Imihlangano Yenkonzo Yasensimini Efeza Injongo Yayo
1. Imihlangano yenkonzo yasensimini inayiphi injongo?
1 Langa limbe, uJesu wahlangana nabafundi bakhe abangu-70 ngaphambi kokuba baye koshumayela. (Luka 10:1-11) Wabakhuthaza ngokubakhumbuza ukuthi babengeke babe bodwa nokuthi babeqondiswa “iNkosi yokuvuna,” uJehova. Wabuye wabanika iziyalezo ezabahlomisela umsebenzi futhi wabahlela “ngababili.” Namuhla, imihlangano esiba nayo ngaphambi kokuya enkonzweni inenjongo efanayo—ukusikhuthaza, ukusihlomisa nokusenza sihleleke.
2. Kufanele uthathe isikhathi eside kangakanani umhlangano wenkonzo yasensimini?
2 Njengamanje, umhlangano wenkonzo yasensimini uthatha imizuzu engu-10 kuya kwengu-15, okuhlanganisa ukuhlela amaqembu, ukwaba insimu nokuthandaza. Manje lokhu sekuyashintsha. Kusukela ngo-April, umhlangano wenkonzo yasensimini uzothatha imizuzu engaba mihlanu kuya kweyisikhombisa. Nokho, uma ulandela umhlangano webandla, kufanele ube ngisho nangaphansi kwalokho, ngenxa yokuthi abawuthamele kakade sebeye bajabulela ingxoxo enhle engokomBhalo. Ukuba nemihlangano yenkonzo yasensimini emifushane kuzokwenza bonke abakhona babe nesikhathi esengeziwe enkonzweni. Ngaphezu kwalokho, uma amaphayona nabamemezeli sebeqalile ukushumayela ngaphambi komhlangano wenkonzo yasensimini, bazophazamiseka isikhashana emsebenzini wabo.
3. Imihlangano yenkonzo yasensimini ingase ihlelwe kanjani ukuze ibazuzise ngokugcwele abamemezeli?
3 Imihlangano yenkonzo yasensimini kufanele ihleleke ukuze ibe usizo kakhulu kubamemezeli. Emabandleni amaningi kuyazuzisa ukuba amaqembu enkonzo yasensimini ahlangane ezindaweni ezingafani kunokuhlangana endaweni eyodwa. Lokhu kungenza kube lula ngabamemezeli ukuya emhlanganweni wenkonzo yasensimini ngisho nokuya ensimini. Abamemezeli bangahlelwa ngokushesha futhi kungase kube lula ukuba umbonisi weqembu abanake ngokuseduze abaseqenjini lakhe. Indikimba yabadala ingacabangela izimo zebandla bese iyanquma ukuthi ikuphi okungalungela ibandla. Ngaphambi kokuphetha umhlangano ngomthandazo omfushane, bonke abakhona kufanele bazi ukuthi bahamba nobani nokuthi kusetshenzwa yiphi insimu.
4. Kungani imihlangano yenkonzo yasensimini kungafanele ibhekwe njengengabalulekile kuneminye imihlangano?
4 Ibaluleke Njengayo Yonke Eminye Imihlangano: Ngenxa yokuthi imihlangano yenkonzo yasensimi yenzelwa ukuzuzisa labo abaya enkonzweni, ingase ingathanyelwa yilo lonke ibandla. Nokho, lokhu akusho ukuthi kufanele ithathwe kancane noma ibhekwe njengengabalulekile kuneminye imihlangano. Njengayo yonke imihlangano yethu, imihlangano yenkonzo yasensimini iyilungiselelo elivela kuJehova elisenza sivuselelane uthando nemisebenzi emihle. (Heb. 10:24, 25) Ngakho-ke, owuqhubayo kufanele alungiselele kahle ukuze ingxoxo idumise uJehova futhi izuzise abakhona. Uma kungenzeka, abamemezeli abaya ensimini kufanele benze umzamo wokuba khona kulo mhlangano.
Imihlangano yenkonzo yasensimini akufanele ithathwe kancane noma ibhekwe njengengabalulekile kuneminye imihlangano
5. (a) Iyini indima yombonisi wenkonzo ekuhleleni umhlangano wenkonzo yasensimini? (b) Udade kufanele awuqhube kanjani umhlangano wenkonzo yasensimini?
5 Ukulungiselela Okwenziwa Owuqhubayo: Ukuze umuntu asilungiselele kahle isabelo sakhe ebandleni, kudingeka asithole kusenesikhathi. Kunjalo nangemihlangano yenkonzo yasensimini. Yiqiniso, lapho amaqembu enkonzo yasensimini ehlangana ezindaweni ezingafani, ababonisi bamaqembu noma abasizi babo yibo abaqhuba lo mhlangano. Nokho, lapho ibandla liba nomhlangano wenkonzo yasensimini owahlanganisa wonke amaqembu, umbonisi wenkonzo uyokwabela othile ukuba awuqhube. Abanye ababonisi benkonzo banikeza bonke abawuqhubayo isimiso futhi basichome ebhodini lezaziso. Umbonisi wenkonzo kufanele asebenzise ukwahlulela okuhle lapho aba abazoqhuba lo mhlangano, ekhumbula ukuthi ukuphumelela kwale mihlangano kuyoxhomeka ekhonweni lokufundisa nelokuhlela lalabo abawuqhubayo. Uma engekho umdala, inceku ekhonzayo noma umzalwane obhapathiziwe otholakalayo ukuze abelwe ngezinye izinsuku, umbonisi wenkonzo kufanele abele udade obhapathiziwe ofanelekayo ukuze aqhube lo mhlangano.—Bheka isihloko esithi “Lapho Udade Kumelwe Aqhube Lo Mhlangano.”
6. Kungani kubalulekile ngowabelwe ukuqhuba lo mhlangano ukuba alungiselele kahle?
6 Lapho sithola isabelo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini noma eMhlanganweni Wenkonzo, sisithatha ngokungathi sína futhi sisilungiselele kahle. Bambalwa kithi abangalinda kuze kube ilapho beya emhlanganweni ngaphambi kokucabanga ngalokho abazokusho. Isabelo sokuqhuba umhlangano wenkonzo yasensimini kufanele sibhekwe ngendlela efanayo. Ngenxa yokuthi umhlangano wenkonzo yasensimini usuzoba mfushane, ukulungiselela kahle kubaluleke nakakhulu ukuze lo mhlangano uzuzise futhi uphele ngesikhathi. Ukulungiselela kahle kuhlanganisa nokwazi kusenesikhathi ngensimu ezosetshenzwa.
7. Iziphi ezinye zezinto umqhubi angaxoxa ngazo?
7 Okungaxoxwa Ngakho: Njengoba izimo zamasimu zingefani, alukho uhlaka lomhlangano ngamunye wenkozo yasensimini olulungiselelwe inceku ethembekile. Ibhokisi elinesihloko esithi, “Phakathi NoMhlangano Wenkonzo Yasensimini, Ungase Ucabangele Lokhu” libonisa okunye esingakusho. Ngokuvamile, lo mhlangano uyosingathwa njengengxoxo. Ngezikhathi ezithile, ungase uhlanganise nomboniso olungiselelwe kahle noma i-video efanelekayo ethathwe kuyi-jw.org. Lapho elungiselela umhlangano wenkonzo yasensimini, owuqhubayo kufanele acabange ngalokho okuzokhuthaza futhi kuhlomise labo abaya enkonzweni ngalolo suku.
Lapho elungiselela umhlangano wenkonzo yasensimini, owuqhubayo kufanele acabange ngalokho okuzokhuthaza futhi kuhlomise labo abaya enkonzweni ngalolo suku
8. Yini okungase kube inzuzo ukuxoxa ngayo phakathi nomhlangano wenkonzo yasensimini ngeMigqibelo nangamaSonto?
8 Ngokwesibonelo, ngoMgqibelo abamemezeli abaningi bahambisa INqabayokulinda ne-Phaphama! Abaningi abahlanganyela enkonzweni ngeMigqibelo ababi khona phakathi nesonto, ngakho bangase bakuthole kunzima ukukhumbula intshumayelo abayilungiselele phakathi nobusuku bokuKhulekela Komkhaya. Ngakho-ke, kungase kuzuzise ukuba umqhubi abukeze enye yezintshumayelo ezisikiselwe ezisekhasini lokugcina le-Nkonzo Yethu YoMbuso. Okunye angakwenza, ukuxoxa ngendlela esingahlobanisa ngayo izindaba zezinto ezenzeka endaweni, emcimbini noma eholidini entshumayelweni yokuhambisa umagazini noma indlela yokubeka isisekelo salokho enizoxoxa ngakho ekuhambeleni okulandelayo uma umagazini wamukelwe. Uma abanye kwabakhona emhlanganweni wenkonzo yasensimini sebeqalile kakade ukuhambisa omagazini baleyo nyanga, umqhubi angabacela ukuba basho ukusikisela okufushane noma balandise okuhlangenwe nakho okukhuthazayo. NgamaSonto, umqhubi angase akhethe ukwenza okufanayo ngesipho saleyo nyanga. Incwajana ethi Izindaba Ezinhle nethi Lalela UNkulunkulu nencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli zingase zihanjiswe noma nini, ngakho umqhubi angaxoxa kafushane ngendlela enye yalezi zincwadi engahanjiswa ngayo.
9. Yini okungaxoxwa ngayo ngezimpelasonto lapho ibandla lihlanganyela emkhankasweni okhethekile?
9 Uma ibandla lihlanganyela emkhankasweni okhethekile ngempelasonto, umqhubi angase acabangele indlela yokuhambisa omagazini bamuva kanye nesimemo noma ipheshana noma angaxoxa ngalokho okungenziwa uma umninikhaya ebonisa isithakazelo. Kungabuye kuxoxwe ngokuhlangenwe nakho okuqokomisa ukubaluleka kwemikhankaso enjalo.
10, 11. Kungani ukulungiselela okwenziwa abamemezeli kubalulekile ekuphumeleleni komhlangano wenkonzo yasensimini?
10 Ukulungiselela Okwenziwa Abamemezeli: Abamemezeli nabo banengxenye ekwenzeni umhlangano wenkonzo yasensimini uphumelele. Ngokulungiselela inkonzo kusengaphambili, mhlawumbe phakathi nokukhulekela kwabo komkhaya, bayoba nokuthile abangakuhlanganyela nabanye abamemezeli. Ukulungiselela kahle kubuye kuhlanganise nokuphaka omagazini nezincwadi esizozihambisa ngaphambi kokuya emhlanganweni wenkonzo yasensimini ukuze bonke abakhona bezoya ensimini ngaphandle kokubambezeleka okungadingekile.
11 Kubalulekile nanokuhlela ukufika emhlanganweni wenkonzo yasensimini kusasele isikhashana ngaphambi kokuba uqale. Yiqiniso, sizama ukufika ngesikhathi kuyo yonke imihlangano yebandla. Nokho, kungaphazamisa nakakhulu ukufika sekwephuzile emhlanganweni wenkonzo yasensimini. Kanjani? Umzalwane oholayo ucabangela izinto eziningi ngaphambi kokuba ahlele iqembu. Uma kunabamemezeli abambalwa, angase anqume ukuba bonke abakhona bayosebenza insimu engaqediwe. Uma kukhona abeze ngezinyawo emhlanganweni wenkonzo yasensimini futhi insimu ikude, angase abe laba bamemezeli nalabo abeze ngezimoto. Uma insimu inobugebengu kakhulu, angase abele abazalwane ukuba basebenze nodade noma eduze nabo. Abamemezeli abagulayo bangase babelwe ukusebenza indawo eqondile noma imizi enezitezi ezimbalwa. Abamemezeli abasanda kuhlanganyela bangase babelwe ukusebenza nabangomakadebona. Kodwa uma abamemezeli befika sekwephuzile, ngokuvamile lokhu kuhlela kuyodingeka kubukezwe noma kwenziwe kabusha ukuze kucatshangelwe abafike sekwephuzile. Yebo, kungenzeka ngesinye isikhathi sibe nesizathu esizwakalayo sokufika sekwephuzile. Nokho, uma sikwenza umkhuba ukufika sekwephuzile, singase sizibuze ukuthi kwenziwa ukuthi asinakho ukwazisa ngemihlangano yenkonzo yasensimini noma yingoba siyehluleka ukuhlela izimo zethu kusengaphambili.
12. Uma uvame ukuzihlelela ozohamba nabo ensimini, yini ongase uyicabangele?
12 Abamemezeli abeze enkonzweni yasensimini bangakhetha ukuzihlelela abazohamba nabo ngaphambi kokuqala komhlangano noma babelwe ukuthi bazohamba nobani. Uma uvame ukuzihlelela ozohamba nabo, ‘unganuleka’ yini ngokusebenza nabamemezeli abahlukahlukene kunokusebenza nabangane bakho njalo? (2 Kor. 6:11-13) Ungakwazi yini ngezikhathi ezithile ukuhlela ukusebenza nommemezeli osanda kuhlanganyela ukuze umsize athuthukise ikhono lakhe lokufundisa? (1 Kor. 10:24; 1 Thim. 4:13, 15) Lalelisisa iziyalezo ezinikezwayo, okuhlanganisa neziqondiso zokuthi kuzoqalwa kuphi ukushumayela. Lapho umhlangano uphela, gwema ukushintsha izinhlelo futhi usheshe uye ensimini.
13. Uma bonke abaya ensimini bezinikela futhi benza ingxenye yabo, imihlangano yenkonzo yasensimini iyosizuzisa kanjani?
13 Abangu-70 uJesu abahlelela inkonzo “babuya bejabula” ngemva kokushumayela. (Luka 10:17) Akungabazeki ukuthi umhlangano uJesu aba nawo nabo ngaphambi kokuyoshumayela wabasiza ukuba baphumelele. Namuhla, imihlangano yenkonzo yasensimini ingaba usizo ngendlela efanayo. Uma bonke abaya ensimini bezinikela futhi benza ingxenye yabo, imihlangano yenkonzo yasensimini iyosikhuthaza, isihlomise futhi isihlelele ukufeza umyalo esiwunikiwe ‘wokufakaza ezizweni zonke.’—Math. 24:14.