Khuthazani Abanye Ukuba Bafunde INqabayokulinda
1 Phakathi nenyanga ka-April noMay, sizofuna ukukhuthaza abathandi beqiniso ukuba bafunde INqabayokulinda njalo. Okuhlangenwe nakho kwethu mathupha kuye kwasiqinisekisa ukuthi kubo bonke omagazini abanyatheliswayo namuhla, yiyona kuphela enikeza ukudla okungokomoya okubalulekile okudingwa yilabo abakhalayo nababubulayo ngenxa yezimo ezidabukisayo ezisemhlabeni.—Hez. 9:4.
2 INqabayokulinda iye yasisiza ukuba siqonde isiprofetho seBhayibheli esibonisa ukuthi siphila esikhathini sokuphela nokuthi uMbuso kaNkulunkulu ngokushesha uzoletha ukuthula emhlabeni. Ukukukhathalela kwethu okuqotho ukuphila kwabanye kusishukumisela ukuba sihlanganyele nabo lelithemba elimangalisayo. Futhi kuyasikhuthaza ukubona ukuthi abaningi abanhliziyo ziqotho baqoqelwa ukusinda.—Joh. 10:16.
3 Esithi “Ingabe Kwephuzile Kunesikhathi Obusilindele?” siyisihloko esishukumisa ingqondo sezinye zezihloko zikamagazini ka-April 1, 1991. Umagazini ka-April 15 uqokomisa isihloko esithi “Ukuthula Okuhlala Njalo Kuyofika Nini Ngempela?” Lezihloko zingahlanganiswa kahle neSihloko Sengxoxo esisisebenzisayo, esithi “Ukuthula Kwezwe, Ingabe Kuseduze?” Ukuze uthole ukuthi umninikhaya unesithakazelo esiqotho yini ezindabeni ezinhle, mdonsele engxoxweni yeBhayibheli efudumele nenobungane. Lokhu kudinga ukulungiselela kusengaphambili kanye nokulungela ukubonisa indlela izihloko ezikomagazini bamuva eziyosiza ngayo umninikhaya ukuba andise ukuqonda kwakhe indaba enixoxa ngayo.
4 Sifuna ukukhuthaza abantu abaningi ngangokunokwenzeka ukuba benze isikhokhelo seNqabayokulinda. Nakuba ngokungangabazeki siyothola eziningi zezikhokhelo zethu endlini ngendlu, asifuni ukukhohlwa yilabo esikanye nabo kwezebhizinisi, omakhelwane bethu kanye nezihlobo. Lapho umuntu enqaba isipho sesikhokhelo, sikisela ukuba athathe omagazini ababili. Ungase ukwazi ukufaka igama lakhe emzileni wakho kamagazini futhi umhambele njalo. Ukuthintana kwakho njalo nalowomuntu kuyokwenza ukuba ukwazi ukuhlakulela isithakazelo futhi ubone lapho kuyisikhathi esifanelekile sokumhambisela isikhokhelo. Khumbula ukuthi ukuthunywa kwethu okokushumayela izindaba ezinhle nokwenza abafundi.—Math. 24:14; 28:19, 20.
5 UApril noMay bazonikeza amathuba amaningi okusakaza izindaba ezinhle zoMbuso kaJehova endlini ngendlu kanye nasezingxoxweni zokwethukela nabantu esihlangana nabo. Singaqiniseka ngokuthi uJehova uyoqhubeka eyibusisa imizamo yethu yenkuthalo yokuthola kanye nokulungiselela ukondliwa okungokomoya okudingekayo kwabantu abamnene ensimini yethu.