Ukubambisana Nomqhubi Wesifundo Sethu Sencwadi Sebandla
1 Isifundo Sencwadi SeBandla sifeza indima ebalulekile ekuthuthukisweni kwamakhono ethu njengezikhonzi zezindaba ezinhle. Lamaqembu agcinwa emancane ngenjongo yokukhuthaza isimo esifudumele, esifana nesomkhaya sokufundwa kweBhayibheli nenye yezincwadi zeNhlangano. Lamaqembu amancane anikeza futhi izimo ezinhle zokusiqeqeshela ukuba siphumelele ngokwengeziwe enkonzweni yasensimini. Abantu ngabanye bathola isikhuthazo nokunakekelwa komuntu siqu ngelungiselelo lesifundo sencwadi. Singabambisana kanjani ngokugcwele nomqhubi futhi sizuze kulelilungiselelo elihle?
2 Ukuhlanganyela Ngentshiseko Enkonzweni Yasensimini: Omunye wemithwalo yemfanelo ebaluleke kakhulu yomqhubi wesifundo sencwadi ukusiza wonke amalungu eqembu ukuba ahlanganyele ngentshiseko enkonzweni. Maqondana nalokhu, incwadi ethi Ukuhlelelwa iyasikhumbuza ekhasini 44 ukuthi “ukuba khona njalo, nentshiseko ayibonisayo emsebenzini wasensimini kuyobonakala kubamemezeli.” Ngezinye izikhathi umqhubi uyosebenza namalungu omkhaya wakhe enkonzweni, kodwa uyokujabulela futhi ukuhlanganyela nabanye ezicini ezihlukahlukene zenkonzo lapho izimo zakhe zimvumela. Ingabe ungayisekela njalo imihlangano yenkonzo yasensimini? Umqhubi wesifundo senu sencwadi nabanye abamemezeli bayokwazisa kakhulu ukwenza kwakho kanjalo.
3 Imihlangano yenkonzo yasensimini ilungiselelwa ezindaweni eziseduze ukuze bonke bakwazi ukuhlanganyela ngentshiseko emsebenzini wokushumayela. Nakuba licabangela izimo zendawo, iqembu ngalinye kuyodingeka ukuba lisheshe liqale enkonzweni. Abamemezeli namaphayona amaningi baphumelela kahle lapho beqhubeka enkonzweni ngemva kwesikhathi sasemini ngempelasonto.
4 Ungathanda yini ukuthola usizo esicini esithile senkonzo? Mhlawumbe umqhubi wesifundo senu sencwadi angahlela ukuba ummemezeli onekhono eqenjini asebenze nawe. Ekupheleni kwenyanga, qiniseka ukuthi ufaka umbiko wakho wenkonzo yasensimini ngokushesha. Bobabili umqhubi wesifundo sencwadi nonobhala bayokwazisa ukubambisana kwakho kulesici esibalulekile ngokufanayo.—Qhathanisa noLuka 16:10.
5 Lapho Umbonisi Wenkonzo Evakashela Iqembu: Ngokuvamile umbonisi wenkonzo uvakashela iqembu elilodwa lesifundo sencwadi inyanga ngayinye ukuze akhuthaze umsebenzi omkhulu nonenjongo ngokwengeziwe enkonzweni yasensimini. Yilalelisise inkulumo yemizuzu engu-15 ayinikeza ekupheleni kwesifundo sencwadi, njengoba izonikeza iseluleko esiqondile esiyosiza iqembu ukuba lithuthuke ezicini ezihlukahlukene zomsebenzi wokushumayela. Umbonisi wenkonzo uzimisele futhi ukusebenza namalungu ahlukahlukene alesosifundo sencwadi ngempelasonto. Qiniseka ukuthi ulisebenzisa ngokunenzuzo lelilungiselelo elikhethekile ukuze uzuze kokuhlangenwe nakho kwakhe nekhono enkonzweni.
6 Isibonelo sethu siqu sokubambisana nokuzimisela kwethu ukusiza abangenakho okuhlangenwe nakho kuyosiza ukwakha isimo esifudumele nesinobungane eSifundweni Sencwadi SeBandla njengoba ‘senza okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.’—Gal. 6:10.