IZindaba Ezingokwasezulwini
◆ IAntigua yaba nenani eliphakeme labamemezeli abangu-274 ngoNovember, okuwukwanda ngamaphesenti angu-14.
◆ ILebanon yaba nomhlangano wayo wesigodi ngoNovember okwakukhona kuwo abangu-3794, futhi kwabhapathizwa abangu-111.
◆ Okuvelele embikweni wangoNovember ovela ePeru yingqikithi yamaphayona angu-8440. Lelinani limelela amaphesenti angu-24 abamemezeli boMbuso abakulelozwe.
◆ ITaiwan yaba nokwanda okungamaphesenti angu-9 ngoNovember kunabamemezeli abangu-1770 ababikayo. Baba nenani elisha eliphakeme lezifundo zeBhayibheli ezingu-2848.
◆ IThailand yaba nenani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-1164 ngoNovember. Kwaba khona izifundo zeBhayibheli ezingu-1191 ezabikwa, ezingeziningi kakhulu kunoma imuphi umbhalo ogciniwe wangoNovember.