Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngendlela Ephumelela Ngokwengeziwe Ngokulalela
1 Ukuze siphumelele enkonzweni yethu, kufanele siqaphele ukuthi abekho abantu ababili abafanayo. Umuntu ngamunye unokuhlangenwe nakho okwehlukile ekuphileni kanye nokukhathazeka nezifiso zakhe siqu okwehlukile. Inselele iwukwenza isigijimi soMbuso sifanelane nomuntu, okungukuthi, ukubonisa umuntu esixoxa naye ukuthi sisho ukuthini kuye njengomuntu. Ukuze senze lokhu ngokuphumelelayo, kufanele futhi silalelisise.
2 Abamemezeli abaningi basebenzisa imibuzo ngokuhlakanipha ezethulweni zabo, futhi lokhu kusiza ekuhileleni umninikhaya engxoxweni. Imibuzo efuna imibono engamhlazi umninikhaya iphumelela kakhulu. Kodwa lapho umninikhaya ekhuluma, kubalulekile ukuba silalele lokho akushoyo. Ukulalela kubonisa uthando ngomakhelwane kanye nenhlonipho, futhi ngokwenza kanjalo sithola ukuqonda lokho umuntu akucabangayo. Ukwazi izimo zomuntu kusenza sikwazi ukuzwelana naye, sizibeke esimweni sakhe. Khona-ke singakwazi ukuhlanganyela naye induduzo kanye nethemba elivela eBhayibhelini.
VUMELANA NEZIMO
3 Umphostoli uPawulu weluleka: “Fundani indlela engcono kakhulu yokukhuluma nomuntu ngamunye enihlangana naye.” (Kol. 4:6, New English Bible) Nakuba singakwazi ngokuqonde ngqó lokho umuntu ngamunye angase akusho kusengaphambili, sijwayelene nezinkinga abantu abaningi ababhekana nazo namuhla. Kanjalo, ‘singafunda’ futhi sikulungele ngokwengqondo ukusabela ezimweni ezihlukahlukene.
4 Ngokwesibonelo, kungenzeka siye salungiselela ukuxoxa ngesihloko sokuthula kwezwe, kodwa umnini-khaya wakhuluma ngokuthi ulahlekelwe umsebenzi. Ingabe kufanele singakunaki lokhu akushoyo? Ngokungangabazeki, indaba yokondla umkhaya wakhe iyayikhathaza ingqondo yakhe nenhliziyo. Ungasabela kanjani ezidingweni zakhe? Ungazwelana naye, ubonise ukusikhathalela okuqotho isimo akuso. Khona-ke, ngomusa qondisa ukunakekela kwakhe emibhalweni ebonisa indlela uhulumeni kaNkulunkulu ozonikeza ngayo umsebenzi owanelisayo futhi ulungiselele zonke izidingo zethu.—Isaya 65:17, 21, 22, 24.
5 Mhlawumbe sizwa ukuthi umuntu othile noma ilungu lomkhaya wakhe muva nje libe isisulu sobugebengu noma liye labhekana nokungalungi okuthile. Ukukhathalela kwethu kozwela kanye nesithakazelo somuntu siqu kulezizimo kungase kuyithambise inhliziyo yalowomuntu, kwenze kube nokwenzeka ukumbonisa ukuthi uJehova uNkulunkulu uyaziqaphela ngempela lezinkinga ezidabukisayo futhi ngokushesha uzothatha isinyathelo sokuqeda bonke ububi.—Bheka Ukubonisana NgemiBhalo, amakhasi 12, 360-61.
6 Ngokuvamile kuba khona ubuhlobo obungebuhle phakathi kwabantu ngenxa yokuba bengazange bakhulumisane kahle. Lapho othile ekhuluma, omunye angase angalalelisisi ngempela ngengqondo yakhe nangenhliziyo. Imikhuba enjalo emibi yokungalalelisisi ingaphumela ekungaqondanini noma ekuphunyukweni amathuba okusiza othile. Ngokuhlakulela umkhuba omuhle wokulalela ngenhlonipho, singazinikela ngokuphumelela ngokwengeziwe izindaba ezinhle, sibonise isithakazelo esingenabugovu uJehova anaso kwabanye, futhi sisize abanye bahlakulele ubuhlobo obuhle noMdali wethu onothando nabantu bakhe.—Jak. 1:19; gZU75 5/22 kk. 15-7.