Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi
ISONTO ELIQALA NGOAPRIL 1
INgoma 191
15 imiz: Izaziso zebandla kanye neZaziso ezikhethiwe ezivela kuNkonzo Yethu YoMbuso kufanele zisingathwe umbonisi wenkonzo. Xoxa ngamaphuzu avelele eSikhumbuzo, inani labasha abebekhona, nalokho okungenziwa kulelisonto ukuze kukhuthazwe abantu ukuba babekhona enkulumweni ekhethekile ethi, “Ukuba-Khona KukaMesiya Nokubusa Kwakhe,” ngoApril 7. Bukeza amalungiselelo enkonzo yasensimini osuku olukhethekile lukamagazini ngoApril 6. Uma ibandla lenu linomhlangano wesifunda noma usuku lomhlangano okhethekile ngoApril 6, kufanele kwenziwe amalungiselelo osuku olukhethekile lukamagazini ngoApril 13. Yazisa ibandla ngenani lamaphayona asizayo ngoApril. Khuthaza labo abangaphayoni ukuba basekele amaphayona asizayo. Bukeza kafushane nebandla iziyalezo ezisefomini elithi Indlela Yokuphatha Izikhokhelo Ngokufanelekile (S-11).
15 imiz: “Ukufeza Inkonzo Yethu YoMbuso Ebandleni.” Inkulumo elandelwa umboniso olungiselelwe kahle lapho umqhubi wesifundo sencwadi echazela umbhangqwana oshadile indlela i-Index engasetshenziswa ngayo ekutholeni ukwaziswa okuphathelene nokuthi kungani futhi kunini lapho odade bethwala khona ekhanda. Uma i-Index ingekho, veza lamaphuzu ngokusebenzisa uhlu lwezindaba oluphuma minyaka yonke kumagazini weNqabayokulinda kaDecember 15 nowePhaphama! kaDecember 22.
15 imiz: ISihloko Sengxoxo Esisha. Xoxa ngeSihloko esisha nezilaleli. Futhi, cabangela amaphuzu okukhulunyelwa ahlukahlukene avela kumagazini wamuva weNqabayokulinda. Yiba nommemezeli olungiselele kahle enza lomboniso olandelayo. “Sawubona. Igama lami ngu ______. Ngikuhambele nje kafushane ngenxa yokuthi ngithanda ukubuza umbuzo othile. Ingabe ucabanga ukuthi ukuthula okuhlala njalo kuyofika esikhathini sokuphila kwethu? [Lindela impendulo.] Uma singanquma ngokwenzeke esikhathini esedlule, asikho ngempela isisekelo sethemba. Kodwa phawula lokho okwaprofethelwa isikhathi sethu kuLuka 21. [Funda amavesi 10, 11, 26.] Lezizimo ziye zanda kusukela eMpini Yezwe I. Nokho, asishiywa singenathemba. Zona kanye izimo ezikhathaza isintu kangaka zinikeza ubufakazi bokuthi uMbuso kaNkulunkulu ngokushesha uzohlanza umhlaba futhi ulethe ukuthula okuhlala njalo. Yilokho uJesu aqhubeka ekusho emavesini 28 no-31. [Funda lamavesi.] Ngakho lezizimo ezigcwele omaye nezidumazayo empeleni ziwubufakazi bokuthi ngokushesha kuzokwenzeka ushintsho olumangalisayo. Ingabe lezo akuzona izindaba ezinhle? [Lindela impendulo.] Lesisihloko esikuNqabayokulinda [khetha isigaba esifanelekayo noma umfanekiso] sibonisa ezinye zezinguquko ezizokwenzeka ngokushesha nokuthi wena kanye nomkhaya wakho ningaphila kanjani ukuze nizijabulele.” Hambisa isikhokhelo ngomnikelo ka-R16,00. Lapho isikhokhelo senqatshwa, hambisa omagazini ababili ngomnikelo ka-R1,40. Futhi, ummemezeli angasho inani lezilimi omagazini abanyatheliswa ngazo kanye nesilinganiso somhlaba wonke somsebenzi wethu. Phetha lengxenye ngokukhuthaza bonke ukuba basebenzise iSihloko Sengxoxo esisha.
INgoma 60 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGOAPRIL 8
INgoma 43
5 imiz: Izaziso zebandla neZindaba EzingokwaseZulwini.
15 imiz: “Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngendlela Ephumelela Ngokwengeziwe Ngokulalela.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo ngalesihloko. Lapho nicabangela isigaba 4, bonisa indlela ummemezeli aphunyukwa ngayo ithuba elihle lokuba nengxoxo enhle ngenxa yokungakuqapheli ukuphawula komnini-khaya ngezindaba zakhe siqu ezimkhathazayo. Buza izilaleli ukuthi bekungasingathwa kanjani. Ngemva kwalokho, yiba nommemezeli ofanayo ephinda umboniso, kodwa manje ebonisa indlela okufanele kwenziwe ngayo kahle ngokuthuthukisa ingxoxo enhle nomninikhaya.
25 imiz: “Ukuvuna Ngokomzamo Wethu Ngabanye.” Inkulumo nengxoxo esekelwe esihlokweni sesenezelo. Kumelwe isingathwe umdala. Yenza ukwaziswa kusebenze ngokuvumelana nezidingo zebandla. Izigaba kanye nemibhalo ecashuniwe kungafundwa njengoba isikhathi sivuma.
INgoma 128 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGOAPRIL 15
INgoma 28
10 imiz: Izaziso zebandla kanye nemibiko yezimali. Hlanganisa namazwi okubonga avela eNhlanganweni ngenxa yokusekelwa okungokwezimali komsebenzi womhlaba wonke. Tusa abazalwane ngokusekela izidingo zebandla ngokuphana. Khuthaza bonke ukuba bahlanganyele ngokugcwele emisebenzini ekhethekile yangoApril. Sinomgomo wokudlula inani labamemezeli abangu-50 000.
15 imiz: “Khuthazani Abanye Ukuba Bafunde INqabayokulinda.” Inkulumo yentshiseko elandelwa ukukhulumela okubili noma okuthathu okulungiselelwe kahle kwabamemezeli besho ukuthi kungani beyazisa INqabayokulinda nanokuthi baye bazuza kanjani ngokuyifunda njalo.
20 imiz: “Qalisani Futhi Niphethe Imihlangano Ngesikhathi.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Fundani zonke izigaba.
INgoma 8 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGOAPRIL 22
INgoma 118
10 imiz: Izaziso zebandla. Bukeza amalungiselelo okuhlanza iHholo LoMbuso. Siza abazalwane bazise isidingo sokubambisana ekugcineni indawo kaJehova yokukhulekela ihlanzekile.—Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe bheka isihloko esithi “Ingabe Niyalihlonipha IHholo Lenu LoMbuso?” esisekhasini 7 leNkonzo Yethu YoMbuso ka-August 1989.
15 imiz: “Zisebenzise Ngokunenzuzo Izincwadi Zethu.” Sihlanganiswe ngemibuzo nezimpendulo. Yiba nomboniso owodwa noma emibili emifushane ebonisa indlela ummemezeli abona ngayo isidingo somninikhaya ngaphambi kokuba ahambise incwadi efanelekile.
10 imiz: Umsebenzi Wabalindi. Xoxa nomzalwane oqondisa abalindi. Xoxani ngemisebenzi yabo nanokuthi ibandla lingabambisana kanjani nabalindi. (Bheka ethi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu, amakhasi 63-4, kanye neNkonzo Yethu YoMbuso, kaDecember 1989, ikhasi 3.) Phawula ukuthi ngezinye izikhathi abalindi bangase baqaphelise abazali ngesidingo sokunqanda ukuphazamisa okwenziwa abantwana babo. Abalindi futhi bayaqikelela ukuthi kube khona ukuthokomala kanye nokuhleleka emihlanganweni yethu, babale inani labakhona, basize asebegugile nababuthakathaka ukuba bahlale ezihlalweni, njalonjalo.
10 imiz: Ukusebenzisa Amapheshana Enkonzweni. Bonisa abazalwane amapheshana ahlukahlukene atholakalayo, futhi nixoxe ngezindlela ezihlukahlukene angasetshenziswa ngazo. Yenza izilaleli zikhulumele indlela ezisebenzisa ngayo amapheshana futhi mhlawumbe zilandise ngokuhlangenwe nakho eziye zaba nakho. NgoJanuary saxoxa ngendlela esingawasebenzisa ngayo amapheshana ukuze siqalise izifundo. Yenza ukuba kulandiswe okuhlangenwe nakho okuwumphumela wokusebenzisa lendlela. Bheka futhi i-Index esihlokweni esithi “Tracts” ukuze uthole okunye okuhlangenwe nakho ekuwasebenziseni.
INgoma 181 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGOAPRIL 29
INgoma 221
5 imiz: Izaziso zebandla. Khuthaza bonke ukuba badlulisele umbiko wabo wenkonzo yasensimini nowezifundo zeBhayibheli ngesikhathi.
15 imiz: Ukusebenzisa Isikhathi Sokuphumula Ngokulinganisela. Xoxa nentsha embalwa ngokuphathelene nesikhathi sokuphumula. Sebenzisa ukwaziswa okuvela encwadi ethi Intsha Iyabuza, izahluko 35 kuya ku-37. Umzalwane osingethe lengxoxo angase abuze: Kungani kufanele nibe abakhethayo kulokho enikufundayo? Ningazikhetha kanjani izincwadi ezifanelekile zokufundwa? Yimiphi eminye imiphumela engalimaza yokubuka iTV, futhi kungalawulwa kanjani? Kungani ningalahlekelwa yilutho ngokungalingisi intsha yezwe? Kungani ukuyilingisa kungaba yingozi? Yiziphi ezinye izindlela eniye nazithola zokujabulela ukuzilibazisa okwakhayo? Kungani kudingeka silinganisele kulokhu?
15 imiz: Shumayela Endlini Ngendlu. Inkulumo yentshiseko nekhuthazayo esekelwe kwethi Ukuhlelelwa Inkonzo Yethu, amakhasi 84-7. Yenze isebenze ngokuvumelana nezidingo zebandla, udonsele ukunakekela emalungiselelweni enziwe ibandla okufakaza njengeqembu endlini ngendlu. Phawula ukubaluleka kokuqeqesha abamemezeli abasha ukuba babe abaphumelelayo enkonzweni yendlu ngendlu.
10 imiz: Izidingo zebandla noma inkulumo ngesihloko esithi “UHulumeni Ophelele Ekugcineni!” esisemakhasini 20-4 kuyiPhaphama! kaDecember 22, 1990.
INgoma 12 nomthandazo wokuphetha.