Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukuphendula Labo Abazama Ukuvimba Ingxoxo
Okwenza Kubaluleke: Ake sithi uyazi ukuthi kuzoba nenhlekelele yemvelo. Abantu bazokufa uma bengabalekeli endaweni ephephile. Uya kumakhelwane wakho ukuze umxwayise, kodwa akakulaleli, ukutshela ukuthi umatasa. Ngokuqinisekile, ngeke usheshe uyeke ukuzama ukumxwayisa! Abaningi ensimini yethu bayasixosha, bengaqapheli ukubaluleka kwesigijimi sethu esisindisa ukuphila. Mhlawumbe lapho sifika basuke bematasa. (Math. 24:37-39) Mhlawumbe abasithandi ngenxa yezinto ezingamanga abazizwile ngathi. (Math. 11:18, 19) Bangase baphethe ngokuthi siyafana nezinye izinkolo eziye zathela izithelo ezimbi. (2 Pet. 2:1, 2) Uma umninikhaya engenasithakazelo ekuqaleni, akufanele sisheshe siphele amandla.
Zama Lokhu Phakathi Nenyanga:
Uma uthola umuntu ofuna ukuvimba ingxoxo, lapho seniphumile kulowo muzi, xoxa nommemezeli ohamba naye ngendlela engcono obungase uphendule ngayo.