IBhokisi Lemibuzo
● Kufanele iqhutshwe kanjani imihlangano yenkonzo yasensimini?
Umhlangano wenkonzo yasensimini uyilungiselelo lebandla elimisiwe. Kufanele uhleleke futhi uqhutshwe ngendlela ehloniphekile. Isimo nokubukeka kwalabo abakhona kufanele kube okufanayo nalapho beya kweminye imihlangano yebandla. Umhlangano kufanele uqale ngesikhathi ngisho nalapho kwaziwa ukuthi abanye bayofika kamuva. Owabelwe ukuba aqhube umhlangano kufanele alungiselele ukunikela okuthile okuwusizo okungasetshenziswa ngalolosuku ensimini. INkonzo Yethu YoMbuso inikeza ukwaziswa okuwusizo nokusikisela ngalomhlangano.
Akudingekile ukuxoxa ngetekisi losuku emhlanganweni ngamunye. Uma ngokusobala itekisi lalolosuku linikeza isisekelo sokunikeza isikhuthazo enkonzweni yasensimini, lingase licatshangelwe kafushane. Umhlangano kufanele uqhutshwe ekuseni ngokwanele ukuze unikeze ithuba lokusebenzisa isikhathi esigcwele esihleliwe enkonzweni. Kufanele uthathe imizuzu eyi-10 kuya kweyi-15 kuphela. Nokho, ungase ube mfushane uma ulandela umhlangano webandla ovamile. Kufanele kucatshangelwe isimiso samaphayona, ngoba imihlangano yenkonzo yasensimini eyenziwe yaba mide noma eqhutshwe ngemva kwesikhathi ingase ibathwese umthwalo labo okumelwe banamathele ngokuseduze esimisweni sesikhathi.
Kufanele kwenziwe amalungiselelo okuba wonke umuntu abe nendawo ayabelwe azoyisebenza. Yiqiniso, abanye kungenzeka baye benza amalungiselelo omuntu siqu okuhileleka emsebenzini wezimpindelo noma wezifundo zeBhayibheli futhi ngeke badinge ukunikezwa isabelo sensimu okudingeka bayisebenze.
Bonke abakhona kufanele balalelisise futhi babambisane phakathi nawo wonke umhlangano kuze kube yilapho amaqembu ensimu esabiwe nomthandazo usunikeziwe. Labo asebewenzile kakade amalungiselelo bangakuphawula lokhu. Izabelo eziqondile zamaqembu namasimu kufanele ziqedwe ngaphambi kokuphetha umhlangano wenkonzo yasensimini—hhayi ngaphandle endaweni yokupaka noma kwenye indawo yomphakathi. Umhlangano wenkonzo yasensimini kufanele uvalwe ngomthandazo. Singalindela ngokuqinisekile isibusiso esikhulu sikaJehova emsebenzini wokushumayela walolosuku uma bonke abahilelekile benamathela kulokhu kusikisela.