Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngokuqonda
1 Isaga esiphefumulelwe sithi: “Ogcina ingqondo uyakufumana okuhle.” (IzAga 19:8) Ukuhlakanipha kwalamazwi ngaso sonke isikhathi kuye kwabonakala emsebenzini wethu wokushumayela. Ngokwesibonelo, ngokusebenzisa ukuqonda nokuba namasu, abamemezeli abaningi baye benza abantu abafuna ukuvimba ingxoxo baba abantu okunganikezwa kubo ubufakazi obengeziwe. Noma okungenani baye babeka isisekelo sokunikeza ubufakazi esikhathini esizayo. Lokhu kungenziwa kanjani?
UKUBHEKANA NABAVIMBA INGXOXO
2 Ngokuvamile sihlangana nabantu abathi, “Ngimatasa.” Ingabe umnini-khaya umatasa ngempela, noma ingabe umane nje usho lokhu ukuze angahileleki engxoxweni ende? Ukuqonda kuyadingeka. Uma engabonakali ematasa ngempela, singazama ukubhekana nalomuntu ovimba ingxoxo. Singase sithi, “Khona-ke ngizofushanisa.” Kamuva, singasho ngamazwi amafushane lokho ebesihlose ukuxoxa ngakho, sikhumbula isivumelwano sokwenza ingxoxo yethu ibe mfushane. Ngenxa yokucabangela kwethu kanye namazwi avusa isithakazelo, lomuntu angase abonise ngisho nesithakazelo sokuba ingxoxo iqhubeke ngaso lesosikhathi.
3 Ake sithi lowo ofika kuye umatasa ngempela. Nakuba singafuni ukuphebezwa nje kalula, uma siphikelela noma siphoqelela, singase sishiye umbono ongemuhle. Uma umnini-khaya eza emnyango ephethe izinto zokupheka futhi sizwa iphunga lokudla okuphekwayo, ngokunokwenzeka umatasa ngempela. Ngakho ukuqonda kanye nokwahlulela okuhle kuyadingeka. Bekungeke kube ukucabangela ukuphikelela sixoxe ngalesosikhathi. Bekungaba ngcono kakhulu ukunikeza umnini-khaya ipheshana futhi usikisele ukuba uphinde ubuye. Lokhu kuyoshiya umbono omuhle kakhulu, futhi kunganikezwa ubufakazi obuhle lapho kufika uFakazi esikhathini esizayo.
UKUSABELA ESIMWENI SOMUNTU
4 Ngezikhathi ezithile sihlangana nabantu abacasukayo lapho sibahambela enkonzweni yendlu ngendlu. Yini okufanele siyenze kulesimo? IzAga 17:27 ziyeluleka: “Onomoya opholileyo ungumuntu oqondileyo.” Yeka iseluleko esihle! Izwi elipholile elizwakalisa ukukhathalela ngokuvamile lenza umuntu onjalo ehlise umoya. Ngaphezu kwalokho, uma ngokuhlakanipha singamenza asho indaba emkhathazayo, angase angakwazi ukuzivikela. Ngisho nakuba enqamula ingxoxo, ngokunokwenzeka ukusabela kwethu ngomoya opholile kuyomshiya enesimo sengqondo esingcono ngomsebenzi woFakazi BakaJehova. Bekungaba kufezwe okuhle kakhulu ngalokho. Njengoba kulindelekile, uma umnini-khaya ethukuthela, kuyoba ngcono kakhulu ukuhamba ngokuthula futhi mhlawumbe sizame ukufakaza kuye ngesinye isikhathi.
5 Khona-ke kunabantu okuthi nakuba bephikisa, babe qotho. Kulezimo, kungase kube uvivinyo lwangempela lwesineke sethu ukuqhubeka sixoxa nabo. Kodwa uma sinokuqonda, ngeke ngempela siphethe ngokuthi umnini-khaya akanaso isithakazelo ngenxa nje yokuthi uveza umbono owehlukile ngendlela eqinile. Singase sithande ukubuza imibuzo yobuciko ngomzamo wokuthola isizathu sokuba akholelwe lokho akukholelwayo bese simbonisa lokho iBhayibheli elikushoyo ngaleyondaba. (IzAga 20:5) Ngokusekelwe ekusabeleni kwakhe, singanquma ukuthi kuyazuzisa yini ukuqhubeka nengxoxo.
6 Ummemezeli onokuqonda uyaqaphela ukuthi isikhathi nezimo ngokuvamile kuyasishintsha isimo sengqondo somnini-khaya ngesigijimi soMbuso. Ukusabela kwakhe kungase kwehluke kakhulu lapho siphinda simhambela ngesikhathi esizayo. Kufanele siqaphele ukuba singathathi ngokuthi sizothola ukusabela okungekuhle ngenxa yendlela umnini-khaya asabela ngayo lapho simhambele ekhaya lakhe esikhathini esedlule.
7 Ukunquma ukuthi kufanele yini siqhubeke nengxoxo akulula. Nokho, ngokuthuthukisa ikhono lokufundisa, siyoba ngabaphumelela ngokwengeziwe ekushumayeleni izindaba ezinhle ngokuqonda, kuyilapho sibheka kuJehova ukuba abusise imizamo yethu.—1 Kor. 3:6; Thit. 1:9.