Qalisani Futhi Niphethe Imihlangano Ngesikhathi
1 Yonke imihlangano yebandla, kuhlanganise nemihlangano yenkonzo yasensimini, kufanele iqale futhi iphethe ngesikhathi. Ngani? Ukugcina isikhathi kubonisa ukuhleleka futhi kubonisa ukubacabangela bonke abakhona nababa nengxenye emihlanganweni. (UmSh. 3:17b; 1 Kor. 14:33) Singabonisa ukukhathalela kwethu ngokunamathela eziqondisweni ezilandelayo ukuze siqikelele ukuthi imihlangano iqala futhi iphele ngesikhathi.
2 Kufanele ngaso sonke isikhathi sizame ukufika emhlanganweni kusenesikhathi esanele ukuze sixoxe nabanye, sinakekele izinto ezidinga ukunakekelwa, futhi sihlanganyele engomeni nasemthandazweni wokuvula. Ngokuvamile, ingoma nomthandazo kunikezwa isikhathi esiyimizuzu emihlanu. Labo abamelela ibandla ngomthandazo kufanele bakhumbule injongo yomhlangano futhi lokhu bakwenze kuzwakale emazwini abo emithandazweni yokuvula nokuphetha. Imithandazo enjalo akudingekile ibe mide.
3 Umhlangano Weningi: Izinkulumo zeningi zithatha imizuzu engu-45. Ukweqa isikhathi esinikeziwe kuyothinta iSifundo seNqabayokulinda esilandelayo. Lemihlangano emibili, kuhlanganisa izingoma nemithandazo, kufanele iuthathe amahora amabili. Izikhulumi zasobala kufanele zinamathele esikhathini esibhalwe ohlakeni lweNhlangano futhi zingahlanganisi enkulumweni izinto ezingekho ohlakeni, njengemikhonzo. Uma isikhulumi singajwayelene nendawo yeHholo LoMbuso, kufanele sicele ukulayelwa ibandla elisimemile futhi sibuze nesikhathi okungasithatha ukuya khona.
4 ISifundo Se“Nqabayokulinda”: ISifundo seNqabayokulinda kufanele sithathe ihora elilodwa, kuhlangene nokufundwa kwazo zonke izigaba kanye nokucatshangelwa kwemibuzo yokubukeza. Ukukhulumela komqhubi okufushane okuyisethulo, okushaya emhloleni kufanele kuvuse isithakazelo futhi kuholele esifundweni. Ukukhulumela kwakhe nokuphawula phakathi nesifundo kufanele kulinganiselwe. Ukuhlukanisa indaba ngokwesikhathi kuyosiza umqhubi ukuba agweme ukusebenzisa isikhathi esiningi kakhulu engxenyeni yokuqala yesifundo bese eshwampuluza engxenyeni yokugcina.
5 ISikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini: Lona umhlangano othatha imizuzu engu-45. Nakuba inkulumo yokuyala kanye namaphuzu avelele avela ekufundweni kweBhayibheli kungamiswa lapho isikhathi sesiphelile, abazalwane ababelwe lezingxenye kufanele bangeqi isikhathi abasinikeziwe. Uma beseqa, kufanele banikezwe iseluleko sangasese. Futhi, iseluleko kanye nokuphawula kombonisi wesikole kufanele kungeqi isikhathi asinikeziwe. Isikhathi singongiwa uma bonke abafundi behlala phambi kwendawo yesikhulumi futhi uma ngamunye ephetha inkulumo yakhe ngokushesha lapho isikhathi asinikeziwe sesiphelile.—Bheka Isimiso SeSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini Sika-1991.
6 Umhlangano Wenkonzo: Lomhlangano nawo uthatha imizuzu engu-45. Sekukonke iSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini kanye nezingoma nemithandazo, sonke isimiso kufanele singeqi ihora nemizuzu engamashumi amane nanhlanu. Abazalwane abanezabelo eMhlanganweni Wenkonzo kufanele banamathele esikhathini abasinikeziwe. Izingxenye ezizohlanganiswa ngemibuzo nezimpendulo zidinga nje isethulo esifushane. Asikho isidingo sokunezela ukwaziswa okuningi endabeni yesethulo. Imiboniso kufanele ilungiselelwe kahle, futhi abazoyenza kufanele bame ngothi ukuze basisebenzise ngokunenzuzo isikhathi esabelwe leyongxenye.
7 ISifundo Sencwadi Sebandla: Lona umhlangano othatha ihora elilodwa, kuhlanganisa imithandazo yokuvula nokuphetha. Kufanele zifundwe zonke izigaba. Ukuze kuqikelelwe ukuthi umhlangano uqedwa ngesikhathi, umqhubi uyohlukanisa ukwaziswa ngokwesikhathi ukuze agweme ukushwampuluza ingxenye yokugcina yesifundo noma ukuqeda ngokushesha kakhulu. Umqhubi kufanele aqaphe ekuboneni ukuthi singakanani isikhathi esisetshenziselwa esigabeni ngasinye. Amaphuzu ayinhloko kufanele aqondwe ngokucacile. Ikhono lokufundisa lomqhubi liyomenza akwazi ukubhekana nanoma iyiphi inselele kulokhu.—Thit. 1:9.
8 Imihlangano Yenkonzo Yasensimini: Lena akufanele yeqe imizuzu engu-15, kuhlanganise nezabelo zensimu kanye nokuphetha ngomthandazo. Labo abaya enkonzweni bafuna ukuqalisa inkonzo yabo yasensimini ngokushesha ngangokunokwenzeka. Umqhubi uyoqalisa lomhlangano ngesikhathi, angalindi kuze kufike abantu abaningi. Futhi, lapho izabelo zensimu sezenziwe futhi umhlangano usuphethiwe ngomthandazo, iqembu lingaphuma ngokushesha liye ensimini. Lokhu kubalulekile ikakhulu emaphayoneni okungenzeka akhona.
9 Sonke singazuza emihlanganweni eqalisa futhi iphele ngesikhathi. Lokhu kwaziswa kakhulu ikakhulukazi yilabo abanabalingani abangakholwa ababalindela ukuba bafike ekhaya ngesikhathi esithile. Lapho belungiselela izinto zokuhamba zokubayisa nokubabuyisa emihlanganweni noma lapho besho isikhathi abazobuya ngaso ekhaya, labo abavela emikhayeni ehlukene bayobe benza kahle ngokucabangela isikhathi abasidingayo ngaphambi nangemuva kwemihlangano ukuze bajabulele ubudlelwane, bathenge izincwadi, njalonjalo. Ngokungangabazeki, ukuqalisa nokuphetha imihlangano ngesikhathi kunengxenye ekwenziweni kwezinto “ngemfanelo nangenhlelo.”—1 Kor. 14:40.