukukhandleka ukuze babe abantu abangokomoya abakhule ngokugcwele, futhi intshiseko yabo emsebenzini wokushumayela iyakufanela ukutuswa. Bayazuza ngokubona indlela uJehova ababusisa ngayo labo abasebenza ngokuzikhandla enkonzweni yakhe. Isibonelo sabazalwane nodade abavuthiwe sisiza abasanda kuhlanganyela ukuba baqonde ukuthi lesi akusona isikhathi sokuyekethisa isandla noma sokuyeka enkonzweni yethu eya kuNkulunkulu. Kungakhathaliseki ukuthi singabasanda kuhlanganyela noma singabamemezeli abanokuhlangenwe nakho, ingabe siyaqhubeka sikhula ngokomoya, samukela imithwalo yethu yemfanelo yobuKristu yomuntu siqu futhi siwasebenzisa ngokunenzuzo wonke amalungiselelo angokwasezulwini?

UKUSEBENZISA LOKHO ESIKUFUNDAYO

6 Esikhathini eside ngaphambi kokuba uJakobe abhale ngokuthi kufanele sibe ‘abenzi bomsebenzi,’ uMose wathi kumaJuda: “Kumelwe niwasebenzise lamazwi.” (Jak. 1:25; Dut. 11:18, qhathanisa neNW.) Ngakho ulwazi ngokwalo lwalunganele. AmaJuda kwakudingeka ukuba asebenzise amazwi oMthetho ekulaleleni uJehova. Lesimiso esiyisisekelo sisalokhu sinjalo. UJesu, iNdodana kaNkulunkulu, ngokuqinisekile wayekwazi ukubaluleka kokulalela. (Joh. 8:28) Wathi kuMathewu 7:24: “Yilowo nalowo owezwa lawamazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo.”

7 Ingabe siyakusebenzisa lokho esikufunda emihlanganweni yesifunda? Ingabe siyaqonda ukuthi kungani kubaluleke kangaka kulesikhathi ukuhlala siphapheme futhi sizigicne siqaphile? Ingabe sikuphaphamele ukuhlasela kobuqili nezingibe ezibekwa uDeveli? Ingabe siyasazisa iseluleko nezixwayiso esizinikezwa ngokuphindaphindiwe inhlangano ngokuphathelene nesidingo sokuhlanzeka ngokokuziphatha nangokomoya ebandleni? Sikusebenzisa ngezinga elingakanani thina ngabanye lokho esikuzwayo?—Jak. 1:23-25.

8 Isimiso sosuku lomhlangano okhethekile walonyaka sigcizelela isidingo sokuba sibe-ngcwele, njengoba noJehova engcwele. (1 Pet. 1:14-16) Ubungcwele busho ukuhlanzeka okungokwenkolo noma ubumsulwa, ukukhetheka. Bubonisa isimo sokubekelwa eceleni ngenjongo yokukhonza uNkulunkulu. Siphathiswe inkonzo yezindaba ezinhle. Ngakho, kumelwe sihlanzeke ngokomoya, ngokokuziphatha, nangokomzimba ukuze sifanelekele ukuphatha iZwi elingcwele leqiniso. Lokhu kudinga ukuba sibhekisele ukunakekela okungaphezu kokuvamile kithina ngokwethu. (Heb. 2:1) Njengoba senza kanjalo, siyovuna izibusiso ngokomzamo wethu ngabanye.

ZUZA ESIFUNDWENI SOMUNTU SIQU

9 Isifundo somuntu siqu sisisiza ukuba sakhe ukholo oluqinile, futhi sijulisa ukwazisa kwethu ngeqiniso. Sisinikeza ukuzethemba futhi sisihlomisela ukuba sikhulume ngegunya. Sisinikeza ukuqonda nobuhlakani futhi sisisiza ukuba sembathe ubuntu obusha. (Kol. 1:9-11) Nokho, isifundo esikhiqizayo sidinga isikhathi nomzamo, futhi ayikho indlela enqamulelayo yokuzuza ulwazi oluqondile nokujula okungokomoya. Lokho esiyokuthola esifundweni sethu kulingana nomzamo esiyowufaka kuso.—2 Kor. 9:6, 7; Gal. 6:7.

10 Ingabe sibekela eceleni isikhathi esanele isonto ngalinye ukuze silungiselele imihlangano yebandla? Lokhu kungenye indlela esingabonisa ngayo ukwazisa ngokudla okungokomoya uJehova akunikeza ngenceku ethembekile neqondayo. Ukulungiselela imihlangano ngokuyikho kusisiza ukuba sinamathele esimisweni sokufunda nokutadisha iZwi likaNkulunkulu. Ingabe sibekela eceleni isikhathi isonto ngalinye ukuze senze ukufundwa kweBhayibheli njengoba kuhlelwe esimisweni seSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini? Kuthatha imizuzu embalwa kuphela usuku ngalunye ukufunda nokuzindla ngalokho okulotshiwe. UMhlangano WeNkonzo usisiza ekusigcineni siphaphamele izindlela esingenza ngazo inkonzo yethu yasobala ibe ephumelelayo. Ingabe siyalungiselela, sicabangela ngokukhethekile indlela esingasebenzisa ngayo lokhu kwaziswa enkonzweni? Futhi ingabe senza umzamo wokukusebenzisa zisuka nje? Kufanele kwenziwe amalungiselelo akhethekile okulungiselela iSifundo SeNqabayokulinda neSifundo Sencwadi Sebandla. Ingabe siyakwenza lokho?

HLANGANYELA EMIHLANGANWENI

11 Singazuza okwengeziwe emihlanganweni uma sihlanganyela kuyo. Ukulungiselela imihlangano bese senza umzamo wokuhlanganyela kuyosigcina silalele ngokucophelela phakathi nemihlangano futhi kukwenza kube lula ngathi ukuba sizuze ezimpendulweni zabanye. Abaningi basawukhumbula umsebenzi wokuzikhandla abawenza lapho benikeza impendulo yabo yokuqala emhlanganweni noma inkulumo yabo yokuqala yabafundi eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini. Nakuba ukwethuka okukhulu kungenzeka ukuba sekwaphela, ingabe siyaqhubeka sisebenza ngokuzikhandla ukuze senze ukukhula kwethu okungokomoya kubonakale kubo bonke? (1 Thim. 4:15) Abanye bayazuza futhi bakhuthazeke ngezimpendulo zethu. Uma silungiselele kahle, sikutadishile ukwaziswa okuzobe kucatshangelwa emihlanganweni, ukuhlanganyela kwethu okunengqondo kuyona kuyoshukumisela abanye othandweni nasemisebenzini emihle.—Heb. 10:23-25.

12 Izimpendulo zethu akufanele zibe zinde futhi zibe yinkimbinkimbi. Ngokuvamile kungcono kakhulu ukunikeza izimpendulo ezimfushane eziphendula ngokuqondile imibuzo ephakanyisiwe noma ezisiza ekucaciseni ukusebenza kombhalo othile. Uma silungiselele kahle, siyokwazi ukuphendula ngamazwi ethu siqu. Uma senza lokho, izinzuzo kithina ngokwethu nakwabanye zinkulu kakhulu. Ngani? Ngoba kusenza sicabange ngalokho esikushoyo futhi sichaze iphuzu ngendlela esiliqonda ngayo. Lokhu kungase kwenze kube lula ngabanye ukuba bakuqonde lokho kwaziswa. Futhi, kuyosisiza ukuba sikhumbule ukwaziswa ngenjongo yokukusebenzisa ngesinye isikhathi.

HLWANYELA KAKHULU ENSIMINI

13 Inkonzo yethu yobuKristu iyinkonzo eyigugu. (2 Kor. 4:7) Ingabe uyibheka ngaleyondlela? Ngalenkonzo, sinelungelo lokubonakalisa ukholo lwethu kwabanye. UJesu wathi umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo. (Luka 6:45) Umzamo womuntu siqu esiwenzayo ukuze sibe nengxenye egcwele enkonzweni yasensimini usivumela ukuba sivune izinzuzo eziningi. Ukuqonda kwethu iqiniso kuyaloleka, futhi siba nekhono elikhulu ngokwengeziwe lokusebenzisa iBhayibheli. Siba nenjabulo yokulethela abanye iqiniso nokubasiza ukuba bafunde ngoMdali wabo oMkhulu. Sima njengofakazi bokulunga kokubusa kukaNkulunkulu nobukhosi bakhe. Siyajabula ngoba siyazi ukuthi sithokozisa uJehova, njengoba siye saguqulwa safana naye futhi senza intando yakhe.—Math. 5:48.

14 Uma siqhubeka sihlola umzamo wethu womuntu siqu, ukukhulekela kwethu uJehova akusoze kwaba inkonzo yokugcina icala. Kusho ukuthini lokho? Kusho ukuthi ngeke sibe abanhliziyo-mbili ekuzivumelaniseni nentando kaNkulunkulu, simnikeze inkonzo yokuzenzisa noma isilinganiso esincane ngaphandle kokuzinikela kwangempela okusuka enhliziyweni nomzamo. Inkonzo yethu eya kuJehova kumelwe ibe eyenhliziyo yonke. Sinesibopho esingokomBhalo sokunikela ngomphefumulo wethu wonke enkonzweni yakhe. (Kol. 3:23, 24) Yiqiniso, izimo ziyehlukahluka, futhi uJehova akadingi okungaphezu kwalokho esingase sikwazi ukukwenza. Nokho, lokho esingase sikwazi ukukwenza, ulindele ukuba sikwenze! (Math. 22:37) Njengoba isimo somuntu esinesono sithambekele ekuzigodleni, kuhle ukuzihlola thina ngokwethu ngezikhathi ezithile futhi sibone lapho singathuthukisa khona enkonzweni yethu eya kuNkulunkulu. Ingabe sijwayelene nokukwenza lokho?

15 Kumelwe siqaphe ukuze sigweme ukuvumela iminako yomuntu siqu nezifiso ukuba zisivimbele ekunikeleni ngokungcono kakhulu enkonzweni kaJehova. Izinjabulo, izinto zokuzilibazisa, nemisebenzi yokuzijabulisa kumelwe kugcinwe kusendaweni yakho. Futhi, kumelwe sikuqaphele ukuthambekela kokuhileleka ngokweqile emisebenzini yokuziphilisa. Silalela iseluleko sikaJesu esikuMathewu 6:22, 23, ngokungangabazeki siyokwazi ukwenza umzamo owengeziwe ekuphishekeleni izithakazelo ezingokomoya futhi sivune ngokufanelekile.

16 Njengoba siqhubeka sisebenza kanzima ekwembatheni ubuntu obusha, siyokwamukela umthwalo wemfanelo wethu siqu ekusebenziseni iseluleko nokusikisela esikuthola emihlanganweni yebandla, emihlanganweni yesifunda, emihlanganweni yesigodi, nasezincwadini. Kwangathi ngamunye wethu angatadisha ngenkuthalo, ahlanganyele ngenkuthalo emihlanganweni, futhi ahlanganyele kulomsebenzi omkhulu wokwenza abafundi ngokwezinga izimo zethu zomuntu siqu ezisivumela ngalo. Ngokusabela ngaleyondlela ngokwazisa othandweni lukaNkulunkulu, singaqiniseka ngokuvuna izinzuzo eziningi ezingokomoya manje nokulondoloza ithemba eliqinile lokuphila okuphakade emhlabeni kaJehova omusha.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela