Ilungiselelo Lesifundo Sencwadi Sebandla
Ingxenye 1—Umthwalo Wemfanelo Womqhubi Wesifundo
1 ISifundo Sencwadi Sebandla sifeza indima ebalulekile ekuthuthukeni okungokomoya kwabantu bakaJehova. Ezinyangeni ezizayo, sizohlola izici ezihlukahlukene zelungiselelo leSifundo Sencwadi Sebandla futhi sicabangele nokuthi singazuza kanjani. Kulesi sifuna ukugxila endleleni umqhubi wesifundo sencwadi angenza ngayo ukuba isifundo sikhuthaze futhi siqinise ukholo.
2 Ukuze aphumelele ekufundiseni kwakhe, umqhubi kufanele alungiselele kahle. Njengomfundi oshisekayo weZwi likaNkulunkulu, akumelwe nje azi impendulo yombuzo ngamunye kodwa kufanele futhi aqonde ukuthi kungani leyompendulo iqondile. Ukuzimisela kwakhe kufanele kube okokusiza bonke abasesifundweni ukuba bazi izizathu zezimpendulo. (1 Pet. 3:15) Lokhu kuyojulisa ukwazisa kwabo ngendaba efundwayo.
IMIGOMO EKUQHUBENI ISIFUNDO
3 Omunye umgomo womqhubi uwukusebenzisa indaba efundwayo ukuze aqinise ukholo lwabo bonke abakhona futhi abashukumisele ukuba bafune ukwenza intando kaNkulunkulu ngokugcwele ngokwengeziwe. (IHu. 110:3; 2 Thes. 1:3-5) Ukuze afeze lokhu, umqhubi kufanele ahlabe ikhefu ezindaweni ezifanele ukuze ‘agcizelele’ amaphuzu akha ukwethembela kuJehova, iZwi lakhe, kanye nenhlangano yakhe okusuka enhliziyweni. (Gal. 6:6, Ref. Bi. ftn.) Imibuzo eyakhiwe ngobuciko ingasetshenziselwa ukuthola lemininingwane eyakha ukholo njengoba isikhathi sivuma.
4 Omunye umgomo uwukusiza bonke ukuba babone indlela abangakusebenzisa ngayo ngokoqobo ukwaziswa. Bangakusebenzisa kanjani enkonzweni yasensimini? Ekukhuthazeni abazalwane kanye nabasanda kuhlanganyela? Ekuziqiniseni bona kanye nemikhaya yabo? Lapho abaqhubi beSifundo Sencwadi Sebandla belungiselela isifundo ngasinye, kufanele bazame ukubona indlela amaphuzu athile asesifundweni angasetshenziswa ngayo ngokoqobo.
5 Okunye ukwaziswa kungasetshenziselwa ukusiza izihlobo ezingakholwa, esifunda nabo, noma esisebenza nabo. Okunye ukwaziswa kungasiza labo abasemikhayeni ehlukene noma mhlawumbe imikhaya enomzali oyedwa. Umqhubi angenza labo abakhona bakhulume ngokubasiza ukuba bacabange futhi babone indlela abangayenza ngayo isebenze ngokoqobo indaba ecatshangelwayo. Umqhubi kufanele alwele ukugcina isifundo sithakazelisa, asenze sibe ngaphezu nje kokuba ukuhlanganiswa kwendaba ngemibuzo nezimpendulo.—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 14:9, 19.
BONISA ISITHAKAZELO SOMUNTU SIQU
6 Ngokuba nesithakazelo somuntu siqu kumuntu ngamunye oseqenjini, umqhubi angakhuthaza ukuhlanganyela ngokugcwele. Abesabayo bangabelwa kusengaphambili ukuba bafunde imibhalo, noma banganikezwa umbuzo kusengaphambili ukuze balungiselele ukuwuphendula. Bonke kumelwe balwele ukuphendula ngamazwi abo siqu. Ngokulalela ngokucophelela izimpendulo, umqhubi angathola ukuthi abanye badinga usizo lomuntu siqu yini. Angasebenzisa abanye abanokuhlangenwe nakho eqenjini ukuba basize ngokunikeza lowomuntu ukunakekela.
7 ISifundo Sencwadi Sebandla siyisibusiso kithi. Sisinika ithuba lokuhlangana ngamaqembu amancane futhi sithole ukunakekelwa okwengeziwe komuntu siqu. Akumelwe neze sisibheke njengesingabalulekile kakhulu kuneminye imihlangano. Umqhubi wenu weSifundo Sencwadi Sebandla uwuthatha ngokungathi sína umthwalo wakhe wemfanelo ukuze asebenzise isifundo ngasinye ukuba aqinise ukholo lwenu kuJehova futhi akhe ukwazisa kwenu ngamalungiselelo kaNkulunkulu angokomoya.