Ukuthwala Umthwalo Wethu Wemfanelo
1 Umqondo wokuba nomthwalo wemfanelo ubonakala ubasinda abantu namuhla. Abaningi bazama ukuwubalekela. Ngenxa yalokho, amadoda ashiya omkawo, omama balahla izingane, intsha iyeka isikole, futhi izakhamuzi zigwema ukukhokha izintela. Uhlu lwezenzo zokungathembeki alupheli. Umuntu okwazi ukuthwala umthwalo wemfanelo umuntu onokwethenjelwa, ozimisele futhi okwaziyo ukulandisa ngezenzo zakhe. Khona-ke, iZwi likaNkulunkulu lisho ngokucacile ngamaKristu ukuthi “yilowo nalowo uyakuthwala owakhe umthwalo.” (Gal. 6:5) Yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukuthi isihloko somhlangano wesifunda wonyaka wenkonzo ka-1992 sithi “Ukuthwala Umthwalo Wethu Wemfanelo”! Loluchungechunge luzoqala ngoSeptember. Sonke kufanele senze amalungiselelo aqondile okuba khona.
2 Ngezinkulumo, imiboniso, okuhlangenwe nakho, nangezingxoxo, lesimiso esihle somhlangano wesifunda siyochaza ngokucacile imithwalo yemfanelo ehlukahlukene sonke esinayo njengamaKristu. NgoMgqibelo ntambama, kuyoba khona uchungechunge oluhlukaniswe izingxenye ezine oluchaza indlela esinganakekela ngayo ngenjabulo imithwalo yethu yemfanelo. Intsha yethu inomthwalo wemfanelo okufanele iwuthwale, futhi inkulumo yangoMgqibelo ntambama eyonikezwa umbonisi wesifunda iyoqondiswa kubo ngokukhethekile. Ngo-Mgqibelo kuyoba khona futhi nethuba lokubhapathizwa kwalabo abasanda kuzinikezela. Bonke labo abahlela ukubhapathizwa emhlanganweni wesifunda kufanele bazise umbonisi owengamele kusasele isikhathi esanele ukuze kwenziwe amalungiselelo alokhu.
3 NgeSonto ekuseni olunye uchungechunge oluhlukaniswe izingxenye ezine luyogxila emthwalweni wethu wemfanelo wobuKristu wokushumayela. Khona-ke, ngeSonto ntambama, inkulumo yeningi enesihloko esithi “Umhlaba Omusha KaNkulunkulu—Ubani Oyofaneleka Ukungena Kuwo?” iyonikezwa umbonisi wesigodi. Phaphamela ukumema abasanda kuhlanganyela ukuba bezwe lenkulumo.
4 Sonke siyofuna ukuhlela izimo zethu ukuze sibe khona futhi sizuze ngokugcwele kulesimiso esihle sezinsuku ezimbili. Umbonisi wenu wesifunda uyonazisa ngendawo nangezinsuku ezihlelelwe ibandla lenu.