Ilungiselelo Lesifundo Sencwadi Sebandla
Ingxenye 3—Isikhungo Senkonzo Yasensimini
1 Ngaphandle kokuba indawo yesifundo seqembu, indawo yeSifundo Sencwadi Sebandla ingasebenza njengendawo yokuhlangana ngenjongo yenkonzo yasensimini. Izikhathi zemihlangano enjalo kufanele zilungele iningi labamemezeli, futhi imihlangano kufanele inikeze usizo olungokoqobo ekuhleleleni abamemezeli inkonzo yasensimini.
2 Amaqembu ahlelwe ngokufanelekile esifundo nenkonzo ayakha ngokomoya. Ubani ongazange azuze esikhuthazweni noma ekusikiseleni ngendlela yokusingatha ukuphikiswa, indlela yokuqalisa ingxoxo, indlela yokusikisela isifundo seBhayibheli, noma lokho okungashiwo empindelweni? Abamemezeli namaphayona esikanye nawo abahlangana endaweni yesifundo seqembu banikeza usizo olunjalo ngempela.—Gal. 6:9, 10.
3 Indima Yomqhubi: Umqhubi weSi- fundo Sencwadi Sebandla uyahola futhi unomthwalo wemfanelo wokuhlela umsebenzi weqembu. Usebenza njalo nabamemezeli ensimini. (1 Pet. 5:2, 3) Imihlangano yenkonzo elungiselelwe kahle inikeza imfundo engokomBhalo newusizo yokuhlomisela iqembu inkonzo. Ngokuvamile kutuswa ukuba iqembu ngalinye lesifundo sencwadi libe nomhlangano wenkonzo yasensimini walo siqu kunokuba wonke amaqembu ahlangane ndawonye endaweni eyodwa. Nokho, amaqembu amabili amancane angahlanganiswa uma kudingekile. Lapho inkonzo yasensimini ilandela iSifundo SeNqabayokulinda, umhlangano wenkonzo yasensimini kufanele ube mfushane. Ngemva kwalokho, umqhubi wesifundo seqembu ngalinye uyonakekela iqembu lakhe siqu.
4 Amalungiselelo enkonzo yasensimini angaguquguquki akhuthaza ukuhlanganyela njalo enkonzweni. Uma imihlangano yenkonzo iqhutshwa ngesikhathi nasendaweni ehleliwe, abamemezeli bahlela ngokufanelekile, bekhuthazwa ukwazi ukuthi insimu iyotholakala nokuthi bakhona abayosebenza nabo. (Qhathanisa noLuka 10:1.) Ngisho nalapho umqhubi wesifundo engeke abe khona, ulungiselela insimu futhi enzele iqembu amalungiselelo. (omZU kk. 44-5) Uma engekho umzalwane ofanelekayo ukuba aqhube umhlangano wenkonzo, umqhubi angabela udade ukuba enze lokhu. (omZU kk. 77-8; kmZU 3/88 k. 3) Ukudideka kuyagwenywa lapho iqembu lihlangana njalo ngesikhathi salo esivamile nasendaweni evamile yenkonzo. Noma ikuphi ukugudluka kwesikhashana kulokhu kufanele kumenyezelwe kusasele isonto uma kungenzeka.
5 Ukubambisana Kuyadingeka: Sonke kufanele sizame ukuba nengxenye enengqondo ezicini ezihlukahlukene zenkonzo yasensimini. Abamemezeli bangathatha isinyathelo kuqala sokulungiselela ndawonye ngokuprakthiza, besebenzisa ukuphikisa okungokoqobo nezimo okungenzeka ukuba ziphakame ensimini yenu.—IzAga 27:17.
6 Ungathanda yini ukusizwa ummemezeli onokuhlangenwe nakho ukuba ube nekhono ngokwengeziwe emsebenzini wokwenza abafundi? Uma kunjalo, khuluma nomqhubi wakho weSifundo Sencwadi Sebandla. Angase akwazi ukuhlela ukuba ummemezeli ofanelekayo akusize. Ukuze uzuze, kusebenzise ngenkuthalo ukusikisela okutholile futhi ugcine izivumelwano ozenzile.
7 Labo ababelwe umqhubi wesifundo sencwadi ukuba basize kufanele babe usizo futhi babe abacabangelayo kulokho abakulindele. Okuhlangenwe nakho kuye kwabonisa ukuthi labo abanombono oqondile nolinganiselayo ngenkonzo yasensimini futhi abanombono wokusiza bakwazi kangcono kakhulu ukuqeqesha abanye. (kmZU 8/79 kk. 1, 4; kmZU 10/79 k. 3) Ukutusa kufanele ngaso sonke isikhathi kunikezwe lapho kwenziwa intuthuko. Khona-ke eminye imigomo ingabekwa.—Qhathanisa noLuka 19:17-19.
8 Sifuna ukusizana ukuba sibe abaphumelelayo ekushumayeleni izindaba ezinhle nasekwenzeni abafundi. Izimo zezwe eziba zimbi ngokwengeziwe zifakazela ukuphuthuma kwalomsebenzi. Ukuphila kuhilelekile, futhi uJehova usheshisa ukubutha. (Isaya 60:22) Njengoba sihlala sikhumbula inkonzo esiyinikeziwe, siyosebenza ngokuseduze neqembu lethu leSifundo Sencwadi Sebandla ekufezeni isabelo sethu ngokugcwele kuyilapho sinxusana futhi sikhuthazana.—Roma 12:6-8; 2 Thim. 4:1, 2, 5.